Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 5/1 kk. 3-4
  • IBhayibheli—Ingabe Liwusizo Osukwini Lwethu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli—Ingabe Liwusizo Osukwini Lwethu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Alishintshile
  • Incwadi Ewusizo Ekuphileni Kwanamuhla
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Ingabe IBhayibheli Lisewusizo Nanamuhla?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Incwadi Evela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Incwadi Enikeza Isiqondiso Sangempela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 5/1 kk. 3-4

IBhayibheli—Ingabe Liwusizo Osukwini Lwethu?

LELIZWE liye lashintsha kakhulu phakathi nekhulu leminyaka elidlule. Inguquko kusukela ezinsukwini zokusetshenziswa kwamahhashi nezinqola kuya enkathini yanamuhla yokuya enyangeni iye yathuthuka ngokushesha kangangokuthi izincwadi zobuchwepheshe ngokuvamile ziba yisidala ngokushesha ngemva kokunyatheliswa kwazo. Isayensi nezobuchwepheshe kuye kwathuthuka ekuholeni kwakho. Nakuba amacomputer aqala ukusetshenziswa cishe eminyakeni eyi-150 edlule, aqale eminyakeni yamuva nje ukusetshenziswa endaweni yonke, elawula yonke into kusukela ekucibeni imikhumbi-mkhathi kuya ekuhlelweni kokusetshenziswa komholo ngokufanelekile. Bekumangalisa ngempela! Umuntu ngeke akwazi konke!

Izinguquko eziningi bezinenzuzo. Phakathi kwazo kuye kwaba nentuthuko kwezokukhulumisana, ezokuthutha, imishini enciphisa inani lezisebenzi, nezokwelapha. Ngokwesibonelo, isandla noma umunwe olimele, owawukade ubhekwa njengongasenakuphinde ulunge, ngokuvamile odokotela abacubungulayo sebengawenza usebenze futhi. Singandiza siye kwenye ingxenye yomhlaba wethu ngengxenye nje yosuku, songa izinyanga zokuhamba. Uma kuqhathaniswa neminyaka eyikhulu edlule—lapho zazingekho izimoto, imisakazo, amaTV, amabhayisikobho, amafriji, imishini yokuwasha, amavithamini, izibulali-magciwane, imijovo, kanye nezinye izinto ezingamakhulu ezamukelwa kabanzi namuhla—ngempela siphila enkathini entsha.

Kodwa akukhona konke okuye kwaba okwenzuzo yethu engcono kakhulu. Ngokwesibonelo, ukasetshenziswa kwamandla enuzi kuye kwasongela isintu ngokungathi sína ngempi noma ngokukhishwa kwemisebe. Amakhemikhali amaningi angcolisa umoya, akhishwa izimboni zobuchwepheshe, anezela kulolosongo. Imilaliso eyenqatshelwe nempucuko yanamuhla yemilaliso kulimaza ukuphila kwabaningi.

Inguquko ekuphileni kwabantu iye yaphawuleka kakhulu. Ukwakhiwa kwezimboni nokuthutha emaphandleni kuyiwa ekuphileni kwasemadolobheni kuye kwahlukanisa imikhaya. Ngaphezulu kunanini ngaphambili—ikakhulukazi phakathi kwabesifazane nezingane—abantu bazizwa bekhululekile futhi bezibusa. Ukukhululeka emingceleni yezimiso zokuziphatha zakudala kuye kwaphumela ezindleleni ezintsha zokuphila nezimiso zokuziphatha ezishintshile, kangangokuthi manje sezihluke kakhulu kulokho izwe elalikwazi ezinkulungwaneni zeminyaka.

IBhayibheli Alishintshile

Khona-ke, umuntu angaphendukela kuphi ukuze athole ukuqondiswa? Isiphi iseluleko esisebenzayo namuhla? Abafundisi banamuhla bazibukeza njalo izindlela nezincwadi zabo zokufundisa ukuze bahambisane nezwe lethu elishintshayo. Abefundisi nezinye izazi bafanelanisa izeluleko zabo nalokho okuthandwayo nokwamukelwa kabanzi.

Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liye lahlala lingashintshile izinkulungwane zeminyaka. Ngempela, liqukethe izixwayiso ezinamandla zokuba amazwi alotshwe kulo anganezela noma asuswe. (IzAga 30:5, 6; IsAmbulo 22:18, 19) Lingemukelwa yini iBhayibheli njengesiqondiso esiwusizo osukwini lwanamuhla?

Abanye bayaphika. “Akekho engamelela ukuba kusetshenziswe incwadi yezokuthakwa kwemithi ka-1921 ekilasini lanamuhla lezokuthakwa kwemithi—kuningi osekufundiwe ngezokuthakwa kwemithi kusukela ngalesosikhathi,” kuloba uDr. Eli S. Chesen encwadini yakhe ethi Religion May Be Hazardous to Your Health. Uyaqhubeka: “Ngendlela efanayo, kuye kwafundwa okuningi ngesayensi yezokuhlalisana kwabantu, ifilosofi nesayensi yengqondo yomuntu eminyakeni eyizinkulungwane eziningana edlule; nokho. iBhayibheli (elikhuluma ngalezinto) lisetshenziswa njengegunya futhi alibukezwa njalo.”

Uyanezela: “Ngaso sonke isikhathi ngiyamangala lapho ngizwa othile exoxa ‘ngesimangaliso’ sokungabi yisidala kweBhayibheli nangendlela elisebenza ngayo namuhla njengoba lalinjalo ngesikhathi lilotshwa. Lokhu kucishe kufane nokumangaliswa komuntu ‘ukushaya emhloleni’ kokufundwa kwezinkanyezi. iBhayibheli liye laba negunya elinamandla kangangokuthi bambalwa abacabangela ukulivuselela noma ukulilahla.”

Nokho, ingabe ngempela iBhayibheli liyisidala kulelizwe lethu lanamuhla? Noma ingabe iseluleko elisinikezayo sisewusizo futhi sibalulekile esikhathini sethu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela