Izwe Elisha—Liseduze Kakhulu!
LELIZWE ligulela ukufa! Ingabe lokho kuyiqiniso ngempela? Nokho, cabangela izimo zezwe ngokunakekela.
Kunezikhali zenuzi ezanele ukubhubhisa bonke abantu emhlabeni ngokuphindwe izikhathi eziningana. Impi yangaphakathi iyadlanga emazweni amaningi, anjengeAngola neMozambique. ENingizimu Afrika, eSri Lanka, nakwamanye amazwe kunezingxabano zezinhlanga. Ubuphekula nendlala nakho kuthatha inani elisabisayo lokuphila kwabantu.
Kuthiwani ngomqedazwe oyingculaza (AIDS)? ISunday Times yaseNingizimu Afrika kaOctober 25, 1987, yawubiza ngokuthi “ubhubhane olusha” yase ithi: “Manje ukwesabeka okukhulu kwengculaza yaseAfrika kuyembulwa: Kwamanye amazwe abantu abayisithupha kubo bonke abayishumi cishe bayobe sebefile ngo-1994.”
Ngenxa yezimo ezinjalo ukwesaba kudlangile. Njengoba umzuzi womklomelo kaNobel uHarold C. Urey asho eminyakeni ethile edlule: “Siyokudla ngokwesaba, silale ngokwesaba, siphile ngokwesaba futhi sife ngokwesaba.” Ngokuphawulekayo, uJesu Kristu, umprofethi omkhulu kunabo bonke abake baba khona emhlabeni, wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina zalelizwe, abantu ‘babeyophela amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.’—Luka 21:26.
Kodwa abaningi abesabi. Kunalokho, bayajabula. Kungani? Ngoba bayazi ukuthi lesimiso sezwe (hhayi unozungezilanga onguMhlaba) sesizophela, kodwa izwe elisha liseduze kakhulu. Bangaqiniseka kanjani kangaka? Ngenxa yokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli eziningi kakhulu.
Ngokwesibonelo, lapho uJesu Kristu ebuzwa ukuthi sasiyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakhe nesokuphela kwezwe, wathi: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso.” Ngo-1914, kwagqashuka iMpi Yezwe I. Yabangela ukulahleka kokuphila empini okukhulu kunakho konke okwakuye kwenzeka ngaphambi kwalesosikhathi. Kwaba yini ukulahlekelwa empini? Kwafa abayizi-9 000 000, ngaphandle kwezigidi zababengekho empini! Kodwa iMpi Yezwe II yayibhubhisa ngisho nangaphezulu kwalokho, ithatha ukuphila okuyizi-55 000 000! UJesu waphawula ukuthi konke lokhu kwakuyohambisana nokuntuleka kokudla, ukuzamazama komhlaba, imiqedazwe yezifo, nokungabinamthetho.—Mathewu 24:7-13; Luka 21:10, 11.
Umphostoli uPawulu ongumKristu naye wazibikezela ngokunembile izimo zezwe zanamuhla. Wabhala: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.” (2 Thimothewu 3:1-5) UPawulu wayengase azibikezele ngokunembe kangako izimo zosuku lwanamuhla ngoba waphefumlelwa uNkulunkulu ukuba abhale lawomazwi.
Ngokuqondene namazwi akhe ngokuphathelene nesikhathi sokuphela, uJesu wathi: “Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.” (Luka 21:31) Izigidi zisebenzisa umthandazo kaJesu oyisibonelo futhi zicela ukuba kufike uMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 6:9, 10) Kodwa lapho zibuzwa, “Eqinisweni yini eyokwenziwa yiloMbuso?” azinampendulo. Ngokuphambene, izigidi ezitadisha iBhayibheli ngenkuthalo ziye zathola ukuthi uMbuso uyoqeda lelizwe elidala futhi umise ngokungenakugudluka izwe elisha eliyolethela isintu izibusiso ezingenakubalwa. Kodwa kanjani? Nini?