AmaKristu—Aqinile Kodwa Avumelana Nezimo
ISIHLAHLA se-oki esikhulu siwumfanekiso wamandla. Lapho umoya onamandla uvunguza, ngokuvamile asibi nankinga yokumelana nawo. Nakuba i-oki eliqinile lisinda ezivunguvungwini eziningi ngenxa yamandla alo nobulukhuni noma ukuqina kwalo ngokuqhathaniswa, umucu wotshani omncane nawo uyasinda kodwa ngenxa yesizathu esihlukile. Iyini imfihlo yawo? Ukuvumelana nezimo. Uyagobeka kodwa awuphulwa umoya onamandla.
Ukuvumelana nezimo noma ukuqina—yikuphi-ke okubaluleke kakhulu? Eqinisweni, umKristu ukudinga kokubili. Kodwa ukulinganisela kokuqina nokuvumelana nezimo ngezinye izikhathi kungase kuntuleke ngisho naphakathi kwabanye abantu bakaNkulunkulu. Banezimiso eziphakeme, kodwa abambalwa bathambekele ekubeni bangazivumelanisi nezimo. Abanye ngandlelathile ‘banjengomhlanga ontengantengiswa ngumoya.’ (Mathewu 11:7) Bavumela ukucindezela namathonya alelizwe elibi. Noma bangase babekezele kuze kube sezingeni lokuba babe abayekelelayo.
Njengoba uSolomoni asho: “Konke kunesikhathi sakho.” (UmShumayeli 3:1) Ngakho-ke, sinini isikhathi sokuqina futhi sinini isikhathi sokuvumelana nezimo?
Isikhathi Sokuqina
INkosi uSawule yakwaIsrayeli yake yayalwa ngokuqondile: “Hamba, manje, unqobe uAmaleki [isizwe esiyisitha], uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.” (1 Samuweli 15:3) Ama-Amaleki ayenomlando wokuphikisa kokubili uNkulunkulu nabantu bakhe futhi kanjalo ayefanelwa ukubhujiswa ngokuphelele. (Duteronomi 25:17-19) Nokho, “uSawule nabantu bakhe bayeka uAgagi [inkosi yama-Amaleki] nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi . . . , babengavumi ukukuqeda lokho.” Ukuhlanekezela kukaSawulu imithetho kwakungemukeleki kuJehova. “Bheka,” kumemezela umprofethi uSamuweli, “Ukulalela kuhle kunomhlatshelo.”—1 Samuweli 15:9-22.
Isifundo kulokhu sicacile: Ngeke kube nokuvumelana nezimo lapho kuziwa ekulaleleni uNkulunkulu. Umphostoli uJohane wathi: “Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo [kaNkulunkulu]; nemiyalo yakhe ayinzima.” (1 Johane 5:3) Okuhlangenwe nakho kukaShadiraki, noMeshaki, noAbedi-Nego kubonisa kahle ukuthi izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zizimisele ukubonisa lokhu kulalela ngezinga elingakanani. Benqaba ukukhothamela isithombe esasimiswe inkosi yaseBabiloni uNebukadinesari. Ngani? Ngenxa yokuthi umthetho kaNkulunkulu wawukulahla ngokucacile ukukhulekela izithombe. (Eksodusi 20:4-6) Abazange bacabange ukuthi izimo zazibizela ukuba bawuhlanekezele lomthetho waphezulu. Kunalokho, bakhetha ngokungahlehli ukufa kunokungalaleli.—Daniyeli 3:16-18.
AmaKristu amaningi awanayo inkinga ekuvumelaneni nemithetho yeBhayibheli echazwe ngokucacile. Kodwa amaKristu ayatshelwa: “Lalelani abaniholayo.” (Heberu 13:17) Abadala bebandla bangase bamise izikhathi ezithile zokuba ibandla lihlanganele ukuya enkonzweni yasensimini. Noma bangase basho ngokuqondile ukuthi impahla yeHholo LoMbuso kumelwe isetshenziswe ngendlela ethile. Yiqiniso, awukho umbhalo weBhayibheli oshoyo ukuthi umshini wokwenza kufudumale kumelwe usetshenziswe kanjani noma ukuthi ubani okumelwe awusebenzise. Kodwa, lapho abadala benza izinqumo ezinjalo, ingabe akuyona into enhle ukubambisana nabo lapho?
Ngokufanayo, indoda ingase yenzele umkhaya wayo izinqumo ezihlukahlukene. Inkosikazi engumKristu ingase ingavumelani nezahlulelo zayo esicini esithile, kodwa ifuna ukulalela ‘umthetho wendoda yayo.’ (Roma 7:2) Ukulalela abadala, amadoda, abazali, nabaqashi akumelwe kuthalaliswe ngoba sithi sivumelana nezimo.—Kolose 3:18-24.
Isikhathi Sokuvumelana Nezimo
Nokho, sikhona nesikhathi sokuvumelana nezimo. Umphostoli uPawulu wakubonisa lokhu lapho ethi: “[Ukucabangela, NW] kwenu akwaziwe ngabantu bonke.” (Filipi 4:5) Igama lesiGreki uPawulu alisebenzise lapha lisho “ukunganamatheli encwadini yomthetho; lisho ukucabangela ‘okubheka amaqiniso endaba ngomusa nangokunengqondo.’” (W. E. Vine, An Expository Dictionary of New Testament Words) Ukucabangela ngokuvamile kuyindaba yokuzimisela ukuzijwayelanisa nezimo ezikhona.
Ngokwesibonelo, isithunywa sevangeli esikhonza kwelinye izwe ngokushesha singase siqaphele ukuthi imithetho yenhlonipho yakuleyondawo ihlukile kuleyo yezwe esikhulele kulo. Kodwa inkonzo yaso iyophumelela kanjani uma sizibukela phansi izindlela zabantu bakuleyondawo futhi singafuni ukwenza izinguquko ezithile? Ngakho-ke ngokuhlakanipha sizijwayelanisa nezindlela ezintsha ezinenzuzo zendlela yokuphila entsha.—1 Korinte 9:19-23.
Ngokuthakazelisayo, ngemva nje kokuphawula ngabesifazane ababili ebandleni ababenezinkinga zomuntu siqu, uPawulu wakhuthaza amaKristu aseFilipi ukuba abe ngacabangelayo. (Filipi 4:2-5) Nakuba uPawulu engasitshelanga ukuthi babexabanelani, ngokuvamile ukungacabangelani kuyimbangela yobuhlobo obulinyaziwe. Akekho ozizwa ekhululekile lapho enothile ogxekayo noma onesandla esilukhuni ngokweqile. “Ungabi-ngolungileyo ngokudluleleyo,” uSolomoni uyaxwayisa, “ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?”—UmShumayeli 7:16.
AmaKristu kumelwe akwamukele ukungapheleli kwabanye. Yeka ukuthi kuhle kanjani uma sibheka izindaba ngendlela yokucabangela omunye umuntu! Nokho, ngokudabukisayo amanye amaKristu eKorinte lasendulo ayekhathalela kakhulu “amalungelo” omuntu siqu kangangokuthi aze ngisho akhetha ukuyisa abakholwa kanye nabo enkantolo. Ngokuveza izinkinga zabo kwabangakholwayo, awazange nje alethe isihlamba ebandleni kuphela kodwa futhi awandisa umhosha owawuphakathi kwawo.—1 Korinte 6:1-6.
Ngakho-ke, uPawulu wakhuthaza amaKristu aseKorinte ayekhutshekisiwe ukuba abe nesimo sokuvuma ukoniwa. Wanxusa: “Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?” (1 Korinte 6:7) UmKristu ukubheka njengokuyinzuzo ukulondoloza ubuhlobo obuhle nabafowabo nodadewabo abangokomoya.
Ukuba ocabangelayo kuyafaneleka ikakhulukazi kulabo abasebenzisa igunya. Ngokwesibonelo, abazali bangase bamise isikhathi okumelwe amadodana namadodakazi abo babe sekhaya ngaso ntambama. Kodwa kuthiwani uma ngolunye usuku umntwana ecela ukungabuyi ngesikhathi esimisiwe? Bekungeke yini kube okufanele ukuba okungenani ucabangele izimo ezithile ezihilelekile? Futhi kuthiwani ngabadala abangamaKristu? Ingabe ukucabangela akuyona yini enye yezimfanelo zabo? (1 Thimothewu 3:3) Kuyiyo. Kodwa lemfanelo kumelwe bayibonakalise nini futhi kanjani?
Abadala—Baqinile Kodwa Bavumelana Nezimo
Umphostoli uPetru wake waqhathanisa amadoda [“acabangelayo,” NW] ‘nayizixhwanguxhwangu.’ (1 Petru 2:18) Umdala angase anikeze ukusikisela okuthile ukuze asize umzalwane ukuba athuthukise ikhono lakhe lokukhuluma. Kodwa yini engenzeka uma umdala esebenzisa indinganiso eqine kakhulu futhi engayicabangeli imfundo, amakhono, nezimo zomzalwane? Umzalwane angase asicasukele lesoseluleko noma adumale kakhulu, ephetha ngokuthi abadala ‘bayizixhwanguxhwangu.’
Abadala kumelwe futhi bavumelane nezimo ngokusebenzisa imithetho ehlukahlukene ebandleni. Akumelwe bavumele imithetho ukuba ‘ilenze libe-yize izwi likaNkulunkulu’ ngokwenza leyomithetho ukuba ibe nesisindo esikhulu kunezimiso eziphelele zeZwi likaJehova.—Mathewu 15:6; 23:23.
Kufanelekile ngabadala ukuba bavumelane nezimo lapho izimiso ezingokomBhalo zingeqiwa ngenxa yokuvumelana nezimo okunjalo. Ngokwesibonelo, bangase baphawule ukuthi emihlanganweni emikhulu, enabantu abaningi, ukugcina izihlalo kwenqatshelwa ngokuqinile. Kodwa ingabe umthetho onjalo kumelwe uphoqelelwe nasebandleni elincane lapho izihlalo ziziningi khona? Noma abadala bangase babe nomuzwa wokuthi ngokujwayelekile indlela ethile yokugqoka—njengebhantshi nothayi kumadoda—ifanelekile ekushumayeleni endlini ngendlu. Kwakunendaba enjalo ebandleni lasezweni laseNingizimu Melika. Nokho, umdala walapho wezwa ukuthi enye insizwa yayingahlanganyeli nabanye ekushumayeleni izindaba ezinhle. Sasiyini isizathu? Yayingenayo imali yokuthenga ibhantshi nothayi. Umdala waphetha ngokuthi ukuvumelana nezimo kwakudingeka futhi wakhuthaza lensizwa ukuba iqale ukuhlanganyela ukholo lwayo nabanye.
Ukuvumelana nezimo kumelwe futhi kuboniswe lapho kusingathwa amacala okwahlulela ebandleni. Nakuba ububi obenziwe bungase buqinisekise ukuba umenzi wobubi asuswe ekuhlanganyeleni, kuthiwani uma ebonisa ukuphenduka? UJehova wabeka isibonelo esifanele ekusebenzelaneni kwakhe nabantu baseNineve. UNkulunkulu wayetshele uJona ukuthi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve.” Kodwa, lapho abantu bebonisa ukuphenduka, uJehova akazange aqhubeke nokukhipha imbubhiso emenyezelwe. Waqaphela ukuthi izimo zazishintshile. (Jona 3:4, 10) Ngokufanayo, abadala kumelwe bakujabulele ‘kakhulu ukuthethelela’ lapho kunobufakazi obukhanyayo bokuphenduka kwangempela.—Isaya 55:7.
Ukulondoloza ukulinganisela phakathi kokuqina nokuvumelana nezimo akulula. Abantu abangaphelele babonakala benokuthambekela kokweqisa. Kodwa amaKristu alwela ukuqina kodwa evumelana nezimo ayovuzwa ngokucebile. Ngenxa yokuthi azama ukuvumelana nezimo, ayojabulela ubuhlobo obungcono nabanye futhi ayogwema ukuphazamiseka okuningi okungokomzwelo. Futhi, ngenxa yokuba abadala abamisiwe baqinile, babambelela emisebenzini emihle njengabagcini bobuqotho, babeka isibonelo esibazuzela ukwethenjwa nokubambisana kwebandla lonke, njengoba sonke siqhubeka ngobunye sinethemba lokuphila okuphakade.—Isaya 32:2; 1 Korinte 15:58.