Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 4/1 kk. 8-9
  • EMkhosini WamaDokodo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • EMkhosini WamaDokodo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • EMkhosini WamaDokodo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • EJerusalema EMkhosini WamaTabernakele
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • “Ihora Lakhe Lalingakafiki”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • “Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 4/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

EMkhosini WamaDokodo

UJESU usedumile phakathi neminyaka ecishe ibe mithathu kusukela ekubhapathizweni kwakhe. Izinkulungwane eziningi ziye zabona izimangaliso zakhe, futhi imibiko ngemisebenzi yakhe iye yasakazeka kulo lonke izwe. Manje, njengoba abantu bebuthanela uMkhosi WamaDokodo eJerusalema, bayamfuna khona. Bafuna ukwazi: “Uphi yena na?”

UJesu sekuphikiswana ngaye. Abanye bathi: “Muhle.” Abanye bagomela ngokuthi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.” Kunezinkulumo eziningi zokuhleba zaloluhlobo phakathi nezinsuku zokuqala zalomkhosi. Nokho akekho onesibindi sokukhuluma obala amelele uJesu. Lokhu kungenxa yokuthi abantu besaba ukuziphindiselela kwabaholi abangamaJuda.

Lapho umkhosi usuphakathi, uJesu uyafika. Ukhuphukela ethempelini, lapho abantu bemangazwa khona yikhono lakhe lokufundisa elimangalisayo. Njengoba uJesu engazange aye ezikoleni zobufundisi, amaJuda ayabuza: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”

“Imfundiso yami akusiyo eyami,” kuchaza uJesu, “kodwa ngeyongithumileyo. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.” Imfundiso kaJesu inamathela emthethweni kaNkulunkulu. Khona-ke, kumelwe kube sobala ukuthi ufuna udumo lukaNkulunkulu, hhayi olwakhe. “UMose kaninikanga yini umthetho na?” kubuza uJesu. Futhi ngendlela yokubasola, uqhubeka ethi: “Akakho kini ogcina umthetho.”

Khona-ke uJesu uyabuza: “Nifunelani ukungibulala na?”

Isixuku, ngokunokwenzeka esiyizivakashi emkhosini, asazi ngemizamo enjalo. Sikubheka njengokungenangqondo ukuthi ukhona ongafuna ukubulala umfundisi omangalisa kangaka. Ngakho sicabanga ukuthi kumelwe kube khona okuthile okuyiphutha ngoJesu ukuba acabange lokhu. Sithi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”

Abaholi bamaJuda bafuna ukuba uJesu abulawe, ngisho noma isixuku singase singakuqapheli. Lapho uJesu ephulukisa indoda ngeSabatha onyakeni nengxenye ngaphambili, abaholi bazama ukumbulala. Ngakho uJesu manje uveza ukungabi nangqondo kwabo ngokubabuza: “Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na? Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”

Izakhamuzi zaseJerusalema, ezaziyo ngalesisimo, manje zithi: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na? Bheka, ukhuluma obala, kabasho-lutho kuye. Kungaba-ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?” Lezakhamuzi zaseJerusalema ziyachaza ukuthi kungani zingakholelwa ukuthi uJesu unguKristu: “Lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”

UJesu uyaphendula: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina. Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.” Kulokhu bazama ukumbamba, mhlawumbe bafuna ukumvalela ejele noma ukumbulala. Nokho, abaphumeleli ngoba akukabi yisikhathi sokuba uJesu afe.

Nakuba kunjalo, abaningi baba nokholo kuJesu, njengoba eqinisweni kumelwe benze. Phela, uye wahamba phezu kwamanzi, wathulisa isivunguvungu, wathulisa izilwandle ezinesiphepho, wasuthisa ngokuyisimangaliso izinkulungwane ngezinkwa ezimbalwa nezinhlanzi, waphulukisa abagulayo, wenza ukuba izigoga zihambe, wavula amehlo ezimpumputhe, waphulukisa abanochoko, wavusa ngisho nabafile. Ngakho bayabuza: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”

Lapho abaFarisi bezwa isixuku sivungama ngalezizinto, bona kanye nabapristi abakhulu bathumela izikhonzi ukuba zimbambe uJesu. Johane 7:11-32.

◆ UJesu ufika nini emkhosini, futhi kunayiphi inkulumo ngaye?

◆ Kungaba yisiphi isizathu esenza abanye bathi uJesu unedemoni?

◆ Izakhamuzi zaseJerusalema zinamuphi umbono ngoJesu?

◆ Kungani abaningi beba nokholo kuJesu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela