Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 6/1 k. 29
  • Ukufakaza Ngokwethukela Kuthela Isithelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufakaza Ngokwethukela Kuthela Isithelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxenye 2​—Sebenzisa Wonke Amathuba Okufakaza
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Khuluma Ngenkazimulo Yobukhosi BukaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ingabe Ukulungele Ukushumayela Ngokwethukela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ungafakaza Ngokwethukela!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 6/1 k. 29

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukufakaza Ngokwethukela Kuthela Isithelo

UJESU waqalisa ingxoxo eyaholela ebufakazini bokwethukela kodwa obaphumelela kakhulu lapho ethi kowesifazane waseSamariya emthonjeni: “Ngiphuzise.” (Johane 4:7) Ngokufanayo nathi namuhla singaphumelela kakhulu uma siwaphaphamele wonke amathuba okufakaza ngokwethukela. Omunye umzalwane eAustralia waqalisa ingxoxo yokwethukela ngokufunda incwadi yetekisi losuku ebhentshini lasepaki. Indoda ethile eyayinelukuluku lokwazi yayibona lencwadi futhi yathi nayo iyayithanda imiBhalo. YayingumKatolika owayengasayi esontweni owayefundiswe imfundiso yokuziphendukela kwemvelo esikoleni samaKatolika futhi manje owayengasazi ukuthi yini okwakufanele ayikholelwe. Lomzalwane wahlela ukuyitholela incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?a Ezinsukwini ezimbili kamuva wayisa lencwadi lapho lendoda yayisebenza khona, kodwa wangayifica. Unobhala wayo wavele wayidumela lencwadi, ethi: “Besiyilindele lencwadi.”

Ngemva kwamahora amabili lomzalwane wathola ucingo luvela kulendoda icela ezinye izincwadi ezimbili ezithi Creation futhi icela uFakazi ukuba ayivakashele ehhovisi layo. Lapho lomzalwane eya kulelohhovisi, wathola lendoda inabanye ababili. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli nabo, kuhlanganise nonobhala, futhi kwahlelwa ukuba lomzalwane afike kabili ngesonto. Emasontweni alandela, intombi yalendoda, ‘umKristu osindisiwe,’ yayilokhu ithumela izincwadi ibuza imibuzo yeBhayibheli. Ekugcineni, yahlanganyela esifundweni, njengoba kwenza umuntu lendoda eyayiqhuba naye ibhizinisi nomngane wakhe, owayeyisazi sokuziphendukela kwemvelo.

Baqhubeka nokutadisha kwabo iBhayibheli njalo izinyanga ezinhlanu, isifundo sesibili sasiqhutshelwa epaki isonto ngalinye. Khona-ke isoka likanobhala lahlanganyela kuleliqembu lesifundo. Ngokushesha ngemva kwalokho, umuntu lendoda yokuqala eyayiqhuba naye ibhizinisi nomngane wakhe, bathuthela eIdaho eUnited States, lapho baqhubeka khona befunda. Emasontweni ambalwa kamuva, indoda yokuqala yahlangana nomuntu engamazi, owabuza ukuthi ziphelelephi izingxoxo zeBhayibheli ebeziba sepaki. Ngokusobala, wayelalela lapho befunda. Kwenziwa amalungiselelo okuba naye afunde.

Waba yini umphumela wakho konke lokhu? Ezinyangeni eziyishumi nesishiyagalombili kusukela esikhathini sokubonana kokuqala epaki, lendoda yokuqala nentombi yayo, eyayikade ‘ingumKristu osindisiwe,’ base beshadile futhi babhapathizwa. Unobhala nesoka lakhe nabo bashada futhi babhapathizwa. Owayeqhuba ibhizinisi nendoda yokuqala kanye nomngane wakhe abathuthela eUnited States babhapathizwa, futhi omunye wabo manje ukhonza njalo njengephayona elisizayo. Lona owayelalela izingxoxo zeBhayibheli zasepaki waqhubeka nezifundo zakhe. Ngemva kwalokho wathuthela eIreland, lapho ayebheke phambili ekubeni abhapathizwe!

Konke lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi umzalwane wasisebenzisa ngokugcwele isikhathi sakhe sokudla kwasemini ukuze afakaze ngokwethukela, futhi uJehova wayibusisa imizamo yakhe. Kwangathi nathi ngokufanayo singawasebenzisa wonke amathuba ukuze sisakaze izindaba ezinhle kulabo abalambele isigijimi soMbuso kaJehova!

[Umbhalo waphansi]

a Ikhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela