Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 3/15 kk. 8-9
  • Ukufundisa Ngemifanekiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufundisa Ngemifanekiso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufundisa Ngemifanekiso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Imifanekiso Ephathelene NoMbuso
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuzuza Emifanekisweni KaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • ‘NguNkulunkulu Okhulisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 3/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukufundisa Ngemifanekiso

NGOKUSOBALA uJesu useKapernawume lapho ethethisa abaFarisi. Kamuva ngalolosuku uyaphuma endlini futhi uya oLwandle lwaseGalile oluseduze, lapho izixuku zabantu zibuthana khona. Lapho ugibela umkhumbi, uyahamba, futhi ogwini uqala ukufundisa abantu ngoMbuso wamazulu. Lokhu ukwenza ngochungechunge lwemifanekiso, ngamunye unesimo esivamile kubantu.

Okokuqala, uJesu ukhuluma ngomhlwanyeli ohlwanyela imbewu. Enye imbewu iwela endleleni futhi idliwa izinyoni. Enye imbewu iwela emhlabathini onamadwala. Njengoba izimpande zingajuli, izithombo ezintsha ziyabuna ngenxa yelanga elishisayo. Futhi enye imbewu iwela emeveni, aminyanisa izithombo lapho zimila. Ekugcineni, enye imbewu iwela emhiabathini omuhle futhi ithela ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, futhi enye ngamashumi amathathu.

Komunye umfanekiso, uJesu uthi uMbuso kaNkulunkulu ufaniswa nalapho umuntu ehlwanyela imbewu. Njengoba izinsuku ziqhubeka, indoda iyala la futhi lapho ivuka, imbewu iyakhula. Indoda ayazi ukuthi kwenzeka kanjani. Iyazikhuiela futhi ithele izithelo. Lapho izithelo sezivuthiwe, indoda iyazivuna.

UJesu ukhuluma ngomfanekiso wesithathu wendoda eyatshala uhlobo oluhle lwembewu, kodwa lapho isalele, kufika isitha futhi sihlwanyela ukhula emabeleni. Izisebenzi zaIendoda ziyabuza ukuthi kumelwe yini zisiphule ukhula. Kodwa iyaphendula: ‘Cha, funa nisiphule namabele. Yekani kokubili kukhule ndawonye kuze kuvunwe. Khona-ke ngiyakutshela abavuni ukuba babuthe ukhula balushise bese befaka amabele engotsheni.’

Eqhubeka nendaba yakhe ezixukwini ezazisogwini, uJesu unikeza eminye imifanekiso emibili. Uchaza ukuthi “umbuso wezulu” ufana nenhlamvu yesinaphi ehlwanyelwa umuntu. Nakuba ingeneane kunazo zonke, uthi, imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo. Iba umuthi izinyoni eziza kuwo, zakhele emthunzini wamagatsha awo.

Abanye namuhla bathi zikhona izimbewu ezincane kunezimbewu zesinaphi. Kodwa uJesu akafundisi ngesayensi yezithombo. Abantu baseGalile bosuku lwakhe phakathi kwezimbewu ababezijwayele, imbewu yesinaphi empeleni yayingencane kunazo zonke. Ngakho bayayiqonda indaba yesici sokukhula uJesu ayifanekiselayo.

Ekugcineni, uJesu ufanisa umbuso wezulu “nemvubelo owesifazane ayithathayo ayihlanganise nezilinganiso ezintathu zempuphu. Kamuva, uthi, ibilisa yonke inhlama.

Ngemva kokunikeza lemifanekiso emihlanu, uJesu ukhulula izixuku abese ephindela endlini ahlala kuyo. Ngokushesha abaphostoli bakhe abayi-12 kanye nabanye beza kuye lapho. Mathewu 13:1-9, 24-36; Marku 4:1-9, 26-32; Luka 8:1-8.

◆ Kunini futhi kukuphi lapho uJesu akhuluma khona ngemifanekiso ezixukwini?

◆ Imiphi imifanekiso emihlanu uJesu ayixoxela izixuku?

◆ Kungani uJesu athi imbewu yesinaphi ingeneane kunazo zonke izimbewu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela