IZwi Lesinqumo
Ababekhona eMihlanganweni “Yokulunga Kwaphezulu” ngokungangabazeki kumelwe ukuba babengaphezulu kwabangonyaka ongaphambili, lapho abangu-6 443 597 babehlangene ezindaweni ezingu-1 098 emhlabeni wonke, nabangu-93 822 ababhapathizwa. Inkulumo ethi, “Isifebe ‘Esinyanyekayo’” eyanikezwa kuyo yonke iMihlangano “Yokulunga Kwaphezulu,” yalandelwa ukukhululwa kwencwadi enemifanekiso emihle enamakhasi angu-320 ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngezilimi ezingaphezu kwezingama-20 Isikhulumi satshela izilaleli zaso: “Yisebenziseni ngokungcwele lencwadi ezifundweni zenu siqu nakwezebandla. Yisebenziseni futhi, ekumemezeleni emhlabeni ukuthi iBabiloni Elikhulu lilalihliwe, ukuthi izizwe manje zibhekene neArmagedoni, nokuthi umvuthwandaba omkhulu uyofinyelelwa ekubuseni koMbuso kaJehova okukhazimulayo ngoKristu nomlobokazi wakhe. Niyokujabulela ukuzwa nokubona lezizinto, ‘ngoba isikhathi esimisiwe siseduze’!”—IsAmbulo 1:3.
Thina, ebesiphila ‘osukwini lweNkosi’ kusukela ngo-1914 nakulesikhathi sokwahlulela kwaphezulu, siyajabula ngelungelo elihle kunawo wonke, lelo lokukhonza iNkosi enguMbusi uJehova ngaphansi kweNkosi yayo yamakhosi, uJesu Kristu. (IsAmbulo 1:10) NJENGOFAKAZI BAKAJEHOVA, siyafakaza ukuthi:
(1) SIYASENYANYA isihlamba iBabiloni Elikhulu, ikakhulukazi eLobukholwa, eliye lasithela egameni likaNkulunkulu oyedwa weqiniso nophilayo, uJehova. Ngokwethu, SIVUMA ngenhliziyo yonke, ngamazwi esAmbulo 4:11 ukuthi: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla.”
(2) SIYAKWENYANYA ukunamathela kweLobukholwa ezimfundisweni zobuBabiloni, ikakhulukazi lezo zikankulunkulu onguziqu-zintathu, ukungafi komphefumulo womuntu, ukuhlushwa phakade esihogweni, isihlanzo somlilo, nokukhulekelwa kwezithombe—ezinjengoMariya oyiNcasakazi nesiphambano. Ngokuvumelana nesAmbulo 22:18, 19, SINAMATHELA NGOKUQINILE eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe nakukho konke elikuqukethe.
(3) SIYAWENYANYA amafilosofi nemikhuba emelene noNkulunkulu,okwande kangaka kweLobukholwa, njengokuziphendukela kwemvelo, ukumpontshelwa kwegazi, ukukhishwa kwezisu, ukuqamba amanga, ubugovu, nokungathembeki. Ekukhulekeleni kwethu nasendleleni yethu yokuphila, SIYODUMISA uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke, ozindlela zakhe zichazwe kusAmbulo 15:3 ngokuthi “zilungile, ziqinisile.”
(4) SIYAKWENYANYA ukwehluleka kweLobukholwa ukulalela izigijimi zikaJesu eziya emabandleni ayisikhombisa kusAmbulo izahluko 2 no-3 ezindabeni ezinjengokudala amahlelo, ukukhulekela izithombe, ubufebe, ithonya likaJezabeli, ukuba sivivi, nokuntula ukuqapha. Ngokwethu, SIYOZWA FUTHI SILALELE lokho “akushoyo uMoya emabandleni.”
(5) SIYAKWENYANYA ukuziphatha okubi nokuyekelela okukweLobukholwa naphakathi kwabefundisi balo, futhi samukela isahlulelo sikaJehova esicacile esishiwo kusAmbulo 21:8 sokuthi labo abaqhubeka ekungcoleni kwabo—izifebe, abaqambimanga, nabanye abanjalo—bayobhujiswa ngokuphelele. SIZISEKELA NGENHLIZIYO YONKE izindinganiso zeBhayibheli ngobulili, umshado, nokuphila komkhaya.
(6) SIYABENYANYA ubundindwa obungokomoya bamakhulu amaningi eminyaka babefundisi beBabiloni Elikhulu ekuzimbandakanyeni nababusi bezwe ukuze bazuze amandla, ingcebo, nokubusa okucindezelayo phezu kwabantu abaphansi. SENZA ISINQUMO sokusiza abanhliziyoziqotho ukuba balalele isimemezelo sengelosi esikusAmbulo 18:4: “Phumani kulo, bantu bami.”
(7) SIYALENYANYA icala elikhulu legazi eliwumphumela wokunikelwa empini kokuphila okungaphezu kwezigidi eziyi-100 kulelikhulu leminyaka kuphela, okuhlobene ikakhulukazi nobufebe besifebe esikhulu nemibuso yezombangazwe. SIYAJABULA ngokuthi siseduze isikhathi esimisiwe sokuba uNkulunkulu akhiphe isijeziso eBabiloni Elikhulu, njengoba kushiwo ngokucacile kusAmbulo 18:21-24.
NjengoFakazi BakaJehova SIKUBHEKA NJENGOKUYINJABULO NOKUYILUNGELO ukumemezela emhlabeni ukuthi ngo-1914 “umbuso wezwe usungoweNkosi yethu [uJehova] nokaKristu wayo.” (IsAmbulo 11:15) SENZA ISINQUMO sokuqhubekela phambili ngesibindi ekwaziseni ngezahlulelo zikaJehova ezimenyezelwe eBabiloni Elikhulu nasekuxwayiseni ngokusondela kwempi kaNkulunkulu yeArmagedoni. SIZIMISELE ukunanela, ngezwi elikhulu kuzo “zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu,” izindaba ezinhle zokuthi “izulu elisha nomhlaba omusha” kuseduze ukuzobusisa isintu esilalelayo. (IsAmbulo 14:6; 21:1) SIYAJABULA ukuthi ngenxa yalesimemezelo, isixuku esikhulu esingaphezu kwezigidi ezintathu esivela kuzo zonke izizwe manje simunye kanye nathi kuwo wonke umhlaba. Kanye nengelosi endiza emkhathini, sonke sithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”—IsAmbulo 14:7.
Imibuzo yeSifundo ‘SeZwi Lesinqumo’:
1. Yini manje oFakazi BakaJehova abajabula ngayo?
2. Ephuzwini ngalinye emaphuzwini ayisikhombisa eZwi Lesinqumo, yisho ukuthi (a) yini oFakazi BakaJehova abayenyanyayo nokuthi (b) yikuphi ukuvuma oFakazi abakwenzayo.
3. (a) Iyiphi injabulo nelungelo oFakazi BakaJehova abanakho? (b) Siyini isinqumo soFakazi? (c) Yini futhi esizimisele ukuyenza? (d) Yikuphi ukujabula nokumemezela oFakazi BakaJehova abahlanganyela kukho?