Ukumba Ngokujulile EZwini LikaNkulunkulu
‘Uma ukuphenya njengamagugu afihliweyo, uyakufumana ukumazi uNkulunkulu.’—IZAGA 2:4, 5.
1. Yini engumthombo weqiniso wenjabulo, futhi ngani?
“UBUSISIWE umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, . . . Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.”—IzAga 6:13-18.
2. Kungani oFakazi BakaJehova bejabula, kodwa isiphi iseluleko abasinikwa kusukela esikhathini sokubhapathizwa kwabo?
2 AmaKristu eqiniso ayajabula ngempela, ngokuthi aye athola ukuhlakanipha. Lokho kusho ukukwazi ukusebenzisa ulwazi lwawo lweZwi likaNkulunkulu ekukhulekeleni kwawo kwenkuthalo, ekuxazululeni izinkinga zawo zemihla ngemihla, nasekwenzeni izinqumo ngokuphathelene nemigomo yawo ekuphileni. Ngaphambi kokuba amukelelwe ukubhapathizwa oFakazi BakaJehova, ulwazi oluyisisekelo lomfundi ngamunye luhlolwa ngochungechunge lwemibuzo eqondile. Omunye wemibuzo yokuphetha uyabuza: “Ngemva kokubhapathizwa kwakho emanzini, kungani kuyoba ngokubalulekile ngawe ukuba nesimiso esihle sesifundo somuntu siqu nokuhlanganyela njalo enkonzweni?” Lokhu kugcizelela engqondweni yomfundi ozobhapathizwa isidingo sokuqhubeka etadisha okungaphezu kweziqalo zezimfundiso ‘nokuqhubekela kokupheleleyo.’ (Heberu 6:1) Kodwa ingabe bonke bayasilandela lesiseluleko?
3, 4. (a) Yini uPawulu ayisho ngamanye amaKristu aseKorinte naseJudiya? (b) Yini ebonakala kwamanye amaKristu namuhla?
3 Encwadini yakhe yokuqala kumaKristu aseKorinte, umphostoli uPawulu wakhala ngokuthi wayengakwazi ukukhuluma nawo “njengakwabomoya,” kodwa wayedinga ukukhuluma nawo “njengakwabayizingane kuKristu.” (1 Korinte 3:1) Ngokufanayo, cishe walobela amaKristu ayehlala eJudiya: “Sinonokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba-buthuntu ekuzweni. Ngokuba noma benifanele ukuba nibe-ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube-khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba-ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo. Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi-lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane.”—Heberu 5:11-13.
4 Nanamuhla, ngokufanayo, kungabonakala sengathi abanye, labo asebethole ulwazi olwanele ukuze bazinikezele kuJehova, ngethemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni, abazijwayezi ukutadisha ngokungathi sína futhi bangayeki. Bangase babe nomuzwa wokuthi bazi okwanele ukuba “bangaqhubeka,” uma sikhuluma ngendlela engokomoya. Abadluli ebangeni ‘lobisi.’ UPawulu ukubeka ngokusobala ukuthi abanjalo bahlala ‘bengaqondi-lutho lwezwi lokulunga,’ okungukuthi abajwayeli ukusebenzisa ‘izwi lokulunga’ ukuze bahlole izinto. UPawulu uyanezela: “Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.”—Heberu 5:14.
“Ukudla Okuqinileyo” Kuyadingeka Ukuze Ukhule
5, 6. (a) Yini eyiqiniso ngabanye abaye baba seqinisweni iminyaka eminingi, futhi kungani lokhu kuyisimanga? (b) Yini uPawulu ayisho kwabanjalo, futhi kumelwe benzeni?
5 Sekuyiminyaka emingaki uyinceku ezinikezele kaJehova? Cabanga ngokukhula kwakho okungokomoya kuleyominyaka. Ingabe uyakwazi ukuchaza amaqiniso ayisisekelo ngeBhayibheli kuphela, “iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu”? Abayingcosana abaye baba sendleleni yobuKristu iminyaka eyi-10 noma engama-20 basesebangeni ‘lobisi.’ Abantu bebengacabangani ngengane eneminyaka eyi-10, noma ngensizwa noma intombi eneminyaka engama-20, esondliwa ngobisi lwebhodlela? Lokhu bekungeke yini kwaba isimanga? Ubisi olunjalo belungeke yini lwakhubaza ukukhula komuntu? Umuntu ubengaphila, kodwa ubengeke akhulele ekubeni umuntu omdala onamandla nempilo. Kungokufanayo nangokomoya.
6 Kungani abanye abaye baba amaKristu iminyaka eminingi bengaqinile ngokwanele ngokomoya ukuba bathathe ingxenye yenkuthalo ekusizeni “izingane” ezijwayelekile, labo abasanda kuthatha ukuma kwabo ngakuJehova? Labo abangakathuthuki iminyaka eminingi baye bathola isikhathi nokunakekela kwabadala abangamaKristu nabanye abavuthiwe, kuyilapho, njengoba uPawulu esho, nabo “kufanele ukuba babe-ngabafundisi uma kuya ngesikhathi.” Ukuze babe abafundisi, kumelwe bathuthuke badlule ekudleni ‘okuwubisi’ bajwayele ukudla “ukudla okuqinileyo.” Bangakwenza kanjani lokhu?—Heberu 5:12.
7. NgokwamaHeberu 5:14, kufanele baphi abantu “ukudla okuqinileyo,” futhi umuntu uba kanjani omunye wabanjalo?
7 UPawulu uthi “ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo,” futhi uchaza labo ‘njengabathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.’ Ngamanye amazwi, labo abazijwayeza ukusebenzisa noma iluphi ulwazi lweZwi likaNkulunkulu abanalo ekwahlukaniseni kokubili okuhle nokubi kancane kancane bayoqeqesha amandla abo okuqonda futhi bayofinyelela ukuvuthwa kobuKristu. Bayojwayela ukusebenzisa “izwi lokulunga” ekuhloleni izinto futhi kanjalo bahlukanise phakathi kwalokho okunempilo nalokho okulimazayo ngokokuziphatha, ngokomoya, ngisho nangokwenyama. Ngokusebenzisa lokho abakufundayo, abasayikuba ‘abangaqondi-lutho lwezwi lokulunga.’ Bayoba ‘asebekhulile’ labo ‘ukudla okuqinileyo okungokwabo.’—Heberu 5:13, 14.
Yiba Nemikhuba Emihle “Yokudla”
8. UmKristu angazilinganisela kanjani ekudleni ‘okuwubisi,’ kodwa angayishintsha kanjani imikhuba “yokudla” engokomoya?
8 Abantu abagulayo abaye banikwa ukudla okuwubisi isikhathi eside kumelwe baphinde bajwayeze imizimba yabo ukudla ukudla okuqinileyo. Ngokufanayo, labo asebeye baba nomkhuba “wokuncunza” ukudla okungokomoya esikunikwa “inceku ethembekileyo neqondayo,” begudluzela eceleni, ngendlela engokomfanekiso, lokho kudla okudinga “ukuhlafuna” okwengeziwe (ukucabanga okwengeziwe nokuhlola), bayodinga ukubonisa umzamo wokuba nemikhuba “yokudla” engokomoya emihle. Bayodinga ‘ukuvusa ingqondo yabo emhlophe’ futhi ‘bazikhandle.’—Mathewu 24:45; 2 Petru 3:1, 2; Luka 13:24.
9. Yini engasiza umuntu onenhliziyo emnyama?
9 Zintathu izinto ezingasiza umuntu obegula ukuba avule inhliziyo yakhe ithande ukudla okuqinile, nokunika amandla: (1) isisusa esiqondile, okungukuthi, isifiso sokuphinde alulame aqine futhi, (2) ukudla okuvula inhliziyo okunikezwa ngezikhathi ezihlukahlukene, kanye (3) nomoya omusha owanele nokuvivinya umzimba. Lamaphuzu abengamsiza kanjani umuntu onenhliziyo emnyama ngezinto ezijulile zeZwi likaNkulunkulu?
10. Yisiphi isisusa esiqondile okumelwe sisishukumisele ukwandisa ulwazi lwethu lweZwi likaNkulunkulu?
10 Noma imuphi umuntu osenikezele ukuphila kwakhe kuJehova kumelwe abe nesisusa esiqondile sokwandisa ulwazi lwakhe lweZwi likaNkulunkulu. Uthando lwethu ngoJehova lusishukumisela ukuba sijwayelane kangcono nezimfanelo zakhe ezimangalisayo, intando yakhe, nezinjongo zakhe. Lokhu kufuna ukutadisha okujulile nokuzindla. (IHubo 1:1, 2; 119:97) Ngokungaphezulu, ithemba lethu lokuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi lixhomeke ekuqhubekeni kwethu ‘singenisa ulwazi lokuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso neNdodana yakhe, uJesu Kristu.’ (Johane 17:3) Kodwa isifiso sethu sokuphila okuphakade asimelwe sibe isisusa esiphambili sokutadisha imiBhalo. Leli iphutha elenziwa amanye amaJuda angakholwa. ‘Ukuhlola kwethu imiBhalo, kumelwe kwenziwe ngesisusa sothando lwethu ngoNkulunkulu nesifiso sokwenza intando yakhe.—Johane 5:39-42; IHubo 143:10.
11. Sinikezwa kanjani ukudla okuvula inhliziyo ngezikhathi ezifanele?
11 Inala yokudla okungokomoya okuvula inhliziyo esikuphakelwa njalo futhi “ngesikhathi sakho” ‘inceku ethembekileyo neqondayo’ kumelwe sonke kusishukumisele ekubeni sibonise ukwazisa ngokuzisebenzisa ngokugcwele izinto ezinhle ezilungiselelwe. (Mathewu 24:45) Kumelwe sibe nemikhuba emihle engokomoya “yokudla” ngokubekela eceleni isikhathi esanele sokufunda nokutadisha konke ukwaziswa okuhle okukhishwa ezincwadini nakomagazini beWatch Tower Society. Ukudla okungokomoya kunikezwa njalo emihlanganweni emihlanu yamasonto onke elungiselelwa emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Ingabe uba khona kuyo yonke lemihlangano futhi ulungiselele kahle ukuze udle ukudla okunikezwayo?
12. (a) Iyiphi enye indlela umKristu angavula ngayo inhliziyo engokomoya? (b) Ngakho, imiphi imibuzo esingazibuza yona?
12 Uthando ngoNkulunkulu kanye nothando ngomakhelwane kumelwe lusishukumisele ukuba sitadishe iZwi laKhe. (Luka 10:27) Umuntu ozizwa engakuthandi ukudla angasizakala ngomoya omusha nokuvivinya umzimba. Ngokufanayo nangomKristu ofuna ukwakha isifiso ‘sokudla okuqinile’ angasizakala ngokuya emsebenzini wokushumayela nokusebenzisa ulwazi lwakhe ekusakazeni “lelivangeli lombuso” ‘nokwenza izizwe zonke abafundi.’ (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Khumbula, uPawulu wathi kulabo ‘abase baba-abadinga ubisi,’ noma izingane ngokomoya, ‘bebefanele ukuba babe-ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi.’ (Heberu 5:12) Umi kuphi wena, uma kuya ngesikhathi ungumKristu weqiniso? Uma ungumzalwane, ingabe uye wathuthukela ebangeni ongaba usizo ngalo ensimini “njengomfundisi,” futhi mhlawumbe njengomdala ebandleni? Uma ungudade ongumKristu, ingabe uyakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ezakhayo emakhaya abantu ababonisa isithakazelo eqinisweni likaNkulunkulu noma mhlawumbe ukusiza odadewenu abangamaKristu emsebenzini wokufakaza?
Yenza Ukutadisha Kube Injabulo
13. Uyini umehluko phakathi kokufunda nokutadisha?
13 Kuye kwathiwa ukufunda kuyajabulisa kanti ukutadisha kungumsebenzi. Kuneqiniso elithile kulokho. Ukufunda okuningi okwakhayo kungenziwa njengokuphumula okujabulisayo. Yini engajabulisa ngokungaphezu kwehora noma amabili asetshenziswe esimweni esithokomele ufunda umbiko kuYearbook of Jehovah’s Witnesses noma iPhaphama! Nokho, ukutadisha, kusho umsebenzi. Isichazamazwi sithi: “Ukutadisha kusho ukugxilisa ingqondo kwesikhathi eside ngokunakekela imininingwane njengoba ingase iveze izinto ezingenzeka, ukwehlukana, ukusetshenziswa, noma ubuhlobo bento etadishwayo.” Yebo, ukutadisha kufuna umzamo. Kodwa njengoba nje noma imuphi umsebenzi owenziwe kahle ungenelisa futhi uzuzise, ukutadisha kungajabulisa futhi kuzuzise ngokomoya. Yithina esiyozuza ngokukwenza kube njalo. Kanjani?
14. Yini engase udinge ukuyenza ukuze wenze isifundo sakho siqu sijabulise ngokwengeziwe futhi sizuzise?
14 Ukuze ukutadisha kujabulise futhi kuzuzise ngempela, kudingekile ukunikela isikhathi esanele kukho. Njengoba “ukutadisha kusho ukugxilisa ingqondo okunenjongo kwesikhathi eside” kanye “nokunakekela imininingwane,” ungasho kanjani ngokwethembeka ukuthi uye wayitadisha INqabayokulinda yakho noma incwadi esetshenziswa eSifundweni Sencwadi Sebandla sakini? Bekungeke yini kube okuyiqiniso kangcono ukuthi izikhathi eziningi uyayishwaphuluza nje indaba etadishwayo bese udwebela ngokushesha izimpendulo zemibuzo, ngaphandle kokujula emininingwaneni nezizathu zezincazelo ezinikeziwe? Uma lokhu kunjalo ngawe, mhlawumbe isinyathelo sokuqala okumelwe usithathe ukuze uthuthukise imikhuba “yokudla” engokomoya ‘ukuthengisisa isikhathi’ sokutadisha. (Efesu 5:15-17) Lokhu kungase kusho ukwenza ushintsho olukhulu lwesikhathi, usinciphise kweminye imisebenzi engabalulekile kakhulu. Kodwa ungase umangale ngendlela ukutadisha okuyojabulisa ngayo lapho unesikhathi sokufunda ngokunakekela kunokuphuthuma nje.
15. Yini enye ebaluleke kakhulu ukuze ukutadisha kujabulise futhi kuzuzise ngokomoya?
15 Okuhlobene nephuzu lesikhathi indaba yomthandazo. Isibusiso sikaJehova sidingekile ukuze ukutadisha kuzuzise ngokomoya. Sidinga ukuthandaza kuye, egameni likaJesu, simcela ukuba avule izingqondo zethu nenhliziyo futhi azenze ziwamukele ngempela amaqiniso esizowatadisha. Kukangaki kumelwe uhlale phansi ngokuphuthuma ukuze ulungiselele umhlangano, kodwa kamuva uthole ukuthi ukhohlwe ukucela kuJehova isibusiso sakhe nokuhlakanipha ukuze usebenzise izinto ozifundile ekuphileni kwakho kwansuku zonke? Kungani uzincisha usizo lukaJehova lube lukhona ukuba ulucele?—Jakobe 1:5-7.
Ukumba Ngokujulile
16. Ngokuvumelana nombhalo oyinhloko walesifundo, yini okumelwe siyenze ukuze sithole ulwazi, ukwahlulela, nokuqonda?
16 IzAga 2:4, 5 zithi: ‘Uma ukuphenya njengamagugu afihliweyo, uyakufumana ukumazi uJehova.’ Umongo waleyongxenye ukhuluma ngesidingo sokufuna “amazwi” kaJehova, “imiyalo,” “ukuhlakanipha,” “ukwahlulela,” kanye “nokuqonda.” Ukufuna amagugu kufuna umzamo nokubekezela. Kufuna umbe ujule kakhulu. Kungokufanayo uma ufuna “ukumazi uJehova,” “ukwahlulela,” kanye “nokuqonda.” Nalokhu futhi kufuna ukumba okukhulu, noma ukushona phansi. Ungabi nomuzwa wokuthi kwanele ukulikha phezulu nje iZwi likaNkulunkulu.
17. Ithini imiBhalo ngemicabango kaJehova, futhi yini okumelwe sibonge ngayo?
17 Umhubi wathi: “Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.” (IHubo 92:5) Umphostoli uPawulu waloba ebabaza: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu!” (Roma 11:33) Kwenye incwadi, wakhuluma ‘ngokujulileyo kukaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Yiqiniso, njengoba uPawulu echaza, uNkulunkulu wembula izinto ezinjalo ezijulile “ngomoya wakhe,” okungamandla ayisiphekupheku asebenza ngamandla phezu kwamaKristu agcotshiwe amiswe uKristu Jesu ukuba anikeze ukudla okungokomoya. Kumelwe sibonge ngempela ngokujula okungokomoya okwenziwa isigaba ‘senceku’ ukuze isicacisele “ukujula okufihliweyo kwezinjongo zikaNkulunkulu.”—1 Korinte 2:10, Today’s English Version.
18. UmKristu ngamunye angajula kanjani eZwini likaNkulunkulu, futhi imaphi amathuluzi akhethekile okujula aye alungiselelwa?
18 Kodwa lokho akumkhululi umKristu ngamunye emthwalweni wemfanelo wokujula eZwini likaNkulunkulu, ngenjongo yokuthola ukujula okuphelele kwemicabango echaziwe. Lokhu kuhilela ukuhlola imibhalo ekhonjiwe. Kusho ukufunda imibhalo yaphansi ezihlokweni zeNqabayokulinda, eminye yayo ikhomba umfundi encwadini endala enikeza incazelo egcwele ngesigatshana esithile noma isiprofetho. Kufuna ukumba ujule, nokubonisa umzamo wokuthola leyoncwadi endala bese utadisha amakhasi akhonjiwe. Kuhlanganisa ukuzisebenzisa ngokugcwele izincwadi eziqondene nokutadisha iBhayibheli lezo isigaba “senceku” esizenze zatholakala eminyakeni eminingi, njengamaindexes, ama“concordance,” iAid to Bible Understanding, kanye nethi “All Scripture Is Inspired of God and Beneficial.” Yebo amaKristu aye anikezwa amathuluzi amahle kakhulu okumba, elamuva kuwo iBhayibheli elisha leziKhombo lolimi lwesiNgisi, lelo, ngesikhathi esifanele, eliyotholakala ngezinye izilimi eziningi. Asisebenzise lamathuluzi okumba ngenzuzo enhle.
Tadisha Ngenjongo
19. Yiliphi izwi lesixwayiso elibalulekile ngolwazi?
19 Injongo yokumba kwethu sijule eZwini likaNkulunkulu akukhona ukuzenza sizizwe sibakhulu kunabazalwane bethu noma ukugabisa ngolwazi lwethu. Lokhu ngokuvamile kunjalo kubantu bezwe. Isimiso salokho uPawulu akuloba siyiqiniso lapha: “Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.” (1 Korinte 8:1) Uthando luyosishukumisela ukuba sisebenzise ulwazi lwethu ngokuthobeka emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi nasekunikeleni ngokuqonda ekubalulekeni okungokomoya kwemihlangano yobuKristu.
20. Yiziphi izikhuthazo uPawulu azinikezayo ngokuphathelene nalokhu?
20 ‘Masingabe sisaba-yizingane,’ kodwa “sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.” (Efesu 4:13-15) ‘Masiqhubekele kokupheleleyo.’ (Heberu 6:1) Asibe abantu abavuthiwe, abakwaziyo ukudla “ukudla okuqinileyo” okuyosenza siqine ngokomoya futhi sibe usizo ebandleni lobuKristu. Nokho, lokhu kuhilela okungaphezu kokungenisa ulwazi ngokutadisha. Kufuna ukuzondla ngokwazisa ngamazwi kaJehova noma ngezincwadi, esiyokucabangela esihlokweni esilandelayo.—IHubo 110:1; Isaya 56:8; 66:2.
Ukuze Ukhumbule
◻ Kungani abanye behlala “beyizingane” ngokomoya?
◻ Yini engasiza umuntu ukuba abe ovuthiwe?
◻ Singaba kanjani nemikhuba “yokudla” emihle engokomoya?
◻ Yini engenza ukutadisha kwethu siqu kujabulise ngokwengeziwe?
◻ Kungani kudingekile ukujula eZwini likaNkulunkulu?
[Ibhokisi ekhasini 11]
Izici ezingasiza umuntu ukuba nempilo engokomoya
1. Isisusa esiqondile: Yiba nesifiso esiqinile sokujwayelana kangcono noJehova
2. Ukudla ngesikhathi esifanele: Sebenzisa ngokunenzuzo ukudla okungokomoya okunikezwa njalo “inceku ethembekileyo neqondayo”
3. Ukuziqeqesha: Sebenzisa ulwazi ukuba usize abanye, njengokuya emsebenzini wokushumayela