Abamemezeli BoMbuso Bayabika
IGuinea Yamukela Abeze Emhlanganweni “Wokuthula Kwaphezulu”
EZINSUKWINI ezine zokuqala zika-1987 kwaba khona umhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova owawungowokuqala ngqá eRepublic yaseGuinea, eNtshonalanga Afrika. Nakuba iGuinea iyizwe lamaMuslim kakhulu lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova ungakaqashelwa ngokomthetho, oFakazi lapho baye baziwa njengabantu abalungile, abanobubele, nabanokuthula. Kwakungenxa yalelidumela okwenza ukuba uhulumeni avule kakhulu iminyango ukuze amukele abezé emhlanganweni “Wokuthula Kwaphezulu.”
Phakathi kwezihambeli kwakunezithunywa zevangeli eziyisishiyagalolunye ezazisuka eFreetown, eSierra Leone, ngeveni nezithuthuthu ezimbili. Emngceleni, kwakumelwe bawele umfula ngontantane lokuwela olwakhiwe ngezikebhe ezintathu ezincane ezinamapulangwe avundliswe kuzo. Lapho sebewele ngokuphepha ngezinto zokuwela, izithunywa zevangeli zabuza: “Kumelwe sikhokhe malini?” Impendulo yathi, “Nina ningoFakazi BakaJehova. Ningakhokhi.”
Kuthiwani ngentela yezimpahla nangabavela kwamanye amazwe? Batshelwa, “Ningakhathazeki ngalokho, yonke into isilungisiwe. Fakani amabheji enu nje.” Amakhulu ezinye izihambeli ayeba nokuhlangenwe nakho okufanayo. Uhulumeni waseGuinea awuvumelanga nje kuphela ukuwela mahhala emfuleni ohlukanisa iGuinea neSierra Leone neLiberia; wabuye wayeka nentela yezimpahla nemininingwane yokuwelela kwelinye izwe kunoma yimuphi onebheji “Lokuthula Kwaphezulu”! Omunye umbonisi wesifunda, owayevela eLiberia wathi: “Ibheji lalingcono kakhulu kunepassport.”
Uhulumeni waseGuinea wawuwusizo ngezinye izindlela. Walungiselela into yokuhamba yokuthutha oFakazi abasuka enhloko-dolobha, iConakry, ibayise edolobheni lomhlangano laseGuéckédou, elikude ngamakhilomitha angaphezu kwama-640. Wagunyaza ukuba izimoto ezazisuka eFreetown zidayiselwe upetroli. Wayala ihhotela eliseduze nendawo yomhlangano ukuba libekele oFakazi zonke izindlu zalo. Futhi wavuma ukuba ihholo ledolobha lisetshenziselwe umhlangano wabanikeza lona ngaphandle kwenkokhelo.
Umbusi wesigodi, osesikhundleni esiphakeme kakhulu kuleyongxenye yezwe, wahlalisa izihambeli eziyi-11 emzini wakhe siqu. Futhi wayephakathi kwabayi-1 132 abalalela inkulumo yeningi ngeSonto.
UJehova uNkulunkulu akasoze abukhohlwe ububele obunjalo obaboniswa ezikhonzini zakhe.—Mathewu 10:42; 25:40.