Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 12/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izikhonzi Zezindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Fundisa Abantwana Bakho Ukudumisa UJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 12/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Uma kucatshangelwa ukwaziswa okusha mayelana nabantu abangabhapathiziwe abaqalisa enkonzweni yasobala, ingabe umfundi weBhayibheli angamenywa ukuba abe khona okwesikhashana ukuze abone indlela lomsebenzi owenziwa ngayo?

Ngokwesisekelo, abantu abangabhapathiziwe abahamba noFakazi BakaJehova enkonzweni yasensimini bangabantu abakufanelekelayo ukuba ngabamemezeli bezindaba ezinhle.

Abaningi emphakathini bayabahlonipha oFakazi BakaJehova ngenxa yomsebenzi wabo oyingqayizivele nomuhle ‘wokwenza abafundi, babafundise’ endlini ngendlu nangezifundo zeBhayibheli zasemakhaya. (Mathewu 28:19, 20) Khona-ke, umphakathi uyophetha ngokuthini ngomuntu ohamba noFakazi kulenkonzo? Ngokunengqondo bayophetha ngokuthi naye uyisikhonzi noma sekusondele ukuba abe yiso.

Kuyavunywa, kungase kube nezimo lapho kungase kuhluke khona.

Ngezikhathi ezingavamile abadala abafanelekayo baye bavumela intatheli yezindaba, uprofesa wasekolishi, noma abanjalo ukuba bahambe noFakazi enkonzweni yendlu ngendlu ukuze babone indlela eyenziwa ngayo. Yiqiniso, ukubonakala komuntu nezenzo zakhe ezikhathini ezinjalo akufanele kungqubuzane nezindinganiso zethu. Futhi uFakazi angase afune ukucacisela umninikhaya ukuthi lomuntu ahamba naye uyintatheli noma unguprofesa othanda ukubona ukuthi siwenza kanjani umsebenzi wethu weBhayibheli obalulekile.

Futhi, abazali abangamaKristu beza nabantwana babo kulenkonzo ngisho nakuba besebencane kakhulu noma bengakakulungeli ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Labazali nabo ababashiyi abantwana babo benganakiwe. Ukuba nabo enkonzweni yasensimini kuvumela abazali ukuba bakhulume nabantwana babo ngeZwi likaNkulunkulu nangezindlela zakhe njengoba ‘behamba endleleni.’ (Duteronomi 6:4-7) Kodwa lokhu kuyisici sokuphila komkhaya wamaKristu, akuyona indaba kaFakazi oletha omunye umuntu oyisibukeli nje. Yiqiniso, ukuqeqesha okunjalo kwabazali kulungiselela abantwana isikhathi lapho beyodumisa khona uJehova njengabamemezeli.—Mathewu 21:15, 16; qhathanisa nencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 99, 100.

Nokho, kuthiwani ngomuntu uFakazi afunda naye iBhayibheli, umuntu osendleleni yokuba ngumfundi? Unesizathu esihle sokuxoxela izihlobo zakhe, asebenza nabo, omakhelwane, nabanye “ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu” ayifunde emiBhalweni. (IzEnzo 2:11) Kwethenjwa ukuthi kuyofika isikhathi lapho esibona khona isidingo sokuhlanganyela noFakazi BakaJehova emalungiselelweni ahleliwe ‘okushumayela izwi likaNkulunkulu.’—IzEnzo 13:5.

INqabayokulinda muva nje iye yahlela izinyathelo ezifanelekile ngaphambi kokuba umfundi onjalo ahlanganyele noFakazi bebandla kulenkonzo, abe ummemezeli ongabhapathiziwe. Kungokunengqondo ukuthi kufanele abe nolwazi oluyisisekelo lweBhayibheli, kufanele aziqonde futhi avumelane nezindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha, futhi kufanele afise yena siqu ukuhlanganyela enkonzweni yasobala noFakazi BakaJehova. Ngakho, abadala ababili bebandla bangaba nengxoxo ewusizo nekhuthazayo naye ngamaphuzu anjalo kanye noFakazi otadisha naye iBhayibheli.a Lokhu kufanele kwenziwe ngaphambi kokuba umfundi weBhayibheli amenywe ukuba ahambisane nommemezeli enkonzweni yasensimini ukuze athole ukuqeqeshwa okuqhubekela phambili.

Kuyaqondakala ukuthi lapho umfundi ekufanelekela ukuba aphume enkonzweni yasensimini bese ekwenza ngokokuqala ngqá, izikhathi ezimbalwa angase afune ukuhamba nalommemezeli ukuze afunde indlela umsebenzi wokushumayela owenziwa ngayo. Isikhonzi esihamba naye singase simnikeze ukuqeqeshwa okuthuthuka kancane kancane, njengokumcela ukuba asize okwesikhashana ngokufunda imibhalo, khona ngesikhathi esifanele amvumele ukuba ahole ekufakazeni kumninikhaya. Kanjalo, angase alethe umbiko wakhe wenkonzo yasensimini lapho esehlanganyela ngempela ekufakazeni. Ukuba kwakhe nengxenye eyandisiwe ngokuthuthukayo emsebenzini kuvumelana namazwi kaJesu athi: “Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba-njengomfundisi wakhe.”—Luka 6:40.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole imininingwane, bheka INqabayokulinda kaNovember 15, 1988 amakhasi 16, 17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela