Abamemezeli BoMbuso Bayabika
‘Zihlobisa Isifundiso SikaNkulunkulu Wethu’
UBULULA nokucaca kweqiniso loMbuso ‘bungahlotshiswa’ yilabo abalimemezela kwabanye. Kanjani? Ngokuziphatha kwabo okuhle. Qaphela indlela umphostoli uPawulu akubonisa ngayo lokhu. Izinceku ezingamaKristu zazelulekwa ukuba zibonise “konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.” (Thithu 2:10) Okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela eArgentina kubonisa ukusebenza kwaleseluleko.
◻ OFakazi BakaJehova abayisithupha babeqashwe esitolo esikhulu esimnikazi waso wayebhekwa njengonesandla esiqine kakhulu. Lapho becela ukungasebenzi ukuze babekhona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, batshelwa, “Khethani phakathi komsebenzi wenu nemihla-gano yenu.” Nakuba umsebenzi wawungatholakali kalula, bakhetha ukuba khona eSikhumbuzweni. Ngosuku olulandelayo, baya emsebenzini becabanga ukuthi babeyoxoshwa. Yeka ukumangala ababa nakho lapho bengamukelwanga nje kuphela kodwa futhi abane babo ababeyizisebenzi zesikhashana benikezwa umsebenzi wesikhathi esigcwele. Futhi bonke abayisithupha bakhushulelwa iholo! Kamuva, ababili babo banquma ukuba amaphayona avamile, ngakho umnikazi wesitolo wabenzela ilungiselelo lokusebenza ngamashifu ukuze bathole ithuba. Sasiyini isizathu sokuba abacabangela kangaka? Wayengafuni ukuba izisebenzi zakhe ezithembekile, nezikhuthele zishiye.
Ngakho ukwethembeka nemikhuba emihle yokusebenza kwalaboFakazi abayisithupha “kwahlobisa“ isifundiso sabo kwaba udumo kuJehova.
◻ Udade wayesebenza ekhemisi, kodwa ngenxa yamahora amade, wayengabi khona kuyo yonke imihlangano yakhe yobuKristu, futhi wayengenakuba yiphayona, okwakuyisifiso sakhe. Umnikazi wekhemisi wayengenakumnika ishifu ayeyifuna, ngakho wawushiya umsebenzi wakhe. Khona-ke wayesesebenza njengomzanyana, futhi lokho kwamvumela ukuba abe yiphayona elisizayo. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, umnikazi wekhemisi weza emzini wakhe futhi wamnikeza umsebenzi “ngaphansi kwanoma iyiphi ishifu ayeyifuna.” Kungani? “Ngenxa yokuziphatha kwakhe okuhle kakhulu,” kusho umbiko.
◻ Ukuziphatha okuhle komunye uFakazi “kwahlobisa” isifundiso sakhe ngendlela ehlukile. Umbiko ovela eArgentina uchaza ukuthi lapho oFakazi ababili besondela emnyango wendlu enhle kanokusho, enemoto enkulu yesimanje ngaphandle, bafikelwa ukwesaba okuncane ngenxa yobufakazi obusobala bokuceba. Yeka ukuthi bamangala kanjani lapho bethola ukwemukelwa okufudumele. Ingxoxo yamahora amabili yalandela, bephendula imibuzo. OFakazi bathi: “Bavuma ukubuya ngesonto elilandelayo. Sasala sijabule kakhulu kodwa sikhungathekile ngoba sasingasazi isizathu sangempela sokwemukelwa oku-jalo. Ngesonto elilandelayo sasithola isizathu.”
Inkosikazi yekhaya yachaza: “Ngangihlala eMar del Plata futhi ngangazi intombi eyayiphila impilo yobulwane. Ngokuhamba kwesikhathi yaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi ngokushesha ushintsho ebuntwini bayo baba sobala. Mina nomakhelwane bami sasingenakulukholelwa ushintsho olwalukuyo ngoba kwakungekho ngisho nomkhondo wobuntu bayo ‘bobulwane’ bangaphambili obabubonakala. Manje isingowesifazane ohloniphekile, umkamdala, njengoba nibabiza kanjalo, futhi manje inomkhaya oyisibonelo kubo bonke.”
Ukuziphatha okuhlukile kwalomuntu osemusha lapho eba omunye woFakazi BakaJehova manje kwashukumisela inkosikazi ukuba ibheke izimfundiso zoFakazi BakaJehova ngokungathi sína. Isifundo seBhayibheli sahlelwa khona lapho nalombhangqwana, futhi waqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. OFakazi baphetha lokhu okuhlangenwe nakho ngokuthi: “Lokhu kubonisa ukuthi ukuziphatha kwethu nakho kunganikeza ubufakazi, kube inkazimulo nodumo egameni likaJehova.”