Ukubona Iziqhingi ZaseBahama—Ngokuhamba Nesikhonzi Esijikelezayo
IZIQHINGI zaseBahama. Kwake kwaba nesikhathi lapho lawomazwi akheka kimi ngiphupha ngilele ezihlabathini ezinhle zolwandle ngaphansi kwamacembe kakhukhunathi ayenyakaza kamnandi noma ngibhukuda emanzini acwebile aluhlaza. Ngempela, ezinkulungwaneni zezivakashi ezisemaholidini ezivakashela iziqhingi zaseBahama inyanga ngayinye, imibono enjalo iba ngokoqobo. Futhi akumangalisi, ngoba isimo sezulu kuleziqhingi ezishisayo siyajabulisa, sinesilinganiso sezinga lokushisa esingamadegrees centigrade angama-21 ebusika namadegrees centigrade angama-29 ehlobo!
Nokho, manje kimi iziqhingi zaseBahama zisho okwengeziwe kunokumane ngithamele ilanga elishisayo njengesivakashi. Ziye zaba isabelo sami njengesikhonzi esijikelezayo soFakazi BakaJehova. Hamba nami futhi ubone iziqhingi zaseBahama kanye nami.
IziQhingi ZaseOut
Cishe iziqhingi ezingama-20 kuphela kwezingama-700 ezinezakhamuzi futhi iningi labantu baseziqhingini zaseBahama lihlala enhlokodolobha yeNassau esiqhingini saseNew Providence. INassau yaziwa njengesikhumulo semikhumbi evakashile ehamba olwandle futhi inamahhotela amaningi abeze emaholidini. Mhlawumbe uke wahlala kwelinye lawo. Kodwa ingabe uye wazihambela ezinye iziqhingi?
Abantu abaningi baseziqhingini zaseBahama bahlala eziQhingini zaseOut, ezibizwa futhi ngokuthi iziQhingi Zomkhaya. Leziqhingi zizungeze iNassau, okuyisona esikude kakhulu njengoba siqhele ngamakhilomitha angaphezu kwama-480. Kwezimbalwa zaleziQhingi zaseOut, ungajabulela zonke izinto zanamuhla zaseNassau, kodwa ezinye aziphucukile. Ngokwesibonelo, ezinye azinawo ugesi noma amanzi aseduze. Kwezinye, usengabona abantu bepheka ngomlilo waphansi emakhishini abo afulelwe ngotshani noma besila ummbila ematsheni okusila.
Indlela Engijikeleza Ngayo
Zonke iziQhingi zaseOut zingafinyelelwa ngesikebhe noma ngendiza ukusuka eNassau, kodwa ingxenye yazo ekude ingaletha inselele kubantu abanomsebenzi onjengowami. Ngokwenqubo efana naleyo eyalandelwa amaKristu ekhulu lokuqala, isikhonzi esijikelezayo, noma umbonisi wesifunda, uvakashela amabandla namaqembu amancane oFakazi BakaJehova ukuze awaqinise futhi awakhuthaze ngokomoya.—IzEnzo 15:36; 16:4, 5.
Ngikhumbula iqembu loFakazi abathathu kuphela okwakumelwe ngilivakashele eziQhingini zaseOut. Kwase kuphele iminyaka engaphezu kwemithathu leliqembu lingakaze livakashelwe umbonisi wesifunda. Ngalibhalela ngiseNassau, ngilazisa ngezinsuku zokufika kwami. Kodwa lapho ngifika ngesikebhe, akukho Fakazi owangihlangabeza esikhumulweni. Ngakho ngabuza ukuthi ukhona yini owayengangisiza ngithole omunye woFakazi. Ngaqondiswa komunye wesifazane, futhi njengoba ngangizethula njengombonisi wesifunda, wajabula kakhulu kangangokuthi wangishiya eyotshela abanye oFakazi ngokufika kwami. Wangishiya ngimi lapho nemithwalo yami. LaboFakazi babengayitholanga incwadi yami, ngakho bamangala futhi bajabula ngokufika kwami.
ENassau ngabuya ngesikebhe esincane esithutha impahla neposi. Uhambo lwasolwandle olungeluhle lwathatha amahora angaphezu kwama-30, kodwa isikhathi sadlula ngokushesha, okungenani ngami. Ngabamba ithuba lokushumayela kwabanye abagibeli. Esikhathini esithile kamuva, omunye wengangigibele nabo waqala ukutadisha iBhayibheli futhi manje uba khona emihlanganweni kwelinye lamabandla aseNassau.
Enye indlela yokuvakashela iziQhingi zaseOut ingendiza. Nokho, izindiza ezincane kuphela ezingehlela kwezinye zezindawo zasesiqhingini. Lezi ngokuvamile zilondekile, kodwa ngezinye izikhathi zinokuhlangenwe nakho okwethusayo. Ngesinye isikhathi, ngashaywa uvalo olukhulu lapho ngibona intuthu igcwele ngenhla kwamafasitela angaphambili endiza njengoba yayisuka esikhumulweni. Ngokushesha indiza yabuyela endaweni yayo. Yayibangelwa yini lentuthu? Isidleke sesilwane esiququdayo esakhiwe emgodini wokungenisa umoya oshisayo nobandayo ngasenjinini!
Kuthiwani Ngabantu?
Lapho ngijikeleza eziQhingini zaseOut, ngathola abantu abaningi abafuna izincwadi zeBhayibheli. Kodwa ngabanye babo, ngisho nezincwadi ezibiza kancane zingaphezu kwamandla abo. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku olushisa kakhulu, abayisihlanu bethu babeshumayela esiqhingini esikude lapho ngihlangana nowesifazane owabonisa isithakazelo esikhulu encwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Wayengenayo imali yokunikelela izindleko zayo, kodwa ayenakho efulijini kwakuyilokho kanye esasikudinga—amakani ayisihlanu esiphuzo esibandayo. Sahweba incwadi ngeziphuzo ezibandayo, ezenza wonke umuntu wajabula.
Abantu baseziqhingini zaseBahama balithanda ngempela iBhayibheli. Lokhu kwenza kube yinjabulo ukubalethela “izindaba ezinhle” zoMbuso kaJehova. (Mathewu 24:14, NW) Ngokuvamile lapho uya ekhaya elithile, uthola umninikhaya efunda iBhayibheli. Kwelinye ikhaya engalivakashela, umama watshela ngeqholo indodakazi yakhe eneminyaka emithathu ukuba ingisholo amagama azo zonke izincwadi zeBhayibheli ezingama-66 ngokulandelana kwazo.
Phakathi neminyaka embalwa edlule, abantu baseziQhingini zaseOut baye bajabulela ukubona izintshumayelo zamaslide ngezindaba zeBhayibheli ezilungiselelwe yiWatch Tower Society. Kwesinye isiqhingi, lalingekho ihholo elalitholakala, ngakho senza amalungiselelo okubonisa amaslide ngaphandle odongeni olwalusanda kupendwa ngokumhlophe eduze nesitolo sokudla esincane. Cishe kwaba nabantu abangama-60—abanye bemile, abanye behlezi.
Kwesinye isenzakalo, abantu abayi-120 bahlangana. Bajabulela isimiso samaslide kangangokuthi lapho izibani sezikhanyiswa, akekho owahamba. Ngakhumbula ukuthi ngangize nolunye uhlelo lwamaslide ngendaba yeBhayibheli ehlukile. Ngakho izibani zaphinde zacishwa, futhi kwaboniswa uhlelo lwesibili—isixuku sathokoza.
Ngezinye izikhathi kungavela izinkinga. Kwesinye isiqhingi iqembu labantu lahlangana endlini yesikole sendawo ukuze libone isimiso sethu samaslide. Njengoba ngangiqala ukudlalisa umshini, ibulb yaqhuma. Ngangingenayo enye ibulb yomshini, futhi yayingatholakali kulesiQhingi saseOut. Nakuba kungadingeki ukuba ngisho, isixuku sadumala. Nokho, ngokushesha ngihlakaze umshini futhi ngenze ushintsho oluthile, ngakwazi ukusebenzisa ibulb evamile yasendlini njengokuthile okubambelayo okuhle, kodwa okufiphele kancane. Izilaleli azibanga nandaba. Zasijabulela isimiso yize kunjalo.
Izicabucabu, Omiyane, “Namakati Athosiwe”
Ukuvakasha njalo eziQhingini zaseOut kudinga ukuzifanelanisa okuthile nezimo zesimo sezulu esishisayo. Ngikhumbula ngesikhathi ngibona isicabucacu okokuqala. Lesicabucabu sasihamba phansi futhi sasibonakala sisikhulu singangesandla sami! Ngashaywa uvalo—ngesaba. Ngiyajabula ngokuthi umninikhaya wangisiza. Ngokugalela kanye nje ngommese, “isitha” sabulawa. Umninikhaya wayeyindoda eneminyaka engama-82. Ngaphambili, wayelwisane kanzima nemizamo yomkakhe yokukhonza uJehova. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi waqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso nokutadisha iBhayibheli naye.
Ngenxa yesimo sezulu esifudumele, omiyane bangaletha inkinga. Ngezinye izikhathi bangaba baningi kangangokuthi lapho ukhuluma, omunye ungangena emlonyeni wakho. Yebo, kuyinjabulo ukubona ezinye izinto eziningi eziphilayo, njengamaflamingo amahle ampofu ahlala phakathi kwezitshalo ezithelayo zasezindaweni ezishisayo nasemithini yezithelo.
Ukwazi ngokudla kwendawo kungaba isambulo ngempela. Kwesinye isiqhingi, ngabona okwakubonakala kunjengomuthi wamawolintshi kugcwele izithelo ezinompe oluningi. Ngabuza inkosikazi yekhaya ukuthi ngangingalikha yini iwolintshi elilodwa noma amabili. Yangixwayisa. K wakungewona amawolintshi kodwa kwakuyisithelo esimuncu. Nokho, yathi ngangingazisiza. Nokho, ngazitshela ukuthi ngiyalazi iwolintshi uma ngilibona. Ngakho ngakha elilodwa elikhulu ngaliluma. Yeka isimanga! Umlomo wami wayobayoba. Lesithelo sasimuncu ngempela, njengolamula. Owesifazane wahleka, kodwa ngezwa ukuthi nakuba isithelo somuthi ‘wewolintshi’ elimuncu sibukeka njengewolintshi, asinambitheki nakancane njengalo!
Ngangicabanga ukuthi ngangikujwayela kahle ukuphila kwasesiqhingini kwaze kwaba yilapho ngiya kwesinye seziqhingi esikhathini esifushane esidlule. Ngangihlala nomfelwa osegugile njengoba ngangikhonza ibandla. Lapho ngivuka ekuseni ngosuku lokuqala, wangimemela ukuba ngibe naye ekudleni kwasekuseni. Umlomo wami waconsa amathe ngokulangazelela—kwaze kwaba yilapho engitshela okuzodliwa. “Amakati athosiwe”! Njengoba ngangingena ekhishini futhi sengizokubonga ukudla, ngambona ephenduphendula amaqebelengwana. “Aphi ‘amakati athosiwe’?” ngibuza. Wakhomba amaqebelengwana. Ngaphefumlela phezulu ngenxa yokukhululeka, futhi sobabili sahleka. Wayecabanga ukuthi ngangazi ukuthi amaqebelengwana ayebizwa ngokuthi amakati athosiwe kulesosiqhingi.
Imivuzo Yokujikeleza
Ngenxa yokuqhela kwezinye iziqhingi, kunesidingo esikhulu sokuba izikhonzi ezengeziwe zisize ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Lesidingo akusona esokufinyelela abantu baseziqhingini zaseBahama abakhuluma isiNgisi kuphela kodwa futhi nokuya kubantu abavela eHaiti abakhuluma isiFulentshi.
Ukuba isikhonzi esijikelezayo eziqhingini zaseBahama kuyinselele ejabulisayo edinga ukuzifanelanisa okuthile nendlela yokuphila yasesiqhingini. Kodwa futhi kunemivuzo emikhulu. Omunye uyinjabulo engenakulinganiswa yokubona abantu besabela esigijimini seBhayibheli. Omunye uyilungelo elihle lokuqabula ngokomoya amabandla ahlakazekile namaqembu angawodwa.
Thina eziqhingini zaseBahama sijatshuliswa ubuhle bezilwandle ezicwebezela isihlabathi esimpofu nesihlabathi esimhlophe kanye namagobolondo akhangayo ahlelwe kahle anezinhlanzi. Kodwa sijabula ngokukhethekile ngalokho manje okwenzekayo lapha nasemhlabeni wonke. NjengoFakazi BakaJehova, sibona iHubo 97:1 ligcwaliseka. Lithi: “UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.”—Njengoba ilandiswa nguAnthony Reed.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
Ngashaywa uvaloolukhulu lapho ngibona intuthu igcwele ngenhla kwamafasitela angaphambili endiza njengoba yayisukaesikhumulweni
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]
Abantu baseziqhingini zaseBahama balithanda ngempela iBhayibheli. LokhU kwenza kube yinjabulo ukubalethela “izindaba ezinhle” zoMbuso kaJehova
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]
Ngikhumbula ngesikhathi ngibona isicabucabu okokuqala. Sasihamba phansi futhi sasibonakala sisikhulu singangesandla sami!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
Ngambuza, “Aphi ‘amakati athosiwe’?”
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
FLORIDA
BAHAMAS
ATLANTIC OCEAN