Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 12/1 kk. 28-30
  • Ngagibela Intaba Enhle Kunazo Zonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngagibela Intaba Enhle Kunazo Zonke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphelelwa Isithakazelo
  • Isifundo SeBhayibheli
  • Ukufakaza Kwabanye
  • Ukukhonza UJehova Entabeni Yakhe Engcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • IMatterhorn Eyingqayizivele
    I-Phaphama!—1996
  • Okwenza Ukuba Sizidinge Izintaba
    I-Phaphama!—2005
  • “Umkhulu Ngokubabazekayo Kunezintaba”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 12/1 kk. 28-30

Ngagibela Intaba Enhle Kunazo Zonke

NGAZALELWA futhi ngakhulela edolobhaneni elincane ezintabeni zaseMpumalanga Yurophu. Abazali bami babengamaRoma Katolika, kodwa abazange bangiyise esontweni, futhi ekhaya sasingathandazi ndawonye noma sikhulume ngenkolo. Ngakho, njengenye intsha eningi, ngasebenzisa isikhathi namandla ami kwezemidlalo, imfundo, nokuvakasha.

Edolobheni lakithi, kwakuneqembu elikhuthele kakhulu labagibeli bezintaba elaliholwa indoda enomusa, engumakadebona eyayazi okuningi ngezintaba. Ngiyayibonga, ngoba ngaba nekhono elikhulu ekugibeleni izintaba. Ngangineminyaka eyi-18 ngalesosikhathi, futhi ngokushesha ngakuthanda ukubonakala okuhle kwezinto ngiseziqongweni eziphakeme, ukujabulela ukubhekana ngesibindi nezimo eziyingozi nokusinda kuzo, nobungane nabanye ababehlanganyela izingozi ezinjalo.

Ngikhumbula ngesinye isikhathi ngemva kokuba sengibe naleliqembu iminyaka emihlanu. Ngangigibela intaba lapho kwakulula khona, ngayeka ukugxilisa ingqondo yami ngesikhathi nje lapho ngifinyelela esiqongweni. Njengoba ngangisondela phezu kwedwala, laqala ukuxega. Ukuphela kwengangingakwenza kwakuwukugxumela eceleni futhi ngimemeze ngixwayisa umgibeli okanye nami. Idwala eligingqikayo lanqamula intambo eyayisibophele ndawonye, futhi ngawa. Ngokujabulisayo, ukuwa kwami kwanqandwa indawo evundlile enotshani obuncane eyayingamamitha amane ngezansi. Nokho, izinto aziphumeleli ngaso sonke isikhathi kahle kangako kulomdlalo!

Lapho ngineminyaka engama-24 ubudala, ngaphothula eyunivesithi futhi ngaba umholi weqembu elincane labagibeli bezintaba edolobheni lakithi. Ngemva kwesikhashana, saqongelela imali yokuthenga ibhasi elincane ukuze thina nezinto esizisebenzisayo sikwazi ukuya ezintabeni ezikujana. Kodwa lelobhasi lalisesimweni esibi, futhi ngachitha izinyanga ezintathu, imini nobusuku, ngililungisa. Kwathi selilungile, sonke safuna imisebenzi eyingozi eholela kahle, njengokusebenza endaweni ephakeme kwezokwakha, futhi ngalendlela ekugcineni saqongelela imali eyanele yokuthatha uhambo lokuya eIran. Lapho, ngo-1974, sagibela intaba-mlilo engamamitha ayizi-5 800 ubude ebizwa ngokuthi iDamavand. Nakuba ukugibela kwaqala kwaba lula impela, ngasenhla kwadingeka sibekezelele iqhwa elishonayo, ukuntuleka komoya ngenxa yokuphakama, nentuthu enobuthi ephuma ezimbontsheni zentaba-mlilo.

Endleleni ephindela ekhaya sisebhasini, sahlela ukugibela iNtaba iArarat kodwa kwadingeka sikuchithe lokho ngenxa yezimpikiswano zezombangazwe. Ngo-1975 saya koshibilika eqhweni ezintabeni zaseAlps eAustria, futhi ngesikhathi esifanayo, sasungula umncintiswano wezithombe wezwe lonke esawubiza ngokuthi “Men and Mountains.” Lomncintiswano usaqhutshwa unyaka ngamunye. Sonke sasinomuzwa wokuthi ukuphila kwethu kwakumatasa futhi kwanelisa.

Ukuphelelwa Isithakazelo

Nokho, lapho ngiba neminyaka ecishe ibe ngama-30, ngaqala ukucikwa ukugibela izintaba futhi ngazibuza: ‘Ingabe ngempela yilokhu kuphela okukhona ekuphileni?’ Abanye bangitshela ukuba ngishade, kodwa nganginabangane abashadile, futhi babengabonakali bejabule kangako. Ngisho nemibhangqwana ebuhlobo bayo bakheka ngenkathi yezingozi nezinjabulo zokugibela izintaba yayibonakala ilahlekelwa injabulo yayo esimweni esingokoqobo sokuphila kwansuku zonke. Ngangingazi ukuthi kungani imishado yayo ingajabuli, kodwa njengoba nami ngangifuna ukushada, ngangingafuni ukungajabuli njengayo.

Ngaphezu kwalokho, ngaqaphela ushintsho entsheni eyayigibela izintaba. Ngaphambili, kwakulokhu kunomoya wokuziqoqa, ukubambisana, nobuhlobo emakamu aseAlps abagibela izintaba. Manje, abafana abasebasha futhi abangenakho okuhlangenwe nakho babengaqoqekile futhi benganeliswa ukuthuthuka kancane kancane. Babefuna ukubukisa nokugibela lapho kunzima kakhulu futhi kuyingozi khona ngabo. Njengoba ngangizizwa ngiphelelwa isithakazelo ngokwengeziwe, ngaba nezingxoxo ezinde, ezijulile nomngane wami uBonjo. Ekugcineni wasikisela ukuba ngikhulume nesasigibela naye izintaba, uHenry.

UHenry wangiboleka incwadi ethi, IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, futhi lapho ngiyifunda, ngamangazwa ukubona indlela eyayixoxa ngayo ngemibuzo engangikade ngizibuza ngayo enhliziyweni yami. Kwatholakala ukuthi uHenry wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngakho ngabuza ukuthi ngangingahlanganyela yini. Wavuma, futhi eminyakeni emibili ngaba matasa esifundweni esijulile seBhayibheli nanoma iyiphi incwadi yeBhayibheli engangingase ngiyithole.

Isifundo SeBhayibheli

Njengoba ulwazi lwami lwalujula, ngezwa injabulo yami ikhula. Ngangijwayelene kancane kuphela nenkolo yamaRoma Katolika, kodwa ngamangazwa ukubona ukuthi ubuKristu beBhayibheli babungaxhomekile emikhosini, emasikweni, nasemizwelweni yokungabi nangqondo. Kunalokho, babuhilela izindinganiso eziphakeme zokuziphatha ezazithinta zonke izici zokuphila komKristu. Ngaphezu kwalokho, ngamangazwa ukubona ukuthi iBhayibheli linengqondo ngempela futhi aliphikisani nezimfundiso ezingokwesayensi ezifakazelwa ngokuqinile.

UFakazi owayehola ezingxoxweni zethu noHenry akasiphoqelelanga ukuba sishintshe imibono yethu nendlela yethu yokuphila. Akwenza nje ukuchaza ngokucacile okushiwo yiBhayibheli. Ngakho-ke, ngaqhubeka ngigibela izintaba kuleyominyaka emibili yokuqala ngiqalile ukutadisha. Kodwa njengoba ulwazi lwami lwalujula, ngaqala ukuqaphela ukuthi kimi ukugibela izintaba kwakunjengokuluthwa. Ingozi yaleliyadwala elagingqika yangikhumbuza futhi amazwi kaJesu kuSathane lapho uSathane emlinga ukuba aziwise esiqongweni sethempeli: “Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.” (Mathewu 4:5-7) Ngaqaphela ukuthi lomsebenzi wawubonisa ukungakuhloniphi ukuphila engikunikwe uJehova.

Ngakho-ke ngadlulisela umthwalo wokuhola iqembu lethu labagibeli bezintaba komunye umgibeli ongumakadebona futhi ngathola ukuthi kwakungenzima ukusuka ekugibeleni izintaba ngiye ebuKristwini. Njengoba ngaphisana noma ngathengisa ngamathuluzi ami—izicathulo zokushibilika eqhweni, izinsimbi zokugibela, izinsimbi ezibamba intambo, izando, izipikili ezingamahuku, nezembe lokuqhephula iqhwa—ngingasho ngobuqotho ngithi, ngokwamazwi omphostoli uPawulu, kimina manje ayesemane ‘eyinqwaba yezibi.’ (Filipi 3:8) Umuzwa wokwaneliseka okujulile wangifikela njengoba ngakwazi ukuhlanganyela emsebenzini omkhulu wokudumisa igama likaNkulunkulu obala. Ngo-1977 sobabili noHenry sabonisa ukuzinikezela kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.

Ukufakaza Kwabanye

Ngalesosikhathi, kwakunamalungu cishe ayi-15 eqembu labagibeli bezintaba edolobheni lakithi, futhi kancane kancane mina noHenry safakaza kubo bonke. Yeka injabulo okwakuyiyo lapho umfowethu, naye owayeyilungu, kanye nomkakhe, beqala ukutadisha iBhayibheli futhi bebhapathizwa ngo-1981. Esikhathini esithile kamuva, uBonjo wasilandela, kanye nomunye, owesihlanu weqembu labagibeli bezintaba. Kwakungasadingeki ukuba sigibele izintaba eziphakeme. Injabulo yethu enkulu kunazo zonke kwakuwukuhambela abantu esigodini ababelazisa iqiniso leBhayibheli. Lolushintsho lwamukelwa futhi ngumama ngenkululeko enkulu, owayelokhu ekhathazeke kakhulu ngemisebenzi yami nomfowethu yokugibela izintaba. Ekugcineni, naye wahlanganyela nathi ekukhulekeleni uJehova okuhlanzekile.

Manje isifiso sami sokushada sase silahlekelwe ukuphuthuma kwaso. Ngiyalibonga iZwi likaNkulunkulu, ngazazi izimiso ezaziyongisiza ekwenzeni umshado ube impumelelo, kodwa ngase ngijabula ngokuba ongashadile okhonza uJehova ngaphandle kwesiphazamiso. USolomoni wathi: “Umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.” (IzAga 18:22; 19:14) Ngakho-ke, nganquma ukulindela uJehova ngokubekezela ukuba angiphe lesisipho, kuyilapho ngiphila ngendlela yokuba ngibe umyeni ofanelekayo uma kwenzeka. Kwakungo-1982 lapho uJehova engipha isibusiso esihle kakhulu somfazi omuhle.

Mina nomkami sisahlala ezintabeni, futhi nazo ngisazithanda. Kodwa esikukhathalela ngokuyinhloko manje kuwukusiza abantu ukuba bagibele enye intaba. Iyiphi leyontaba? Yileyo okukhulunywa ngayo esiprofethweni sikaIsaya: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.” (Isaya 2:2, 3) Yeka injabulo yokukwazi ukukhuphukela kulena, intaba enhle kunazo zonke!—Inikelwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela