Imibuzo Evela Kubafundi
■ Ingabe kuwukuhlakanipha ngomKristu oye washonelwa umngane wakhe womshado ukuba ahlale engashadile ngethemba lokuphinde bahlanganiswe esikhathini esizayo?
Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuba umKristu azizwe enothando ngomngane wakhe womshado ngisho nangemva kokuba eseshonile! Abanye abaku lesisimo baye bahlala bengashadile, hhayi ngenxa yokwaneliswa uku ngashadi, kodwa ngamathemba okuvuselela umshado wabo ngemva kovuko. Nakuba singebona abangenaluzwela ngemizwelo yobuntu mayelana nalawomathemba, sikhuthaza abanjalo ukuba bacabangele am’aphuzu athile angokweBhayibhc:li.
Ngokwesibonelo, amazwi kamphostoli uPawulu ayathintana nalendaba: “Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma ‘ndoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube-seNkosini. Kepha unenhlanhla [uyajabula, NW] . . . uma ehlala njengalokhu enjalo.” (1 Korinte 7:39, 40) Lokhu kubonisa ukuthi isibopho somshado siyaphela uma kufa umngane womuntu womshado, Kwakuwumusa ngoNkulunkulu ukuba azise amaKristu ngalokhu, ngoba ngalokho abafelokazi nabafe lwa bangakwazi ukuhlola izidingo zabo ezingokwemizwelo nezinye ekunqumeni noma baphinde bashade yini; ababophekile kofileyo.—1 Korinte 7:8, 9.
Nokho, ingabe iBhayibheli liyabonisa noma abavusiwe bayokwazi ukushada noma bavuselele umshado wesikhathi esidlule owaphela ngokufa? Kunendaba ethile ethintana nalombuzo. Yayihilela abaSadusi, okwathi nakuba babengakholelwa ovukweni, beza kuJesu bezama ukumhilela ngamazwi. Baphakamisa lenkinga eyayihilela umshado woku ngenwa: “Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana, nowesibili; nowesithathu wamthatha;a kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyangabantwana, Ekugcineni nomfazi wafa, Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakubangumfazi wamuphi kubo?”—Luka 20:27-33; Mathewu 22:23-28.
AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho, kodwa ubunzima obufanayo bungaphakama ngokuqondene nawo, Ngokwesibonelo: UMzalwane noDade C—— babeshadile futhi benabantwana ababili. Wabe ese fa umzalwane. UDade C—— wayemthanda futhi wamkhumbula kakhulu, kodwa wazizwa enesidingo somngane, ukusekelwa ngokwezimali, ukwaneliswa ngokobulili, nokusizwa ngo kuqondene nabantwana. Ngakho washada noMzalwane uM——, okuwukuhlangana okwakungokomBhalo njengokokuqala. Kamuva lomzalwane wagula futhi wafa. Uma labangane bangaphambili bevuka futhi ukushada kuvumelekile, wayengashada namuphi.
Cabangela impendulo kaJesu kubaSadusi: “Abantwana balenkathi bayaganwa, bayendiswa. Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyonkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa; ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka. Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa . . . lapho eyibiza iNkosi [uJehova) ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe, UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.”—Luka 20:34-38; Mathewu 22:29-32.
Abanye baye baba nomuzwa wokuthi uJesu lapha wayebhekisela ovukweni lwasezulwini, nokho kunezizathu zokukholelwa ukuthi impendulo yakhe yayiphathelene novuko lwasemhlabeni ‘esimisweni sezinto’ esizayo. Iziphi izizathu ezisekela lombono? Labo ababebuza uJesu babengakholelwa kuye futhi bengenalo ulwazi ngovuko lwasezulwini. Babebuza ngomkhaya wamajuda ongaphansi koMthetho. Ekuphenduleni uJesu wabhekisela kuAbrahama, uIsaka, noJakobe, amadoda ayenethemba lokuphinde aphile emhlabeni. (Genesise 42:38; Jobe 14:13-15; qhathanisa namaHeberu 11:19) Lezozinzalamizi, kanye nezigidi zabanye, zabavuselwa emhlabeni futhi bazibonakalisa bethembekile bayoba “njengezingelosi.” Nakuba bengabafayo, ngeke besafa uma uNkulunkulu eseye wabalungisisela ukuphila okungenakuphela,
Imizwelo yobuntu namuhla ingase yenze kube nzima ukwamukela lesiphetho. Kodwa kumelwe kuphawulwe ukuthi akukho ndawo lapho IBhayibheli lithi ukuvusa kukaNkulunkulu abathembekile kusho ukubuyisela isimo sabo somshado. Ngakho-ke, akekho okholelwa ukuthi uma uAkwila noPrisila beye bazuza ukuphila ezulwini, baye bavuselela umshado wabo. (IzEnzo 18:2) Futhi uJosefa noMariya ngokusobala bayophila ezindaweni ezihlukene—uJosefa emhlabeni noMariya ezulwini. (Johane 19:26; IzEnzo 1:13, 14) Njengoba engekho kithi oye waphila ezulwini, asinakusho ukuthi uAkwila, uPrisila, noMariya banemizwa enjani khona, nokho singaqiniseka ngokuthi bathola ukwaneliseka okugcwele enkonzweni yabo yasezulwini.
Ngokufanayo, asikaze siphile njengabantu abaphelele. Khona-ke asinakuqiniseka ukuthi siyozizwa kanjani ngobuhlobo besikhathi esidlule uma sizuza ukuphila kobuntu okuphelele epharadesi. Kuhle ngathi ukukhumbula ukuthi lapho uJesu enza leyonkulumo wayengumuntu ophelele ngakho-ke esesimweni esingcono kunathi sokwazisa imizwa yalabo “abafanele ukufinyelela kuleyonkathi.” Singathembela futhi ekutheni uJesu uyakwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu bamanje.’ (Heberu 4:15) Ngakho uma umKristu ekuthola kunzima ukwamukela isiphetho sokuthi abavusiwe ngeke bashade, angaqiniseka ukuthi uNkulunkulu noKristu bayaqonda. Futhi okwamanje angamane alinde abone okwenzekayo.
Okwamanje asikho isizathu 50-kugcizelela lendaba ngokweqile. Umhubi waloba: “Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe-ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe. . . . Mbongeni, nibusise igama lakhe. Ngokuba muhle uJehova.” (IHubo 100:3-5) UNkulunkulu wethu omuhle ngokuqinisekile uyozilungiselela ngokwanele izidingo zethu zangempela uma ‘sifanelekela ukufinyelela kuleyonkathi.’—Jobe 34:10-12; IHubo 104:28; 107:9.
Ubuhle bukaNkulunkulu futhi buboniswa ekusaziseni ukuthi ukufa komngane womshado kuyawuqeda umshado. (Roma 7:2) Ngakho noma ubani oye walahlekelwa umngane womshado uyokwazi ukuthi ukhululekile ukuphinde ashade manje uma lokho kubonakala kudingeka noma kungcono, Abanye baye baphinde bashada, ngaleyondlela basizakala ukuba bagcwalise izidingo zabo zamanje nalezo zomkhaya wabo. (1 Korinte 7:36-38; Efesu 6:1-4) Ngakho-ke, umKristu oye washonelwa umngane wakhe womshado akumelwe azizwe ebophekile ukuba ahlale engashadile manje ngenxa yokulindela ukuthi abangane bomshado besikhathi esidlule bayophinde bahlanganiswe lapho bevuselwa ukuphila lapha emhlabeni esimisweni esizayo.
[Umbhalo waphansi]
a Uma umIsrayeli efa ngaphambi kokuba umkakhe amzalele indodana eyayingase idle ifa, umfowabo waleyondoda kwakumelwe ashade nomfelokazi ngombono wokuba amzalele indodana.—Duteronomi 25:5-10.