Ukubusa KukaNkulunkulu—Indlela Engcono Kakhulu
UMLANDO wohulumeni ukwenza kucace ukuthi abantu abangaphelele abanakuwasebenzisa ngokufanele amandla phezu kwabanye abantu. Njengoba uLord Acton waseNgilandi asho: “Amandla avama ukonakalisa futhi amandla aphelele onakalisa ngokuphelele.” Ngakho, njengoba iBhayibheli lisho: “Lapho umuntu ebusa omunye kub[a]-ngukulimala kwakhe.”—UmShumayeli 8:9.
Ekuqaleni, uJehova uNkulunkulu wanikeza umuntu ukubusa phezu kwezilwane kodwa hhayi phezu kwabanye abantu. UNkulunkulu watshela iNdodana yakhe eyadalwa kuqala emazulwini: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:26) UMdali womuntu wayewuMbusi wakhe. Pho, kwashintsha kanjani lokho?
Lapho umuntu ehlubuka ensimini yase-Edene, wamenqaba uNkulunkulu njengoMbusi wakhe futhi uye waqhubeka enza kanjalo kusukela ngalesosikhathi. (Genesise, isahluko 3) Lokhu kwakusobala kwaIsrayeli wasendulo, isizwe uNkulunkulu ayesikhethe njengesakhe siqu. Lapho amaIsrayeli efuna inkosi engumuntu, uJehova watshela umprofethi wakhe uSamuweli: “Akusuwe abakulahlileyo, kepha balahlé mina, ukuze ngingabi-yinkosi phezu kwabo.”—1 Samuweli 8:7.
Ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwamaIsrayeli kwakungokomusa. Ngommeleli wakhe uMose, uJehova wawanikeza imithetho eyayibonisa ukucabangela kothando ngenhlala-kahle yawo. Yawavikela ezifweni eziningi futhi yathuthukisa ukucabangela asebekhulile, abafelokazi, nezintandane. UMthetho wawufuna inhlonipho ngempahla yabanye nokwethembeka kwezamabhizinisi. Wawululahla ubandlululo, ukufakaza amanga, nokufumbathisa. Ukubusa kukaNkulunkulu kwakulunge ngempela.
UJehova wathembisa ukubusa hhayi uIsrayeli kuphela kodwa sonke isintu. Wayezowasusa kumuntu onesono amandla okubusa abanye abantu awanikeze iNdodana yakhe ezelwe yodwa. Ebikezela lokhu, uNkulunkulu wathi esiprofethweni sikaHezekeli: “Nalokhu akuyikuba-khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.”—Hezekeli 21:27.
UNkulunkulu walinikeza uJesu Kristu ilungelo elingokomthetho lokubusa isintu njengommeleli wobukhosi bukaJehova. Ngenxa yokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu uyindlela engcono kakhulu yokubusa sonke isintu, uJesu wafundisa izilaleli zakhe ukuba ziwuthandazele. “Ngakho-ke anokhuleka kanje,” kwasho uKristu: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
Ngendlela uJesu aphatha ngayo abantu, wabonisa uhlobo loMbusi ayeyoba yilo. UKristu ngokuqinisekile wayenozwela, ngoba lapho “ebona izixuku waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) UJesu wabonisa ukujula kothando lwakhe ngabalandeli bakhe lapho ethi: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane.” (Johane 13:34) Wabathanda abantu ngokwanele ukuba anikele ngokuphila kwakhe kube isihlengo. Lowomhlatshelo wenza kube nokwenzeka ngalabo abasamukelayo ukuba bakhululwe esonweni, ekuguleni, ngisho nasekufeni.—1 Johane 2:1, 2; IsAmbulo 21:1-4.
Ebikezela indlela ukubusa kukaNkulunkulu ngoJesu Kristu okwakuyoba okulunge nokunokuthula ngayo, umprofethi uIsaya waphefumlelwa ukuba abhale: “Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube-phakade. Ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakwenza lokhu.”—Isaya 9:6, 7.
Abameleli basemhlabeni bokubusa kukaNkulunkulu bayofana namadoda manje abonisa izimfanelo zikaJesu zothando njengababonisi ebandleni lobuKristu leqiniso. Ngokungafani nabefundisi abangomashiqela, lamadoda abonisa ukuwukhathalela ngothando umhlambi, njengoba kwenza uJesu Kristu. Ngokuqondene namadoda anjalo esaba uNkulunkulu, umprofethi uIsaya wabhala: “Bheka, kuyakuba-khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela.” (Isaya 32:1) Abameleli abanjalo bokubusa kukaNkulunkulu bayokhonza nezithakazelo zaphezulu ezweni elisha.—IHubo 45:16.
Ushintsho Olukhulu Luseduze!
Ngaphambi kokuba uMbuso kaNkulunkulu uqale ukubusa isintu ngokungaphikiswa, kumelwe kwenzeke ushintsho olukhulu. Lolushintsho luyoqeda ukwahlukana kwezizwe. Esikhundleni sohulumeni babantu abaningi abaphikisanayo, kuyoba nohulumeni owodwa wasezulwini olungile ohlanganisa isintu njengabantu abamunye abahlala ngokuthula. Ebikezela lokhu, umprofethi uDaniyeli wabhala: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
Ukubusa kukaNkulunkulu kuwukuphela kwekhambi ezinkingeni zohulumeni ezibhekene nesintu namuhla. Isimo abantu abazithola bekuso manje sisongela khona kanye ukuba khona kwabo! Futhi alikho ikhambi labantu elingasebenza. Ngakho-ke, kungaba ukuhlakanipha ukunaka ikhambi leBhayibheli nokubheka phambili ngethemba esikhathini esingekude lapho abantu abanezinhliziyo ezilungile beyojabula ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu okungabekelwa inselele nokubusisiwe.
[Isithombe ekhasini 6]
“Kuyakuba-khona iNkosi ebusa ngokulunga”