Ngobani Abavangeli Beqiniso?
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi uhlalaphi, ngandlela-thile umsebenzi wobuvangeli owaqalwa nguJesu Kristu uye wakuthinta ukuphila kwakho. Kodwa akubona bonke abaye bathi bamelela uKristu abaye basakaza isigijimi sangempela seZwi likaNkulunkulu. Akubona bonke abavangeli—besikhathi sanamuhla noma esidlule—abaye baba nentshiseko yobuthunywa bevangeli efana naleyo eyayenza abafundi bakaKristu bekhulu lokuqala bahluke.
Kuyiqiniso, amasonto eLobukholwa anezithunywa zevangeli ezilinganiselwa ezi-220 000 ezisebenzayo emhlabeni namuhla. Kodwa ingabe lezozithunywa zevangeli ziyaphumelela ekubeni ngabavangeli beqiniso? Ngokungaphezulu, ubuvangeli bobuKristu abuhloselwanga ukuba bube uhlobo lokuzuza amanye amazwe ngokomoya, lapho abashumayeli babeyosebenza njengabameleli bemibuso emikhulu edla amanye amazwe. (Qhathanisa noJakobe 4:4.) Ubuvangeli bangempela bobuKristu babungeke busekele okuthiwa inkululeko yenkolo bese buphishekela ushintsho olukhulu ezimisweni zezombangazwe nezenhlalo; ngisho noJesu wayengacabangi ngabashumayeli abashaya iBhayibheli bememezela ushintsho lwabo “lwenkolo yokuchuma” ngamaza eTV nawomsakazo. (Johane 17:16; Mathewu 6:24) Ngakho-ke, uyini umvangeli?
Buyini Ubuvangeli Beqiniso?
Ezilimini zokuqala zeBhayibheli, isiHeberu nesiGreki, umvangeli ungummemezeli wezindaba ezinhle.a Izindaba ezinhle zani? Zensindiso, zokubusa kokulunga, nezokuthula. Ngokwesibonelo, uIsaya 52:7 uthi: “Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: UNkulunkulu wakho uyiNkosi.”
Ngaphezu kwalokho, ekuzalweni kweNdodana kaNkulunkulu, ingelosi yamemezela kubelusi: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba-kubantu bonke ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi.” (Luka 2:10, 11) Ngakho-ke, izindaba ezinhle zigxiliswe kuJesu Kristu.
Cishe eminyakeni engama-30 kamuva, uJesu wangena esinagogeni emzini waseNazaretha ngosuku lweSabatha futhi wasukuma ukuba afunde. “Wanikwa incwadi kaIsaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwé kuyo ukuthi: UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli [“izindaba ezinhle,” NW].” Eseqedile ukufunda, “wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni amgqolozela. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: Namhla nje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.” Yebo, uJesu wayengumshumayeli wezindaba ezinhle, futhi izindaba ezinhle ayezimemezela zazigxile “embusweni kaNkulunkulu.”—Luka 4:17-21; 8:1.
UJesu waqhathanisa umsebenzi wakhe wobuvangeli nokuvuna futhi wathi “ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.” (Mathewu 9:36-38) Ngakho, waqeqesha futhi wathuma abalandeli bakhe ukuba nabo babe abavangeli. (Mathewu, isahluko 10; Luka, isahluko 10) Njengoba kwakunjalo ngoMfundisi wabo, umongo wokushumayela kwabo ‘kwakuwumbuso wezulu.’ (Mathewu 10:7) Nokho, ukushumayela ngoMbuso kwakungekhona okwabaphostoli bakaJesu kuphela.
Lapho ukushushiswa kwebandla lobuKristu elalisafufusa kugqashuka emzini waseJerusalema, indaba engokomlando kuzEnzo 8:1 ithi “bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.” Ingabe labobafundi ababehlakazekile bacasha futhi bathuthumela ngenxa yokwesaba? Cha, ngoba ivesi lesi-4 liyaqhubeka: “Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.” Ngalendlela labo bavangeli bekhulu lokuqala bavuna isivuno esikhulu.
Ngokuthakazelisayo, incwadi ethi A Theological Word Book of the Bible ithi: “KuyiTE [iTestamente Elisha] ukushumayela akuhlangene nalutho nokunikeza izintshumayelo kwabaphendukile, okuyilokho ngokuvamile okuchazwa yikho namuhla, kodwa ngaso sonke isikhathi kuphathelene nokumenyezelwa ‘kwezindaba ezinhle zikaNkulunkulu’ ezweni labangemaKristu.” Ngakho-ke wonke amaKristu angabavangeli, futhi ukushumayela kwawo ivangeli akulinganiselwe ekukhulumeni nabakholwa nawo.
Kodwa uyini umongo wobuvangeli bosuku lwanamuhla? UJesu wabikezela ukuthi osukwini lwethu “lelivangeli [‘lezi zindaba ezinhle,’ NW] lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Futhi uJesu akayalanga nje kuphela labo ababona ukwenyuka kwakhe kodwa futhi nabalandeli bakhe besikhathi esizayo ukuba babe “ngofakazi [bakhe] eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.”—IzEnzo 1:8; bheka futhi uMathewu 28:19, 20.
Ngakho-ke, umongo wesigijimi somvangeli uyizindaba ezinhle zoMbuso kaJehova uNkulunkulu ezandleni zoMbusi wakhe ammisile, uJesu Kristu, iNkosi Yokuthula. (Isaya 9:6) Futhi uhlanganisa wonke amaqiniso akhulunywa uJesu nalawo abafundi bakhe abawaloba. Ngokwethembeka abavangeli beqiniso banamuhla banamathela kulomongo owodwa.
Ngubani Osekela Ubuvangeli Beqiniso?
Abavangeli beqiniso bakhulekela uJehova njengoNkulunkulu. UnguMvangeli oMkhulu; unguMsekeli wokushunyayelwa kwezindaba ezinhle. (Galathiya 3:8; IsAmbulo 10:7) Futhi ufisa ukuba bonke abantu kuyo yonke indawo bezwe futhi bathobele isigijimi sakhe. “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,” kusho umphostoli uPetru esixukwini esincane ethekwini laseMediterra laseKesariya. “Kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye. Walithumela izwi kubantwana bakwaIsrayeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.”—IzEnzo 10:34-36.
IBhayibheli labikezela ukuthi osukwini lwethu abavangeli babeyophinda bavune isivuno esikhulu. (IsAmbulo 14:15, 16) Funda esihlokweni esilandelayo okunye kokuhlangenwe nakho oFakazi BakaJehova abakutholayo njengoba behlanganyela kulomsebenzi wokuvuna. Hlola irekhodi labo lokushumayela emakhasini 12 kuya ku-15 alomagazini. Khona-ke khuluma noFakazi BakaJehova lapho befika ekhaya lakho futhi ubone ukuthi awuvumi yini ukuthi bangabavangeli beqiniso banamuhla.
[Umbhalo waphansi]
a Isenzo sesiGreki esihunyushwa ngokuthi “letha izindaba ezinhle,” noma “shumayela ivangeli,” (eu·ag·ge·liʹzo·mai) sasimelela igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi ‘letha izindaba ezinhle’ (bis·sarʹ) kuIsaya 52:7. Isenzo esithi bis·sarʹ lapha sisho “ukumemezela ukunqoba kukaYahweh kwendawo yonke phezu komhlaba nokubusa kwakhe kobukhosi” nokuvela kwenkathi entsha, kusho iThe New International Dictionary of New Testament Theology.—Qhathanisa noNahume 1:15, New World Translation of the Holy Scriptures—With References, umbhalo waphansi.