Usuku Olujabulisayo Ngezithunywa Zevangeli ZaseJapane
NGOLWESIHLANU, ngoMay 17, 1985, kwakuwusuku oluhle kakhulu ngokomoya ngezithunywa zevangeli zaseJapane ezingama-76. Njengeqembu elikhulu kunanoma iliphi izwe, lezi zithunywa zevangeli ngemva cishe kweminyaka engama-40 zisaqhubeka zisakaza amaqiniso eBhayibheli ngentshisekozijatshuliswe yilelilungelo elivela kanye ngonyaka lokuhlangana ndawonye, zathatha uhambo oluya egatsheni laseEbina zisuka emakhaya ezithunywa zevangeli ayishumi asakazeke kulo lonke izwe. Ezinye zivela ezabelweni ezikude emsebenzini wokujikeleza.
Ukubingelelaha ngenjabulo nengxoxo phakathi kwaleliqembu ejabulile kwanqamuka ngo-1 ntambama. Umbonisi ohambela amagatsha waqalisa umhlangano. Njengoba zazibizwa ngamagama, isithunywa sevangeli ngasinye sasisho izwe lapho inkaba yaso ikhona, inombolo yekilasi laseGiliyadi, neminyaka sisenkonzweni yakwamanye amazwe. Yeka ukuthi kwakukhuthaza kanjani ukubona izithunywa zevangeli ezisukela emuva lé ekilasini lesikhombisa zisaqhubeka zishiseka futhi zithembekile esabelweni sazo emva kweminyaka engama-37! Ngemva kokunikeza ukwaziswa ngokumiswa kweSikole saseGiliyadi ngo-1943, umbonisi ohambela amagatsha wancoma ngokufudumele izithunywa zevangeli ngokufunda ulimi olulukhuni lwesiJapane. Ngokulandelayo, kwajatshulelwa izinkulumo zokuthuthukisa inkonzo yemfundo yeBhayibheli enikezwa abantu baseJapane. Kwalandela izingxoxo ezijabulisayo.
Abashumayeli abanokuhlangenwe nakho baxoxa ngendlela abasebenzisa ngayo incwajana ethi “Bheka! Ngikwenza Konke Kube Kusha” ekunikezeni umbono ohlangene ngomlando ongokweBhayibheli nezimfundiso. Ngokuqondene nalengxoxo, esinye isithunywa sevangeli safushanisa indlela wonke umuntu ayezizwa ngayo kanje: “Kwakwenelisa kakhulu ukwazi indlela abazalwane endlunkulu ababekukhathalela ngayo ukusiza emsebenzini lapha—ukwazi nje lokho kusigcina siqhubeka.” Zonke izithunywa zevangeli zakujabulela kakhulu “ukuhlanganyela kulomhlangano” kanye “nokuveza izidingo zethu zokufeza ngokuphumelelayo inkonzo esiyithanda kakhulu.” Esinye isithunywa sevangeli saba nokwazisa ngokuthi isithakazelo esinjalo ngenhlangano kaJehova “sabonisa umzamo wokusiqonda ngempela isimo salapho.” Esinye sathi, “Sajatshuliswa ikakhulukazi icebo lokulungiselela izintshumayelo ezihlukahlukene ukuze sibhekane nenkinga yokungahlanganiswa njalo kwensimu.”
Ngemva kwalengxoxo ekhuthazayo, izithunywa zevangeli ngokulandelayo zanikezwa izimpendulo eziqabulayo ngokomoya emibuzweni yeBhayibheli. Ezinye zathi, “Lendlela yokubeka isigijimi isikhumbuza izinsuku zaseGiliyadi.” Esinye sathi: “Yangisiza ukuba ngizimisele ngempela ukumba eZwini likaNkulunkulu.” Bonke babe sebeya kwelinye lamakamelo okudlela ukuba bathole okudliwayo futhi bajwayelane kangcono nalabo abavela ezabelweni ezikude. Ubusuku basetshenziselwa ekucabangeleni okuningi okuhlangenwe nakho njengoba babekuxoxelwa izithunywa zevangeli. Okunye kwakumayelana nowesifazane osemusha owashukunyiselwa ukufunda iqiniso ngenxa yokuthi lapho esengumntwana wayebona ukuziphatha okuhle kwezithunywa zevangeli ezazimatasatasa zihlala eduze nakubo eNagasaki. Namuhla yena nomyeni wakhe baseqinisweni! Esinye saxoxa ngesifundo esihle seBhayibheli esaqaliswa ngenxa yokuthi isithunywa sevangeli sasiye senza “lokho kuhambela kokugcina” ekupheleni kosuku.
Zigcwele intshiseko evuselelwe nomdlandla, izithunywa zevangeli zabuyela emakhaya ezabelweni zazo ziqabulekile futhi zibonga ngokunakekelwa kwazo nguJehova ngenhlangano yakhe ethandekayo. NgeSonto elilandelayo, umbonisi ohambela amagatsha, uA. D. Schroeder, walalelwa izilaleli ezazixhunywe ngocingo ezaziyizi-174,959 ezazihlangene kulo lonke elaseJapane. Njengoba ayefinyelela umvuthwandaba wenkulumo yakhe, wakhulula inguqulo yesiJapane enamakhasi ayi-1 792 iNew World Translation of the Holy Scriptures—eneZikhombo—elinye futhi ithuluzi elihle lokusetshenziswa oFakazi baseJapane abayizi-102 206!