Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 1/15 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Nizoba Ofakazi Bami”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Amakhulu Abantu Ayambona Ngaphambi KwePhentekoste
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 1/15 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Obani “abayishumi nambili” uJesu abonakala kubo, njengoba kuphawulwe kweyoku-1 Korinte 15:5?

Ukubonakala okuphawulwe kweyoku-1 Korinte 15:5 kubonakala kuyilokho okubhalwe kuJohane 20:26-29, okwakuhlanganisa uTomase. Nokho, lokhu kubhekisela kubaphostoli njengeqembu futhi kungenzeka kwakuhlanganisa uMathiya.

Lapho exoxa ngovuko, uPawulu wabhala ngokubonakala kukaJesu kubantu ngemva kokuba Evusiwe. Umphostoli wathi uKristu “wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili; emva kwalokho wabonwa . . . ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu.”—1 Korinte 15:5, 6.

Kulabo ababemlandela njengabafundi, uJesu wakhetha abaphostoli abayi-12. (Mathewu 10:2-5) UJuda Iskariyothe wayengomunye wabayi-12, kodwa waphenduka imbuka, wakhaphela uJesu, wayesezilengisa. (Mathewu 26:20-25; 27:3-10) Ngakho ngesikhathi sokufa nokuvuka kukaJesu, kwakunabaphostoli abayi-11 kuphela abathembekileyo kwabokuqala abayi-12. UJesu wabonakala kubafundi abahlukahlukene phakathi kokuvuka nowenyukela kwakhe ezulwini. Ngemva kwalokho abaphostoli basiqaphela isidingo sokufaka omunye esikhundleni sikaJuda. Ngokuqondisa kwaphezulu, kwakhethwa uMathiya, futhi “wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.”—IzEnzo 1:6-26.

Ngakho abanye baye bamangala ukuthi kungani uPawulu ayengabhala ukuthi uJesu wabonakala ‘kwabayishumi nambili,’ njengoba ngalesosikhathi uJuda wayesefile futhi uMathiya wayengakakhethwa. Ngokuqondile, ngalesosikhathi ‘kwakunabaphostoli abayishumi nanye’ kuphela ababekhethwe kuqala futhi bathunywa uJesu.—Luka 6:13-16.

Kuvamile ukukhuluma ngeqembu lilonke nakuba ilungu elilodwa lingekho. (“Isigungu sabaqondisi sinqume . . . ” “Indikimba yabadala ihlanganile . . . ”) Ngakho-ke igama elithi “abayishumi nambili” kungenzeka lalisetshenziselwa ekubhekiseleni eqenjini lilonke labaphostoli, ngisho noma oyedwa noma ababili babengekho ngalesosikhathi. (Qhathanisa nezEnzo 6:1-6.) Lapho uJesu ebonakala okokuqala kubafundi ekamelweni elivaliwe, “uTomase, omunye kwabayishumi nambili, . . . wayengekho kubo.” Ezinsukwini eziyisishiyagalombili kamuva wayekhona futhi konke ukungaqiniseki kwakhe kwaqedwa. (Johane 20:19-29) Nakuba ngalesosikhathi uMathiya wayengakakhethwa ukuba athathe indawo kaJuda, wayesenesikhathi eside engumfundi. (IzEnzo 1:21, 22) Njengoba ayesondelene eduze nabaphostoli bokuqala futhi ngokushesha emva kwalokho “wabalwa kanye” nabo, cishe amazwi okukhumbula ukubonakala kukaJesu ‘kwabayishumi nambili’ ayehlanganisa noMathiya.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela