Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 3/15 kk. 8-9
  • Isicebi NoLazaru

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isicebi NoLazaru
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isicebi NoLazaru
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indoda Eyisicebi NoLazaru
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukushintsha Kwesicebi NoLazaru
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Isicebi NoLazaru—Kwakungobani?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 3/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Isicebi NoLazaru

UJESU ubekhuluma nabafundi bakhe ngokusetshenziswa okufanele kwengcebo yezinto ezibonakalayo, echaza ukuthi asinakuba yizigqila zalokhu kodwa ngesikhathi esifanayo sibe yizigqila zikaNkulunkulu. NabaFarisi balalele, futhi baqala ukuklolodela uJesu ngoba bathanda imali. Ngakho uthi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.”

Sesifikile isikhathi sokuba izinto zibaphendukele abantu abacebile ngokwezinto zezwe, ngamandla ezombangazwe, ngokulawula nethonya elingokwenkolo. Bazothotshiswa, bese kuthi labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya baphakanyiswe. UJesu ukhomba oshintshweni olunjalo uma eqhubeka ethi kubaFarisi:

“Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane [uMbhapathizi]; kusukela kulesosikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo. Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuwe ibalana elilodwa lomthetho.”

Ababhali nabaFarisi bayaqhosha ngokuzisholo kwabo ukuthi babambelele eMthethweni kaMose. Khumbula ukuthi lapho uJesu evula amehlo endoda ethile eJerusalema, baqhosha ngokuthi: “Thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose.” Kodwa manje uMthetho kaMose usuyifezile injongo yawo ehlosiwe yokuqondisa abathobekileyo eNkosini kaNkulunkulu emisiwe, uJesu Kristu. Ngakho ngokuqala kwenkonzo kaJohane, zonke izinhlobo zabantu, ikakhulukazi abathobekileyo nabampofu, bayazikhandla ekubeni yizikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu.

Njengoba uMthetho kaMose manje usugcwaliseka, imfuneko yokuwugcina kufanele isuswe. UMthetho uvumela isehlukaniso ngezizathu ezihlukahlukene, kodwa uJesu manje uthi: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga.” Yeka ukuthi izahlulelo ezinjalo zimelwe zibacasule kanjani abaFarisi, ikakhulukazi njengoba bevumela idivosi ngezizathu eziningi!

Uma eqhubeka nenkulumo yakhe nabaFarisi, uJesu ulandisa ngomfanekiso oveza amadoda amabili asimo sawo sishintsha ngokuphawulekayo ekugcineni. Ingabe ungakwazi ukubona ukuthi lamadoda amelela obani, nokuthi kusho ukuthini ukushintsha kwezimo zawo?

“Kwakukhona umuntu othile onothileyo,” kuchaza uJesu, “owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa. Kwakukhona futhi ompofu othile, nguLazaru igama lakhe, owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda, enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda.”

UJesu lapha usebenzisa isicebi ukuba simelele abaholi benkolo bamaJuda, kungahlanganisi kuphela abaFarisi nabaBhali kodwa kanye nabaSadusi nabapristi abakhulu. Bacebile emalungelweni nasemathubeni angokomoya, futhi baziphathisa okwesicebi. Ukugqoka kwabo ezibubende kumelela isikhundla sabo sokuthandwa, futhi ilineni elihle lifanekisela ukuzisholo kwabo ukuthi balungile.

Lesigaba sesicebi esiqhoshayo sibheka abantu abampofu, abavamile ngendelelo esobala, sibabiza ngokuthi ‛am ha·’aʹrets, noma abantu bomhlaba. Ngakho isinxibi esiwuLazaru simelela labantu abaholi benkolo ababancisha ukondliwa namalungelo afanele angokomoya. Ngakho njengoLazaru owayegcwele izilonda, abantu abavamile babukelwa phansi njengabagulayo ngokomoya futhi abafanelwe nje ukuhlala nezinja. Nokho, isigaba sikaLazaru silambele futhi somele ukondliwa okungokomoya futhi sisesangweni sifuna ukuthola noma yiziphi izimvuthuluka ezingenamsoco zokudla okungokomoya ezingase ziwe etafuleni lesicebi.

Manje uJesu uqhubeka echaza izinguquko esimweni sesicebi noLazaru. Ziyini lezinguquko, futhi zimelelani? Lemibuzo izocatshangelwa kumagazini wethu olandelayo. Luka 16:14-21; Johane 9:28, 29; Mathewu 19:3-9; Galathiya 3:24; Kolose 2:14.

◆ Ekuqaleni kwenkonzo kaJohane, yiluphi ushintsho uJesu abonisa ukuthi luyenzeka?

◆ Yini ezosuswa ngemva kokufa kukaJesu, futhi lokhu kuzoyithinta kanjani indaba yesehlukaniso?

◆ Emfanekisweni kaJesu, obani abamelelwa isicebi nabamelelwa uLazaru?

◆ Yikuphi ukwaziswa esingase sikulindele kumagazini olandelayo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela