Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Yini uJesu ayenza ‘ukulungisela’ abalandeli bakhe “indawo” ezulwini?
Ngokushesha ngaphambi kokumisa Isidlo seNkosi Sakusihlwa, uJesu watshela abaphostoli bakhe abathembekile ukuthi kwakumelwe ahambe. Empeleni, uJesu wayesho ukuthi ngemva kokuba afe kamuva ngalolosuku, kwakumelwe aye ezulwini. UPetru wasabela ngokucela ukuba avunyelwe ukuba amlandele. Ngakho uJesu wathi: “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe-khona nani.”—Johane 14:1-3.
Iziphi “izindlu” okwakudingeka zilungiselelwe abaphostoli? Abanye abahumushi beBhayibheli baye bahumusha uJohane 14:2 ngendlela esikisela ukuthi uJesu wayekhuluma ngokudinga kwabaphostoli “izindawo zokuphumula” phakathi nohambo lwabo lokuya ezulwini noma ngokuthola kwabo amakamelo ahlukahlukene ezulwini. Nokho, ngokuqondene negama lesiGreki elihilelekile uW. E. Vine uthi: “Akukho lutho egameni olubonisa amakamelo ahlukene eZulwini; futhi alisikiseli izindawo zokuphumula endleleni zesikhashana.” Igama limane lisho ukuhlala. Ngakho uJesu wayethembisa izindawo zokuhlala emazulwini angokomoya lapho ayezoba noYise khona.—Efesu 1:20; 1 Petru 1:4; 3:21, 22.
Kodwa kungayiphi indlela uJesu ayezolungiselela ngayo abalandeli bakhe abathembekile izindlu ezinjalo? Ngokufa ukufa okuwumhlatshelo, uJesu waya ezulwini ukuba alethe phambi kukaNkulunkulu inani legazi lokuphila kwakhe. Lokhu okokuqala kwakuyozuzisa labo ababeyobizwa ngokuthi izindlalifa ezihlanganyela ukuphila kwasezulwini. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.” (Heberu 9:12, 24-28; Roma 6:5; 8:17) Ngakho lapho uJesu etshela abaphostoli ukuthi ‘wayeyobalungisela indawo,’ ngokuqinisekile wayecabanga ‘ngokubonakala kwakhe ebusweni bukaNkulunkulu’ ngenxa yabo. Kwakungemva kokuba enze lokho kuphela lapho bona noma abanye abantu babengamlandela ukuya ezulwini.—Filipi 3:20, 21.
Ingabe uJesu kwakumelwe enze ezinye izinto ukubalungisela indawo? Ngesikhathi esifanele, wayeyothatha amandla obukhosi futhi wayeyolwa noSathane, emkhipha namademoni akhe ezulwini. (IsAmbulo 12:7-9) Lokhu kwakuyokwenzeka ngaphambi kokuqala kokuvukela ezulwini kwabaphostoli nabanye abagcotshiwe abalele ekufeni. (1 Thesalonika 4:14-17) Ukuthi ukukhulumela kukaJesu ‘ngokulungisela’ abalandeli bakhe ‘indawo’ kwakuhlanganisa ukukhipha kwakhe uSathane ezulwini, asazi.
Futhi, asazi noma uJesu wayenezinye izabelo ezaziphathelene nokulungiselela amaKristu agcotshiwe indawo ezulwini. Nokho, okungenani singaqiniseka ukuthi uJesu wabalungisela abalandeli bakhe abagcotshiwe indlela ngokuletha kuNkulunkulu inani ‘legazi lakhe eliyigugu.’ (1 Petru 1:19) Ngesisekelo salelogazi, isivumelwano esisha samiswa phakathi kukaJehova uNkulunkulu namaKristu agcotshwe ngomoya.