Ingabe Uyonamathela Eqinisweni?
UMA usuqalile ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, umbuzo oyinhloko okumelwe uziphendulele wona ngokwanelisayo yilona, Ingabe leli iqiniso? Uma uthola ukuthi yilo, ingabe uyonamathela kulo? Ezinsukwini zikaJesu Kristu nabaphostoli bakhe abantu babhekana nemibuzo efanayo.
Lapho abaphostoli beshumayela ngoJesu, abantu basabela kanjani? Nokho, izindaba ngoMbuso kaKristu, izimangaliso zakhe, umhlatshelo wakhe wesihlengo, ukuvuka kwakhe, nokuphila okuphakade kwezwakala kujabulisa, futhi abaningi bamukela lokho abakuzwayo njengeqiniso. Kodwa iningi alizange. Eqinisweni, inhlangano yobuKristu yangalesosikhathi ‘yayiphikiswa’ yonke indawo. (IzEnzo 28:22) Ngakho ukwamukela amaqiniso abafundi bakaJesu ababewashumayela kwakusho ukumelana nemibono ethandwayo nokubhekana nokuphikiswa. Ngakho-ke abantu ababenesithakazelo kwakumelwe bakufakazele bona ngokwabo ngokwanelisayo ukuthi izimfundiso zobuKristu zaziyiqiniso. Kwakungaleso sikhathi kuphela lapho babengathatha ukuma okuqinile.
Lapho uPawulu noBarnaba behambela eAntiyokiya eAsia Minor, abantu abaningi basilalela isigijimi sabo ngesithakazelo esikhulu. Umlando weBhayibheli uthi: “Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawomazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo. Ngesabatha elilandelayo kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu.” (IzEnzo 13:42, 44) Kodwa lesithakazelo sokuqala kubantu abaningi sancipha lapho bezwa abaphikisi ababenequngo bekhuluma ngokumelene nabaphostoli.
Ivesi lama-45 lezEnzo isahluko 13 lithi: “Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.” Khona-ke ivesi 50 liqhubeka lithi: “Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.” Abantu abathakazelayo kwakumelwe banqume ukuthi babeyoqhubeka yini belalela abalandeli bakaJesu naphezu kokuphikiswa. Kwakumelwe bamukele lokho abakuzwile njengeqiniso noma bavale izindlebe zabo.
Ukuphikiswa Namuhla
Ngisho nanjengoba amaKristu aphikiswa ekhulwini lokuqala C.E., ngokufanayo kunabaphikisi bosuku lwanamuhla abazama ukuvala izindlebe zabantu abanesithakazelo emaqinisweni angokomBhalo afundiswa oFakazi BakaJehova. Abangane, izihlobo, nabaholi benkolo ngokuvamile bazama ngamandla ukudumaza abanesithakazelo ukuba bangafundi iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngaphandle kobufakazi obungokomBhalo, abaphikisi baphikisa lokho okufundiswayo futhi bamangalele ngezinkulumo ezingamanga.
Abantu abanesithakazelo kumelwe benzeni? Ingabe kumelwe bavumele amazwi abaphikisi avale izingqondo zabo nezindlebe njengoba abanye benza eAntiyokiya? Noma ingabe kumelwe bazibonele ngokwabo eBhayibhelini ukuthi lokho abakufundayo kuyiqiniso noma cha?
Abantu abalalelayo basemzini waseBereya batuswa uPawulu ngoba bahlola imiBhalo ukuze babone ukuthi lokho aba tshela khona kwakuyiqiniso yini. Lapho bethola ukuthi wayekhuluma iqiniso, bathatha ukuma okuqinile ngalo. Siyatshelwa: “Labo-ke [abaseBereya] babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezozinto.”—IzEnzo 17:10, 11.
Abantu baseBereya abazange bavumele izinkulumo zabaphikisi ukuba zivale izingqondo zabo ezindabeni ezinhle. Kunalokho, bahlolisisa imiBhalo nsuku zonke ukuze baqinisekise ukuthi izinto abazizwa zaziyiqiniso. Babethole ingcebo eyigugu futhi babengeke bavumele abaphikisi ukuba babasuse kuyo. Ingabe lena akuyona indlela enengqondo okumelwe ithathwe ngezindaba ezinhle ezifanayo ezimenyezelwa oFakazi BakaJehova namuhla?
Isizathu Sokuba Abanye Baphikise
Ngezinye izikhathi abaphikisi bayizihlobo ezinezisusa ezinhle ozithandayo nozihloniphayo, futhi unesizathu esiqinile sokukholelwa ukuthi zinesithakazelo esiqotho enhlalakahle ni yakho. Kodwa kudingeka ucabangele isizathu sokuba baphikise ukufunda kwakho iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ingabe banobufakazi obungokomBhalo obuqinile bokuthi lokho okufundayo akulona iqiniso? Noma ingabe ukuphikisa kwabo kungenxa yalokho abakutshelwe abanye? Ingabe bantula ulwazi oluqondile ngalokho okufundiswa oFakazi? Abaningi abaphikisa uJesu benza kanjalo ngaphandle kokunaka lokho akufundisayo nangenxa yokuthi babekholelwa ukumangalela okungamanga kwabaphikisi.
Lapho uJesu esesigxotsheni sokuhlushwa, abantu abadlulayo “bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bethi: Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu; zisindise, wehle esiphambanweni. Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: Wasindisa abanye, angezisindise yena. UKristu, iNkosi yakwaIsrayeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” (Marku 15:29-32) Sasiyini isizathu salesisimo esibi?
Abantu bavumela imibono yabo ngoJesu ukuba ifane neyabaholi benkolo ababemzonda ngoba wabadalula njengabafundisi bamanga abazenzo zabo zazingavumelani nokusho kwabo ukuthi bangabameleli bakaNkulunkulu weqiniso. UJesu wabatshela ngokuqondile: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.”—Mathewu 15:3, 7-9.
Abaholi benkolo babemzonda kakhulu uJesu namaqiniso ayewafundisa kangangokuba benza uzungu lokumbulala futhi benza wonke umzamo wokuba abantu bamelane naye. Namuhla, abaholi abaningi benkolo baphikisa oFakazi BakaJehova ngesimo esifanayo. Futhi njengoba kwakunjalo ngamaKristu akuqala, oFakazi ‘bayaphikiswa’ yonke indawo. Kodwa ingabe kuwukuhlakanipha ukuvumela lokhu kuphikisa okungaka ukuba kushintshe ukucabanga kwakho?
Amaqiniso afanayo angokomBhalo oMbuso kaNkulunkulu uJesu nabaphostoli bakhe ababeshumayela ngawo ayamenyezelwa namuhla oFakazi BakaJehova. Amakhulu ezinkulungwane abantu kulo lonke izwe ayazemukela lezindaba ezinhle engakunaki ukuphikisa okunamandla kwabangane, izihlobo, nabaholi benkolo. Labo abamukela isigijimi soMbuso baye bakufakazela ngokwanelisayo ukuthi siyiqiniso, futhi bazimisele ukunamathela kulo.
Ngakho kungani ufana nalabo bekhulu lokuqala abavumela abanye ukuba babasuse emaqinisweni angokomBhalo anikeza ukuphila eza kubo ngabalandeli bakaJesu Kristu ababengathandwa? Kunalokho, qhubeka ufunda iBhayibheli noFakazi, usebenzisa iZwi likaNkulunkulu elibhaliwe ukuze uzibonele ngokwakho ukuthi lokho okufundayo ngempela kuyiqiniso. (Johane 8:32) Futhi ngosizo lukaNkulunkulu namathela eqinisweni.