Abathweswa Iziqu EGilead Bakhuthazwa Ukuba Bahlakulele Amakhono Amahle Okudlulisela Ukwaziswa
NGESONTO, ngoMarch 4, 1990, abantu abangaphezu kuka-4 100 bagcwala eHholo Lomhlangano loFakazi BakaJehova laseJersey City beze esimisweni sokuthweswa iziqu kwekilasi lesi-88 leWatchtower Bible School of Gilead. Abangu-24 ababethweswa iziqu babevela emazweni angu-6 futhi manje base bethunyelwa emazweni angu-13.
Isimiso saqala ngo–10:00 a.m. Ngemva kwengoma, uGeorge Gangas, manje oneminyaka engu-90 ubudala futhi oyilungu leNdikimba Ebusayo, wavula ngomthandazo wentshiseko kuJehova. Ngemva kwalokhu, usihlalo, uC. W. Barber, naye oyilungu leNdikimba Ebusayo futhi owathola iziqu ekilasini laseGilead lesi-26, waxoxa kafushane ngezinye zezinguquko ezisheshayo ezenzeka ezweni. Waphetha ngokuthi: “Akukaze kube khona ithuba elihle kangaka lokuba ofakazi bobukhulu bukaJehova nokulunga kwakhe.” Khona-ke wethula izikhulumi ezihlukahlukene ezisesimisweni sasekuseni.
UVernon Wisegarver, ilungu leKomiti Yefekthri eBrooklyn, wakhetha isihloko esithi “Yiba Nekhono Emsebenzini Wakho.” Esebenzisa umfanekiso womakhi wezinto zensimbi wasedolobhaneni elithile owakha iketango eliqinile, okwathi lapho liboshelwe ehangeni, lasindisa ukuphila kwabo bonke ababesemkhunjini ngesikhathi kunesiphepho, wafanisa abathweswe iziqu eGilead nalowomakhi wezinto zensimbi. Ngokufundisa abantu iBhayibheli, bayobasiza ukuba bakhe iketango lezimfanelo zokwesaba uNkulunkulu elisindisa ukuphila, besebenzisa amakhono abawathuthukise lapho beqeqeshwa eGilead. Wakhuthaza abathole iziqu ukuba baqhubeke belola amakhono abo okufundisa futhi bame phambi kweNkosi enkulu kunawo wonke ‘njengezisebenzi eziyizingcweti.’
Ngokulandelayo, uJohn Barr, ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhuluma ngesihloko esithi, “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle.” Amazwi akhe ayesekelwe kumaHubo 34:8 athi: “[Nambithani, NW] nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowomuntu ophephela kuye.” Wabayala: “Nambithani zonke izinto ezabelweni zenu zobuthunywa bevangeli. Kuzameni konke. Ningasesabi. Khona-ke niyokwazi ukubona ubuhle bukaJehova ngendlela eningakaze niyibone ngaphambili. Ningalokothi nikhethe. Ningasho ukuthi, ‘angikuthandi lokhu.’ Kunambitheni.”
UCharles Woody, ilungu leKomiti Yomnyango Wenkonzo WaseBrooklyn, wakhuluma ngaphansi kwesihloko sakhe ayesikhethile esithi, “Ukugcina Umbono Olinganiselwe Ngathi Ngokwethu.” Wathi: “Siyakujabulela ukuba kanye nabantu abanombono olinganiselwe ngabo ngokwabo, abangafuni ukuba ngaso sonke isikhathi izinto zenzeke ngendlela yabo, abasheshayo ukutusa nokwakha abanye, futhi abathi, nakuba benolwazi, bangabenzi abanye bazizwe sengathi abanalo.” Waqhubeka wathi: “Njengezithunywa zevangeli nizofuna ukukhangela abantu eqinisweni, hhayi ukubaxosha kulo. Isimo senu sokuthobeka siyoba usizo olukhulu ekufezeni lokhu.”
Ngokulandelayo, uLyman Swingle, ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhuluma ngaphansi kwesihloko esithi: “Izahluko Ezilandelayo, Zizositshelani?” Waqala ngokuthi: “Namuhla niqala isahluko esisha ekuphileni kwenu. Yini enizoyibhala kulezizahluko kusukela manje kuya esikhathini esizayo?” Wabakhumbuza: “Yonke into eniyenzayo kufanele ilethe udumo kuJehova,” wayesenezela: “Qinisekani ukuthi izinqumo zenu zisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Khumbulani izAga 3:7, ezithi: ‘Ungabi-ngohlakaniphileyo emehlweni akho.’ Funyanwani nithembekile ekufezeni izabelo zenu.” Waphetha ngokuthi: “Sithemba ukuthi ngeke niqede ukubhala umlando wokuphila kwenu, ukuthi niyophila phakade.”
Ngokulandelayo, uJack Redford, omunye wabaqeqeshi bakulesikole, wayala abathole iziqu: “Yibani Imihlatshelo Ephilayo.” Waqala ngokuthi: “Inkonzo yobuthunywa bevangeli iwukuphila kokuzidela. . . . Siyanithanda ngenxa yomoya wenu wokuzidela.” Ecaphuna kweyabaseFilipi 2:17, (NW) lapho umphostoli uPawulu athi khona uthululwa njengomhlatshelo, esho ukuthi wayezimisele ukuzikhandla njengomnikelo ophilayo, wathi: “Kodwa ngokuvamile izithunywa zevangeli zifana kanjani neminikelo?” Wabe eselandisa imifanekiso emibili lapho izithunywa zevangeli zazikhandla khona ngaphezu kokudingekile. Esinye senza izitini ezingu-16 000 ngezandla zaso futhi sakha iHholo LoMbuso lokuqala ezweni esasabelwe kulo. Omunye umfanekiso wawuphathelene nodade owahambisana nomyeni wakhe ukuya emahlathini, lapho izimo zokuphila zingaphucukile neze khona. Bonke odade bendawo bamazisa ngoba baqaphela ukuthi wayezidela ‘njengomhlatshelo ophilayo.’ Kodwa futhi isikhulumi sakhumbuza abafundi ukuthi ukuzidela akusizi lutho uma kungahambisani nokulalela. Esebenzisa indaba yeNkosi uSawule nama-Amaleki, wayala: “Khumbulani njalo ukuthi ukulalela kungcono kunomhlatshelo. Ningalokothi nizame ukuqophisana noJehova. Njalo yenzani lokho anitshela ukuba nikwenze.”
Usihlalo wabe esethula omunye umqeqeshi wesikole, u-Ulysses Glass. UMzalwan’ uGlass waqala ngokuthi: “Ikilasi lesi-88 beliyikilasi elijabulayo futhi liseyilo. Namanye amakilasi abengajabulayo. Pho, kungani injabulo yenu ingevelele?” Wabonisa ukuthi “injabulo ayisiwo umgomo kodwa iwumphumela wemisebenzi elungile. Isenzo sokufika lapho esiletha umvuzo.” Wacaphuna umbhali okuphila kwakhe kwashintshwa ukubona amazwi athi: “Impumelelo iwuhambo, ayiwona umgomo.” Lowombhali wafunga ukuthi akasayikuphinde alinganise injabulo ngesisekelo sokuthi uyifinyelele yini imigomo kodwa uyobheka konke ukuphila kwakhe njengohambo oluqhubekayo. Wathi: “Ayikho indlela eya enjabulweni. Injabulo iyindlela.” UMzalwan’ uGlass wathi lelikilasi liwutholile umqondo walawomazwi. Waphetha ngamazwi avela kuyiHubo lama-84 wathi: “Qhubekani nihamba ezindaweni ezinamanzi amaningi. Kungakhathaliseki ukuthi nihlangabezana naziphi izinkinga, sengathi ningaqhubeka ninenjabulo engeyalabo abathanda nabesaba uJehova.”
Khona-ke kwalandela inkulumo eyisihluthulelo yangalokho kusa, eyabekwa elinye ilungu leNdikimba Ebusayo, uKarl Klein, owakhetha isihloko esithi “Ukuhlakulela Ukudlulisela Ukwaziswa KobuKristu.” Waqala ngokukhumbuza bonke ukuthi uJehova ungumdluliseli wokwaziswa omkhulu kunabo bonke. INdodana yakhe ezelwe yodwa, uLizwi, yasetshenziswa njengoMkhulumeli kaJehova Oyinhloko, futhi yadlulisela ukwaziswa okuqondene nentando kaNkulunkulu nemiyalo yakhe endalweni yasemhlabeni. Lapho uJesu esemhlabeni, izixuku zamangala ngendlela yakhe yokufundisa. Zazingakaze zimuzwe umuntu ekhuluma njengaye. KuMathewu 28:19, 20, uJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba babe abadluliseli bokwaziswa abanekhono ngokuba baye ezweni, bafundise imiyalo yakhe kwabanye nabo bebenza abafundi.
Khona-ke, ekhuluma ebhekise ezithunyweni zevangeli zesikhathi esizayo, uMzalwan’ uKlein wathi kunezindawo ezine izithunywa zevangeli okumelwe zizikhathalele ekuhlakuleleni amakhono azo okudlulisela ukwaziswa: phakathi kwendoda nomfazi, nabanye ekhaya lezithunywa zevangeli, nalabo abasehhovisi legatsha lalapho babelwe khona, nalabo abahlangana nabo enkozweni yasensimini. “Uqala ukudlulisela ukwaziswa ngaphambi kokuba uvule umlomo,” kusho uMzalwan’ uKlein. “Isimo sakho nokuzilungisa kwakho kudlulisela imibono ethile kumninikhaya.” Wabe esenikeza imifanekiso eminingana ukuze afakazele iphuzu lakhe wayesephetha ngaleziyalo: “Yibani ngabathobile engqondweni. Gcinani imizila yokukhulumisana ivulekile. Lwelani ukuba abantu abakwazi kangcono ukudlulisela ukwaziswa.”
Ngemva kokuba kufundwé imikhonzo, usihlalo wanikeza umfundi ngamunye idiploma. Khona-ke ikilasi lethula izwi lesinqumo elibhekiswe eNdikimbeni Ebusayo nasemkhayeni waseBethel, elafundwa uPaul Angerville waseGuadeloupe.
Isimiso santambama saqala ngeSifundo SeNqabayokulinda. Ngemva kwalokho, abafundi bethula isimiso esanikeza izilaleli ithuba lokubona umoya wasemakilasini abo, ukubona imibuthano yabo ekhululekile emakamelweni abo, nokuba bezwe okunye kokuhlangenwe nakho kwabo kwasensimini kusukela bafika eGilead ezinyangeni ezinhlanu ngaphambili. Ekugcineni kwaba nedrama enhle enesihloko esithi Ukwenza Okuhle Emehlweni KaJehova. Idrama yayidlalwa abamemezeli baseBandleni LaseLyndhurst, eNew Jersey. Usuku lwaphela ngengoma yokuphetha, eyalandelwa umthandazo owenziwa uFred Franz, umongameli weNhlangano oneminyaka engu-96.
[Ibhokisi ekhasini 27]
IMINININGWANE YEKILASI
Inani lamazwe abavela kuwo: 6
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 13
Inani labazalwane abangashadile: 2
Inani lemibhangqwana eshadile: 11
Inani labafundi: 24
Isilinganiso seminyaka yobudala: 32,7
Isilinganiso seminyaka yokuba seqinisweni: 14
Isilinganiso seminyaka yokuba senkozweni yesikhathi esigcwele: 9
[Isithombe ekhasini 26]
IKilasi Lesi-88 Elithweswa Iziqu LeWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, izinombolo zezinhlu zisuka phambili ziye emuva, kuthi amagama ahlelwe kusukela ngakwesobunxele kuya ngakwesokudla ohlwini ngalunye. (1) Magney, D.; Rogers, L.; Foster, S.; Foley, R.; Untch, L.; Jonasson, G. (2) Buri, H.; Buri, B.; Krammer, M.; Hudson, D.; Underkoffler, J. (3) Angerville, P.; Olsson, M.; Jones, A.; Untch, R.; Krammer, A.; Hudson, C. (4) Foley, L.; Magney, J.; Jones, A.; Jonasson, H.; Foster, M.; Rogers, M.; Underkoffler, R.