Ukwenza Umhlatshelo Ngezingane—Akuveli KuNkulunkulu
NGAPHANDLE kwezindonga zaseJerusalema, kwakunendawo yasendulo okwakuthiwa iThofeti. Lapho, amaIsrayeli ayeyizihlubuki, kuhlanganise namaKhosi uAhazi noManase, ayevame ukwenza umkhuba omubi kakhulu wokwenza umhlatshelo ngezingane. Ekugcineni, iNkosi ethembekile uJosiya yawuqeda lowomkhuba ngokwenza iThofeti ibe yindawo engayifanele imikhosi engokwenkolo.—2 AmaKhosi 23:10; 2 IziKronike 28:1-4; 33:1, 6.
Kungani lendawo yayibizwa ngokuthi iThofeti? Umsuka waleligama uyimpikiswano, kodwa kuyathakazelisa ukuphawula lokho isazi esingumJuda uDavid Kimhi (c. 1160-c. 1235) esakusho ngalendawo. Exoxa ngeyesi-2 AmaKhosi 23:10, lapho kukhulunywa khona ngeThofeti, wabhala: “Igama lendawo lapho babeqisa amadodana abo [emlilweni] kuMoloki. Igama lendawo kwakuyiThofeti, futhi bathi yabizwa kanjalo ngoba ngezikhathi zokukhulekela babesina futhi beshaya izigubhu [ngesiHeberu, tup·pimʹ] ukuze uyise angakuzwa ukukhala kwendodana yakhe lapho beyeqisa emlilweni, nokuthi inhliziyo yakhe ingabi buhlungu ngayo futhi ayithathe ezandleni zabo. Futhi lendawo yayiyisigodi somuntu okwakuthiwa uHinomu, futhi yayibizwa ngokuthi ‘isiGodi sikaHinomu’ nangokuthi ‘isiGodi saseHinomu.’ . . . UJosiya wayingcolisa leyondawo wayenza yaba indawo engcolile, yokulahlela izidumbu zezilwane nokungcola konke, ukuze kungaphinde futhi kungene ezinhliziyweni zabantu ukweqisa indodana nendodakazi yabo emlilweni kuMoloki.”
Ezikhathini zanamuhla, unkulunkulu uMoloki umane ungumlando nje omangalisayo, futhi ngokungangabazeki abaningi bakuthola kunzima ukukuqonda ukuthi kungani abantu babebulala izingane zabo ngenxa yakhe. Nokho, abantu abadala nanamuhla babonakala bekulungele ukubulala izingane zabo uma bethanda. Kulelikhulu leminyaka, izigidi zentsha ziye zenziwa umhlatshelo ealtare lempi. Minyaka yonke, izigidi ezingenakubalwa zezingane ezingakazalwa zibulawa ngamabomu ngokukhishwa kwezisu, eziningi zazo ngenxa yokuthi zakhulelwa ngenxa yobulili obungemthetho noma ukuzalwa kwazo kwakuzophazamisa indlela yokuphila yabazali bazo. Ngakho-ke, lezingane ziba umhlatshelo konkulunkulu benkululeko yobulili nabezinto ezibonakalayo.
UJehova wathi ukushiswa kwezingane kuMoloki kwakuyisinengiso. (Jeremiya 7:31) Ingabe ukubheka ngokwehlukile noma yikuphi ukubulawa okungaka kwezingane esizukulwaneni sethu?
[Izithombe ekhasini 31]
Umhlatshelo ngezingane kunkulunkulu wamanga uMoloki, njengoba waboniswa eminyakeni engama-75 edlule kuyi“Photo-Drama of Creation”
IsiGodi sikaHinomu sanamuhla, sibheke ngasempumalanga