Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 6/15 kk. 10-15
  • Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Igama LikaJehova Nesihlengo—Kungcwele Kakhulu
  • Ubuhlobo Bethu NoJehova Nenhlangano YaKhe
  • IZwi LikaNkulunkulu, Imithetho, Nethemba LoMbuso
  • Imibuthano Engcwele Namalungelo
  • Umshado Nomkhaya
  • UMoya Ongcwele KaJehova Nomthandazo
  • Ingabe Unombono KaJehova Ngezinto Ezingcwele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Inkonzo Engcwele Njengomkhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • U-Esawu Uthengisa Ngelungelo Lakhe Lobuzibulo
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • AmaKristu Athola Injabulo Lapho Ekhonza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 6/15 kk. 10-15

Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?

“Phishekelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa okungekho-muntu oyobona iNkosi engenakho, niqaphelisisa . . . ukuba kungabikho oyisifebe nanoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele, njengoEsawu, owalahla amalungelo akhe obuzibulo ewanana ngesidlo esisodwa kuphela.”—HEBERU 12:14-16, NW.

1. Yikuphi ukuntula ukwazisa abantu abaningi abakubonisayo, kodwa amaKristu ahluke kanjani?

UJEHOVA uNkulunkulu wethu unguMlungiseleli ophana kakhulu. Uzanelisa ngokungagodli izidingo zayo yonke indalo yakhe. Nokho, iningi lesintu alicabangi ngalokhu. Alimbongi uJehova noma liqaphele isikweleti salo esikhulu kuye. Ngakolunye uhlangothi, amaKristu awabuthathi kalula ubuhle bukaJehova. Ayamdumisa ngalokho awenzela khona. Ngenxa yokuzinikela kwabo kuye, uJehova uye waphathisa abantu bakhe izinto ezingcwele eziningi ezingajatshulelwa isintu sisonke. Lezi ziyizinto eziyigugu, ezibekelwe nganxanye njengezingcwele neziphathelene nokukhulekelwa kukaJehova. Ingabe uyazazi ukuthi ziyini lezinto ezingcwele? Futhi ingabe unakho ukwazisa okujulile, okusuka enhliziyweni ngazo?—IHubo 104:10-28; Mathewu 5:45; IsAmbulo 4:11.

2. Ubani owabonisa ukuntula ukwazisa okuphawulekayo?

2 Akusibo bonke abantu bakaNkulunkulu abaye bazazisa ngokufanele izinto ezingcwele. Ngokwesibonelo, indodana kaIsaka uEsawu yahluleka kulendaba. UPawulu wakhuluma ngayo lapho ebhalela amaKristu agcotshiwe angamaHeberu. Ngemva kokuwakhuthaza ukuba ‘aphishekele ukuthula nabantu bonke,’ wawaxwayisa ukuba aqiniseke ukuba kwakungenakubakhona phakathi kwawo “oyisifebe nanoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele, njengoEsawu, owalahla amalungelo akhe obuzibulo ewanana ngesidlo esisodwa kuphela.”—Heberu 12:14-16.

3, 4. Ayeyini amalungelo angcwele obuzibulo uEsawu awathengisela uJakobe ngesitsha sesitshulu?

3 Ayeyini lamalungelo obuzibulo? UJehova wathembisa uyisemkhulu kaEsawu, uAbrahama, ukuthi ngaye nangenzalo yakhe ekugcineni kwakuyozalwa othile owayeyoba yiNzalo yesithembiso, uMesiya, noma uKristu. NgaleNzalo zonke izizwe zaziyokwazi ukuzibusisa, kuholele ekukhululweni kwazo esonweni nokufa.—Genesise 22:15-18; Galathiya 3:16.

4 UEsawu, izibulo likaIsaka, wayenethuba lokuba yingxenye yohlu olwaluyoveza leyoNzalo. Lokhu kwakuyingxenye yelungelo Iakhe lobuzibulo. Kodwa ngokuhlazisayo, umbhalo weBhayibheli uthi: “Wadelela kanjalo uEsawu ubuzibulo bakhe.” Wabuthengisa ngokuxhamazela ngesidlo esisodwa sesitshulu sembumba nesinkwa. Ngokuqinisekile, asifuni ukulingisa ukuntula kwakhe ukwazisa. Kunalokho, kufanele sihlakulele isimo sengqondo somfowabo kaEsawu, uJakobe. Nguyena owayelandela ohlwini lwamalungelo obuzibulo, awathenga ngokubona ukuntula ukwazisa komfowabo okwakusobala. Kanjalo uJakobe waqinisekisa ukuthi ilungelo lokuba ukhokho weNzalo ethenjisiwe lalidluliselwa ngothile owayeyazisa ngokufanele lento engcwele.—Genesise 25:27-34.

5. Yiziphi izinto ezingcwele esizozicabangela, futhi singakugwema kanjani ukuzithatha kalula?

5 Phakathi kwebandla lobuKristu, uJehova uye wenza izinto eziningi ezingcwele zatholakala ukuze zisigcine siqinile ngokomoya futhi sihlonyiselwe ngokuphelele inkonzo yakhe. Make sixoxe ngezinye zalezi. Khona-ke, singazindla ngazo ngokomuntu siqu futhi siqinise ukwazisa kwethu ngazo ukuze singalokothi sizithathe kalula.

Igama LikaJehova Nesihlengo—Kungcwele Kakhulu

6. Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi asibuthathi kalula ubungcwele begama likaJehova?

6 Okokuqala ohlwini lwethu lwezinto ezingcwele igama likaJehova. Liphakeme kangakanani leligama engqondweni yakho nasenhliziyweni yakho? Lapho enikeza umthandazo oyisibonelo, uJesu okokuqala wathi: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Lapho sibhapathizwa, siba abanye boFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10, 11) Yeka udumo! Futhi lapho sikhuluma ngobuhle bukaJehova nangezinjongo zakhe ezinhle, abanye baqala ukumazi ngegama lakhe siqu, futhi nabo bafuna ukumkhonza. Kodwa uma umuntu eyekelela ukukhuluma ngaye noma, okubi kakhulu kunalokho, ehileleka ebubini, lokhu kuletha isihlamba egameni elihle likaJehova nasedumeleni lakhe. OFakazi BakaJehova abangamaKristu athembekile ngaso sonke isikhathi balwela ukungcwelisa igama lakhe elingcwele phambi kwabanye ngalokho abakushoyo nabakwenzayo.—Levitikusi 22:31, 32; Duteronomi 5:11.

7. Kungani kufanele sibonise ukwazisa okukhulu ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu?

7 Ekuqaleni kohlu lwezinto ezingcwele kunomhlatshelo wesihlengo. Uyigugu kangakanani kuwe umhlatshelo kaKristu? Izono zethu zingathethelelwa kuphela ngokuba nokholo oluphelele kulomhlatshelo womuntu ophelele. (1 Johane 2:1, 2) UPawulu ukhuluma ngebandla labagcotshiwe ‘njengelithengwe ngegazi leNdodana [kaNkulunkulu].’ (IzEnzo 20:28, NW; qhathanisa no-1 Petru 1:17-19.) UJesu, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, wadela isikhundla sakhe sasezulwini, waphila emhlabeni phakathi kwamadoda nabesifazane abanesono, futhi wayesenikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele ekufeni okubuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa ukuze sibe nokuphila okuphakade. (Mathewu 20:28) Kungaba ukungabongi okukhulu uma umuntu engazange abonise nsuku zonke ukwazisa okujulile ngalesipho esiyigugu sikaNkulunkulu.—Heberu 10:28, 29; Juda 4, 5.

Ubuhlobo Bethu NoJehova Nenhlangano YaKhe

8. Buyigugu kangakanani ubuhlobo bethu noJehova?

8 Lokhu kusiletha kwenye indaba engcwele kakhulu, ubuhlobo bethu noJehova. Yeka ukuthi kufanele sibulondoloze ngokuyigugu kangakanani lobuhlobo esinabo noBaba wethu wasezulwini. Uma ‘sisondela kuNkulunkulu, naye uyakusondela kithina.’ (Jakobe 4:8) Uyasithanda kakhulu, futhi ufuna ukuba simthande ngayo yonke inhliziyo yethu. (Mathewu 22:37, 38; Johane 3:16) UDavide wanikeza indodana yakhe uSolomoni iseluleko esihle ngokuphathelene nobuhlobo bakhe noJehova. Leseluleko sahlanganisa nesixwayiso esithi: “Wena-Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube-phakade.” (1 IziKronike 28:9) Ngakho “zigcineni othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube-ngukuphila okuphakade.”—Juda 21.

9. Sibonisa ngaziphi izindlela ukuthi asilithathi kalula ilungelo lokuba yingxenye yenhlangano kaJehova?

9 Ingabe uyaqaphela futhi ukuthi kuyilungelo elingcwele kangakanani ukuba yingxenye yenhlangano kaJehova? Sonke simelwe sikhumbule ukuthi sikuyo ngenxa nje yomusa kaNkulunkulu ongasifanele. Uma umuntu ezibonakalisa engenakwazisa futhi eba isoni esingaphenduki, uyolahlekelwa yilelilungelo. UPawulu waxwayisa: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.” (1 Korinte 10:6-12) UPawulu wanikeza lesixwayiso ngemva kokukhuluma ngamaIsrayeli ayizi-23 000 abhubha ngenxa yokukhonza izithombe nokuziphatha okubi. Singabonisa ukwazisa kwethu ngobungcwele benhlangano kaJehova ngokuba ngamunye wethu enze ingxenye yakhe yokuyigcina ikhululekile ekungcoleni, ekuziphatheni okubi, embangweni, kwezentengiselwano, nasemizweni yobukhulu neyobandlululo. (2 Korinte 7:1; 1 Petru 1:14-16) Singasebenzela ukuqinisa isibopho sothando lobuzalwane, lapho siqaphelisisa ukuhleleka okungokwasezulwini futhi sibambisana nalabo abaholayo.—1 Thesalonika 4:3-8; 5:12, 13.

IZwi LikaNkulunkulu, Imithetho, Nethemba LoMbuso

10. Sibonisa kanjani ukuthi siyazisa ngokugcwele imiBhalo eNgcwele?

10 IZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, iBhayibheli eliNgcwele, nalo lingcwele. Liqukethe izahlulelo zaphezulu, iziyalo, iseluleko, izithembiso, izambulo, yebo, konke esikudingayo ukuze ‘sipheleliselwe yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 3:16, 17) Singakubonisa kanjani ukwazisa ngalo? Okokuqala, ngokulitadisha nangokusebenzisa ekuphileni kwethu lokho esikufundayo. Khona-ke, ngokuqaphela ngokufanele ‘ukudla okungesikhathi sakho’ okusekelwe eBhayibhelini lokho uJehova akulungiselela ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) Futhi ngendlela engokoqobo, sidinga ukugcina amaBhayibheli ethu siqu, kanye nezincwadi zethu zobuKristu esizisebenzisa emsebenzini wethu wokushumayela kuhlanzekile futhi kucocekile. Kungaletha isihlamba kuJehova uma siya ekufakazeni futhi sisebenzise iBhayibheli elingcole kakhulu noma elingabukeki.

11. Kungani kungafanele ukuba siyithathe kalula imithetho engcwele kaJehova?

11 EZwini likaNkulunkulu kunemithetho engcwele kaJehova. Ingabe ngaso sonke isikhathi uyibheka njengengcwele, noma ngezinye izikhathi uthambekele ekuyithatheni kalula? Imithetho kaJehova injengezimpawu, nothango lokuvikela endleleni eya ekuphileni. Uma siyilalela, siyohamba ngokulondeka futhi ekugcineni sifike lapho siya khona ezweni elisha likaJehova; kodwa uma sithatha imiyalo kaJehova nezikhumbuzo kalula, khona-ke sibheke enhlekeleleni.—IHubo 119:10, 11, 35, 101, 102; IzAga 3:1-4.

12. Ithemba lethu loMbuso liyinto engcwele ngayiphi indlela?

12 NgeBhayibheli, sifunda futhi ngento engcwele okufanele ithandeke kakhulu ezinhliziyweni zethu: ithemba lethu loMbuso. Ekhuluma ngoAbrahama othembekile, uPawulu uthi kumaHeberu 11:10: “Ngokuba wayebheke umuzi [uMbuso kaNkulunkulu] onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.” Ingabe unethemba elifanayo eliqinile nelingapheli eMbusweni kaNkulunkulu? Ingabe ukholo lwakho luqine kangangokuba inhliziyo yakho ayikuvumeli ukungabaza, .futhi ingabe intshiseko yakho ayinciphi njengoba ulindele izinjongo zikaNkulunkulu ukuba zigcwaliseke ngesikhathi sakhe esifanele?—Mathewu 24:20-22, 33, 34, 42.

Imibuthano Engcwele Namalungelo

13. Kungani kungafanele ukuba sizithathe kalula izinzuzo zemihlangano yobuKristu?

13 “Kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye,” kululeka uPawulu. Lokho kubonisa ukuthi imihlangano yethu yobuKristu ingelinye ilungiselelo elingcwele okungamelwe lithathwe kalula. Emihlanganweni, sithola imfundo ebalulekile nobuhlobo obufudumele esikudinga kakhulu. Lapha futhi singenza “ukuvuma obala ithemba lethu” ngokukhuluma epulatifomu njengoba sinethuba nangokuphendula njalo. (Heberu 10:23-25) Futhi njengoba iHholo LoMbuso liyindawo lapho kwenzelwa khona imihlangano yethu eminingi, ingabe uyanikela njalo futhi usebenze kanzima ukuze uligcine lisesimweni esifanele?—Eksodusi 35:21.

14. Yini eyosisiza ukuba siqonde ukuthi inkonzo yethu yobuKristu iyingcebo engcwele?

14 UPawulu ufanisa ilungelo amaKristu analo lokushumayela izindaba ezinhle ‘nengcebo esezitsheni zebumba.’ (2 Korinte 4:1, 7) Yebo, inkonzo yobuKristu nayo futhi iyinto engcwele esiyazisa ngokujulile. Nakuba abaningi balabo esibashumayezayo benganaki, kufanele sihlale sizikhumbuza njalo ngelungelo eliphakeme esinalo lokutshela abanye ngoJehova nangezinjongo zakhe. Kanjalo siyogcwalisa ukuthunywa kwethu kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ukubona abafundi abasha bethuthuka kuyimbangela eyengeziwe yenjabulo. (1 Thesalonika 2:19, 20) Uma siyazisa inkonzo, asiyikuba ngabangaphumi njalo noma abapholile ekumemezeleni izindaba ezinhle.

15. Kungani ukunakekela amalungelo enhlanganweni kaJehova kungamelwe kuthathwe kalula?

15 Amalungelo enhlanganweni kaJehova nawo futhi angcwele. Eqinisweni, amalungelo anjalo awumthwalo wemfanelo ongcwele. (Qhathanisa nezEnzo 20:28.) Kungakhathaliseki ukuthi lowomthwalo wemfanelo uhilela ukwengamela, ukwalusa, ukufundisa, noma enye inkonzo ethile oyenzela amaKristu okanye nawo, yenze ngokucophelela okukhulu. Ngisho noma isabelo sibonakala singesingabalulekile, ungasithathi kalula, kodwa senze kahle, ngokushesha, sengathi wenzela uJehova. Khumbula, “othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu.”—Luka 16:10.

Umshado Nomkhaya

16. Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi sibheka umshado nomkhaya njengezinto ezingcwele?

16 Lapho ubala izinto ezingcwele, ungakhohlwa ukuhlanganisa nomshado nomkhaya. Yiqiniso, nabangemaKristu bayashada, kodwa amaKristu abheka umshado njengongcwele, ohilelekile ekukhulekeleni kwawo uJehova. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 3:1-7.) Ayibonisa kanjani inhlonipho ngalento engcwele? IBhayibheli kumaHeberu 13:4 lithi: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” UJesu waxwayisa ukuthi ukuqhubeka ubheka owesifazane ukuze umkhanuke kungafana nokuphinga enhliziyweni. (Mathewu 5:27, 28) Uma ukhetha ukushada, kwenze ngendlela ehloniphekile. Khona-ke, ungalokothi uthathe umshado wakho kalula. Yakha uthando lweqiniso nenhlonipho ejulile nsuku zonke. Uma unabantwana, ‘bondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.’ Ngalendlela umkhaya wakho uyoba “ngcwele.”—Efesu 6:4; 1 Korinte 7:14.

UMoya Ongcwele KaJehova Nomthandazo

17. Kungani singenakuwuthatha kalula umoya ongcwele kaNkulunkulu?

17 Siwadinga onke amalungiselelo kaJehova, futhi olunye usizo olubalulekile oluvela kuJehova umoya wakhe ongcwele. (Johane 14:26) Asizazi ngaso sonke isikhathi izindlela uJehova asebenzisa ngazo umoya wakhe ongcwele ngenxa yethu, kodwa inye into esiqiniseka ngayo: Asinakuqhubeka ngaphandle kwawo. Kufanele sithandazele umoya ongcwele ukuba usisize siqonde izimfundiso zeqiniso nokuba sibekezelele uvivinyo. Siyawudinga ukuba usisize sihlakulele izithelo zikamoya. (Galathiya 5:22, 23) Futhi kweyabase-Efesu 4:30 siyaxwayiswa ukuthi akufanele ‘sidabukise’ umoya ongcwele, sihileleke ezintweni ezivimbela ukugelezela kwawo kithi. Sengathi singawazisa njalo umoya ongcwele kaJehova.

18. Kungani umthandazo uyilungelo elingcwele?

18 Into engcwele yokugcina esizokhuluma ngayo, umthandazo, ngokuqinisekile awumncane ngokubaluleka. Yeka ilungelo esinalo lokukhulumisana noMbusi wendawo yonke, uJehova! Ngokusobala, kufanele siye kuye ngenhlonipho, ngokwesaba, hhayi kalula. Singaqiniseka ngokuthi uyoyizwa futhi ayiphendule imithandazo yethu esiyenza ngokuvumelana nentando yakhe. “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6) Umthandazo uyosigcina sizazisa izinto ezingcwele.

19. Yiziphi izibusiso eziza kulabo abazisa izinto ezingcwele ngokufanele?

19 Sikhulume ngezinto ezingcwele eziyi-13 nje kuphela okungafanele sizithathe kalula. Kungashiwo eziningi ezengeziwe. Uma sizazisa izinto ezinjalo, siyolondoloza ubuhlobo obuhle noNkulunkulu wethu, uJehova futhi sibe nesibusiso sakhe sansuku zonke. Yeka ukuthula kwengqondo lokho okukulethayo, kanye nonembeza omuhle! Ungalokothi uthathe lobobuhlobo obuyigugu kalula! Thanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ingqondo, umphefumulo, namandla, futhi naye uyokuthanda njalo. (1 Johane 4:16) Akukho lutho olungagqabula lesosibopho sothando ngaphandle kokungathembeki kwakho.—Roma 8:38, 39.

20. Singahamba kanjani ngokuphumelelayo endleleni eya ekuphileni ezweni elisha likaJehova?

20 Masizigcine futhi simatasa enkonzweni yoMbuso, sinakekela kahle onke amalungelo futhi sazisa wonke amalungiselelo angokomoya. Ngezinhliziyo ezichichima njalo ukubonga, sengathi singahlala sikuqaphele ukulalela yonke imithetho kaJehova engcwele nezikhumbuzo, siqaphela ukuthi imiselwe ukuba isiqondise ngokuphephile endleleni eya ekuphileni. Futhi, njengoba siqhubeka sihamba ngaleyondlela eyingcingo eyisa ekuphileni, sinethemba lokuthi uJehova akayikusilondoloza nje kuphela ngesikhathi sosizi olukhulu kodwa futhi uyosinikeza ukuphila okuphakade nezibusiso ezingapheli ezweni lakhe elisha, eliseduze kakhulu manje. Konke lokhu sikunikezwa ngoba siye sazisa izinto ezingcwele.

Ubunganikeza Yiphi Impendulo?

◻ Singakugwema kanjani ukuthatha kalula igama likaJehova nomhlatshelo wesihlengo?

◻ Yini engasidalula ukuthi asibazisi ubuhlobo bethu noJehova nenhlangano yakhe?

◻ Yiziphi ezinye izinto ezibonisa ukwazisa kwethu ngeZwi likaNkulunkulu nemithetho, nethemba IoMbuso?

◻ Singabonisa kanjani ukuthi asiyithathi kalula imihlangano yobuKristu namalungelo angokwasezulwini?

◻ Yiziphi ezinye izinto ezingcwele ezengeziwe okufanele sihlakulele ukwazisa okujulile ngazo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela