Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 10/1 kk. 6-7
  • Izwe Elisha Liseduze!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elisha Liseduze!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IsAmbulo 21:4—“Azesule Izinyembezi Zonke”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Izwe Elingenayo Impi Ngokushesha
    I-Phaphama!—1996
  • Izinsuku Zokugcina—Bese Kuba Yini?
    I-Phaphama!—2008
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 10/1 kk. 6-7

Izwe Elisha Liseduze!

ZININGI iziphakamiso zokuqeda izinkathazo zezwe. Ngokuvamile, zidinga ukukhathalela nokubambisana, kanye nomzamo omkhulu ohlangene wezizwe zonke emhlabeni. Kunomuzwa wokuthi njengoba izimo ziba zimbi kakhulu, isidingo sokuba kube nokuvikelana okulinganayo siyophoqelela izizwe ukuba ziphinde zihlolisise izinto eziza kuqala kuzo futhi zisebenze ndawonye ukuze zakhe izwe elisha nelondlekayo. Kucatshangelwa ukuthi imali ebekelwa ezempi iyokwehliswa kakhulu ukuze kusetshenziswe ingcebo ekubhekaneni nokusongelwa kwendawo ezungezile nokuthi, njengoba kuphawulwe kwethi State of the World 1990, “kunokuba balondoloze izinhlangano zabo siqu ezinkulu zokuzivikela, ohulumeni bangathembela enhlanganweni yeUN yokugcina ukuthula eyandiswe kakhulu nenamandla, leyo engaba namandla negunya lokuvikela noma yiliphi izwe eliyilungu layo kothile osusa uthuthuva.”

Kodwa amasu anjalo ahluleka kakhulu ukuletha izimo ezilangazelelwayo ezibalwé emakhasini ethu okuqala. Amacebo nje omuntu ngeke akwelaphe ukuba nesono komuntu nokuhaha; awaluphelisi ubandlululo nemibango engokobuzwe; awaluvezi uthando olungenabugovu phakathi kwaso sonke isintu; futhi ngeke akuqinisekise ukuphela kwezifo nokufa. Ubugebengu akubhekwana nabo ngokuphumelelayo, futhi ayiphathwa nokuphathwa eyokunqoba ukwehlukahlukana okungokwenkolo nenzondo. Futhi ukuphelisa izinhlekelele ezingokwemvelo ngeke ngisho kuze kucatshangwe ngakho. Ubuzwe, namandla abo abangela izinkinga, buvunyelwa ukuba buqhubeke bukhona. Khona-ke ngokudabukisayo, kumelwe siphethe ngokuthi abantu bahlulekile ukuveza ikhambi elisebenzisekayo.

Nokho, likhona ikhambi! Empeleni, zonke lezizinto ezilangazelelwa yisintu ziye zathenjiswa, futhi isithembiso sivela kuNkulunkulu “ongaqambi amanga.” (Thithu 1:2) Ukwazi kahle lokho okumelwe kwenziwe, futhi unokuhlakanipha, amandla, nekhono lokufeza lokho akuhlosile.—IsAmbulo 7:12; 19:1.

UNkulunkulu uyathembisa: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:10, 11.

Ingabe lokhu kuyofezwa kanjani? UIsaya 11:9 uyaphendula: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.” Yebo, sonke isintu siyofundiswa “ukumazi uJehova,” futhi noma yibaphi abantu abenqaba ukuvumelana nalokho ngeke bavunyelwe ukuba bahlale futhi baphazamise ukuthula kwabanye. Umhlaba wethu omuhle ngeke usonakaliswa.

IHubo 46:8, 9, liyathembisa: “[Bonani] izenzo zikaJehova . . . Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.” (Bheka futhi noMika 4:3, 4.) Isici esibalulekile ekwenzeni ukuthula kwembulunga yonke siwukuphelisa ukwehlukahlukana okungokobuzwe. Ukusebenza ngokubambisana kuyaqinisekiswa, ngoba munye kuphela uhulumeni oyoba khona emhlabeni wonke—okaNkulunkulu. Futhi uhulumeni wakhe unguMbuso “ongasoze wachithwa.” (Daniyeli 2:44) Ngaphezu kwalokho, iNkosi yawo inguJesu Kristu ovusiwe, ongenakufa, okubusa kwakhe kuyoba ngokwahlulela nangokulunga.—Isaya 9:6, 7; 32:1.

Kodwa ingabe lokhu kuyokonakaliswa ukungapheleli umuntu akuzuza njengefa futhi kungcoliswe yizinhlungu eziqhubekayo, ukugula, usizi, nokufa? Cha, ngoba nalezi futhi kuyoba yizinto zesikhathi esidlule. IsAmbulo 21:4 siyasiqinisekisa: “Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Isono esizuzwe njengefa siyothethelelwa ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo, futhi isintu siyobuyiselwa esimweni sokuphelela. (Roma 6:23; Efesu 1:7) Futhi ngubani ongalawula kangcono amandla angokwemvelo kunoMdali wawo futhi awavimbe ukuba angalimazi isintu?—IHubo 148:5-8; Isaya 30:30.

Izinto umuntu angaba nethemba lazo futhi angacabanga ngazo, uNkulunkulu uyozinikeza. Kodwa nini? Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi kuyoba nezinguquko ngesikhathi lapho izizwe ziyoba “nolaka” futhi umuntu ‘eyobhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Izinsuku zokugcina zezwe elidala zazizophawulwa “izikhathi ezinzima”—eziphumela ezimweni eziba zimbi ngokwengeziwe esizibonayo njengamanje. (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Futhi uJesu wabikezela ukuthi isizukulwane esibona lezizinto sasiyoba isizukulwane esiyobona ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu.—Mathewu 24:3-14, 32-34.

Zinike isikhathi sokuba uhlole lezozithembiso ezibhalwe eBhayibhelini. Ngoba kuleliphuzu, kokubili abantu abanolwazi noNkulunkulu bayavuma: Manje sekuyisikhathi sezwe elisha!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela