“Sigcwele Amagama Enhlamba”
INCWADI yeBhayibheli yesAmbulo ichaza umbono ‘wesilo esibomvu, esigcwele amagama enhlamba.’ Sibakhona okwesikhashana, bese siya kwalasha kamuva esibuye siphume kuwo. (IsAmbulo 17:3, 8) Kaningi, amakhasi alomagazini aye afanisa lesilo esibomvu, okokuqala, neNhlangano Yezizwe, ngemva kwalokho, nomlandeli waso, iZizwe Ezihlangene. Kodwa kungani kuthiwa lesilo esibomvu “sigcwele amagama enhlamba”?
Uhlelo lokuqala lweSivumelwano seNhlangano Yezizwe, esasisekelwe ezihlongozweni zeBrithani zihlangene nezeMelika, lwamenyezelwa obala ngoFebruary 14, 1919. Ngosuku olulandelayo, ohlelweni olwalunesihloko esithi “INhlangano Yokuthula,” iTimes yaseLondon yathi: “Kuyisizathu sokuqhosha okufanele ukubona eSivumelwaneni omningi kangaka womsebenzi wamaNgisi. . . . Siqunga isibindi sokusho ukuthi siyincwadi yezizwe zonke ebaluleke kunazo zonke eyake yasakazwa.” UGeorge Thayer, umfundisi weFirst Congregational Church yaseCincinnati eUnited States, wasichaza ngokuthi “ukumenyezelwa okuphakeme kunakho konke kwentando nesifiso sabantu basemhlabeni abakhanyiselwe esake sabhalwa phansi.” Ukudumisa kwavela nasemaphepheni ezilimi zakwamanye amazwe. “Asilona iBhayibheli,” kusho iphephandaba laseFrance iL’Homme Libre, “kodwa sinamandla okuba ngaphezu kwalokho, njengoba ngisho neBhayibheli, nanoma imuphi umvangeli kungakaze kuvimbele abantu ekubulalaneni. Okucatshangwayo kuba okungokoqobo.” Iphephandaba laseFrance iVictoire lasichaza ngokuthi “siwumzamo ohlanganyelwe omkhulu kunayo yonke owake wenziwa kusukela ekuqaleni kwezwe wokumisa ukuhleleka kwengqondo nokulunga emhlabeni.”
Ngemva kokusungulwa kweNhlangano Yezizwe, uJenene Jan Smuts, omunye wabameleli beBrithani kulokho kuthunywa, wabhala: “Lesivumelwano singenye yezincwadi ezinkulu ezinamandla okukhiqiza emlandweni wesintu. . . . Kumelwe siphumelele, ngoba ayikho enye indlela yempucuko yesikhathi esizayo. . . . Ngamunye ngamunye kubantu abasengaphandle kwalesivumelwano uyolilandela lelifulege uhlanga lwesintu oluzomasha ngaphansi kwalo luye phambili ekunqobeni kwenhlangano enokuthula nempumelelo.”
Wonke amathemba anjalo abonakala engamanga lapho kugqashuka iMpi Yezwe II ngo-1939. LeNhlangano yahluleka. Yayimane nje iyinhlangano yabantu eyakhiwa amadoda angaphelele. Unjalo nomlandeli wayo, iZizwe Ezihlangene. Kodwa, ngosuku uMthetho-sisekelo weUN owasayinwa ngalo, uhlelo kuyiNew York Times lwawubiza ngokuthi “umuthi wokuthula” futhi lwathi, “Kuzelwe ithemba elikhulu . . . Kungenzeka izinto ezinkulu.” Ngokufanayo, abaholi besonto baye babiza iUN ngokuthi “ukuphela kwethemba” lokuthula nangokuthi ‘ithemba lokugcina.’
Ukunikeza izinhlangano zabantu udumo ngezinto okuwuMbuso kaNkulunkulu kuphela ongazifeza kuwukuhlambalaza. Ngakho, iBhayibheli libikezela ukuthi ngemva kokuba khona isikhathi esifushane, iZizwe Ezihlangene ‘ziyoya ekubhujisweni.’ Uhulumeni wasezulwini ophelele kaNkulunkulu kuphela ongaletha ukuthula okuhlala njalo esintwini.—IsAmbulo 17:11, 12; Isaya 9:6, 7; Daniyeli 2:44.