Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 9/15 k. 31
  • Umlweli Othembekile Weqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umlweli Othembekile Weqiniso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 9/15 k. 31

Umlweli Othembekile Weqiniso

UMARTIN POETZINGER, ilungu IeNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni njengomKristu ogcotshiwe ntambama ngoLwesine, ngoJune 16, 1988. Wayelokhu enempilo ebuthaka esikhathini esithile kodwa ufé ngaphandle kobuhlungu obuphawulekayo eBethel yaseBrooklyn. Umkakhe, uGertrud, wayelokhu emsekela kukho konke ukugula kwakhe.

UMzalwan’ uPoetzinger wazalwa ngoJuly 25, 1904, eMunich, eJalimane. Wabhapathizwa ngo-October 2, 1928, futhi wangenela inkonzo yobuphayona ngo-October 1, 1930. Ekwindla ka-1933, iWatch Tower Society yamabela ukuyonakekela izithakazelo zoMbuso eBulgaria, kodwa kungakapheli unyaka oFakazi ababengezona izakhamuzi zalelozwe baxoshwa. Ngokulandelayo uMzalwan’ uPoetzinger wathuthela eHungary. Ebanjwa ngokungeyikho futhi exoshwa kulelozwe, ngokulandelayo wabelwa ukuba umbonisi weqembu lamaphayona eYugoslavia. Ngemva kokugula okungathi sina, okwadinga ukuba alaliswe isikhathi eside esibhedlela eZagreb, wabuyela eJalimane.

UMzalwane noDade Poetzinger bashada ngo-1936, kodwa ngawo lowonyaka wathunyelwa ekamu lokuhlushwa ngenxa yokwenqaba ukushiya ukholo lwakhe. Umkakhe wavalelwa ejele kwenye indawo, kodwa uMzalwan’ uPoetzinger wathunyelwa eDachau wayesethunyelwa ekamu lokuhlushwa uze ufe eMauthausen, enhla neAustria. Lapho amaGestapo ayesebenzisa ukubancisha ukudla ukuze babulawe yindlala, ukushaywa, nonya olungachazeki ekubangeleni ukuba yena nabanye oFakazi baphule ubuqotho babo kuJehova uNkulunkulu. Kodwa uMzalwan’ uPoetzinger wabambelela okholweni lweqiniso.

Ngemva kweminyaka eyisishiyagalolunye yokuvalelwa ejele konya, uMzalwane noDade Poetzinger babuye bahlangana ngo-1945. Ngokushesha ngemva kwalokhu, waqala ukukhonza emsebenzini wesifunda eJalimane, futhi kamuva uGertrud wajikeleza naye, esebenza ngentshiseko ensimini njengoba ayekhonza amabandla. Ngo-1958 waya eWatchtower Bible School of Gilead, futhi lapho ebuyela eJalimane, yena nomkakhe baqhubeka emsebenzini wokujikeleza kwaze kwaba yilapho bengenela inkonzo yaseBethel lapho ngo-1977. NgoSeptember 1977, uMzalwan’ uPoetzinger wamiswa njengelungu leNdikimba Ebusayo futhi weza endlunkulu yomhlaba wonke yeNhlangano eBrooklyn, eNew York, cishe ngaphezu konyaka kamuva. Wakhonza eKomitini Yenkonzo yeNdikimba Ebusayo naseKomitini Yomnyango Wenkonzo.

UMzalwan’ uPoetzinger wayengumlweli onesibindi weqiniso. Ukuthembeka kwakhe nokusekela kwakhe kwentshiseko inhlangano kaJehova nomsebenzi wokushumayela ngempela bekuyisibonelo. Ngakho siyaqiniseka ngokuthi uphakathi kwalabo lamazwi asebenza kubo: “Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini . . . Yebo, usho uMoya, . . . imisebenzi yabo iyabalandela.”—IsAmbulo 14:13.

[Isithombe ekhasini 31]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela