Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 11/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uyasindisa—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Isitha Sokugcina, Ukufa, Senziwa Ize
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Isihlengo SikaKristu—Indlela KaNkulunkulu Yokusindisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 11/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Engikwaziyo ukuthi uNkulunkulu uye waxhumana nabantu ngeNdodana yakhe kuphela ngemva kokuba umuntu eye wawela esonweni. Ngakho-ke uNkulunkulu wayengaxhumana kanjani ngokuqondile noSathane, njengoba incwadi kaJobe ibonisa?

UNkulunkulu uye waxhumana nabantu ngeNdodana yakhe kokubili ngaphambi nangemva kokona kuka-Adamu nokuveza kwakhe inzalo engaphelele.—Roma 5:12.

Ngokuqondene neNdodana kaNkulunkulu eyizibulo eyabaseKolose 1:16, 17, ithi: “Kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa . . . konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo.” UJohane 1:1-3 uveza iphuzu elifanayo, kodwa futhi sifunda ukuthi leNdodana yayinguLizwi, noma uLogos. Ngisho nalapho bonke abantu besaphelele, ngaphambi kokuba uAdamu noEva bone, uNkulunkulu waxhumana futhi wakhulumisana nabo ngomkhulumeli waKhe, uLizwi. Ngakho-ke akumelwe sicabange ukuthi ukuxhumana kukaNkulunkulu nabantu ngeNdodana yakhe kungumphumela wokungapheleli nokuwela komuntu esonweni.

IBhayibheli alisinikezi imininingwane eminingi ngendlela uJehova uNkulunkulu akhulumisana ngayo nezidalwa zomoya. UJobe isahluko 1 no-2 ulandisa ngokuthi uSathane wake waba “phambi kukaJehova” emhlanganweni wezingelosi ezulwini. “UJehova wayesethi kuSathane: Uvelaphi na?” (Jobe 1:6, 7) Lapha incwadi kaJobe ayimchazi uSathane njengokhuluma noJehova ngomkhulumeli. Futhi, umprofethi uMikhaya wabona embonweni uJehova ehlezi esihlalweni saKhe sobukhosi. Umprofethi wabona ingelosi ikhuluma noJehova, futhi akekho umkhulumeli ophawulwayo. (1 AmaKhosi 22:19-23) Kulezi zenzakalo ezimbili uLogos akathintwa. Ukuthi wayehilelekile yini akuvezwa ngokuqondile.

Nakuba indlela kaJehova uNkulunkulu yokukhulumisana noAdamu kungadingekanga ukuba ishintshwe lapho umuntu wokuqala ona, isimo sika-Adamu sasesihluke ngokuphelele. Ngaphambi kokuba one, uAdamu wayengumuntu “[oyindodana] kaNkulunkulu.” (Luka 3:38) Kamuva akazange abe yiyo. Inzalo ka-Adamu nayo futhi ibingaphelele, inesono. Ngakho, uJehova wayengekho esimweni sokubheka ngisho abesifazane namadoda athembekile naqotho ‘njengamadodana’ akhe, noma abantwana abangabantu. Nokho, wahlela ukuba kube noshintsho. UJesu weza futhi wanikeza umhlatshelo wesihlengo, enikeza uJehova isisekelo sokuthethelela izono zabo bonke ababonisa ukholo kulowomhlatshelo. Umphostoli uPawulu wachazela amaKristu: “Uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe siseyizitha.”—Roma 5:10; Efesu 1:7.

Yebo, ngaphandle kokuba yena ngokwakhe azenze ongalungile noma ongahlanzekile, uJehova kanjalo wayengathethelela izono zabantu bokholo futhi ababheke njengabantu abahlanzekile, amadodana abantu angenasono, anelungelo lokwamukelwa njengamadodana omoya. (Roma 3:25, 26; 8:15-17) Nokho, ngisho nakulokhu, uNkulunkulu wasebenzisa iNdodana yakhe, njengoba kubonakala emlandweni kaJesu wokuthulula umoya ongcwele ngePentekoste.—IzEnzo 2:33.

Ngakho-ke ukuxhumana kukaNkulunkulu nabantu ngoLizwi akuqalanga ngokona kwabantu, futhi akumelwe kubhekwe njengalokho okuphikisana nesikufunda encwadini kaJobe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela