Incwadi Yokutusa
Bafowethu Abathandekayo,
Lapho nanithi incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni “iwusizo olumangalisayo lokufundisa,” naniqinise ngempela.
Njengoba ngangibuka eyami ngangithambekele ekubeni omunye wabangabazayo. Lencwadi yayiyinhle futhi kulula ukuyifunda nokuyizwisisa, kodwa ingabe yayiyokhanga kulabobantu eyayilungiselelwe bona, bonke abasemakhaya, emahhovisi nomakhelwane?
Impendulo kwakunguyebo! yebo! yebo! Eziningi kwengazihambisa ngazihambisa ehhovisi likadokotela lapho ngisebenza khona, kodwa lencwadi yazihambisa komakhelwane.
UD——D—— ungumakhelwane wami. Uneminyaka eyi-13 ubudala, uhlakaniphile, uyathandeka, unekhono, ukhulumela futhi, uhamba njalo ngasosonke isikhathi sakhe.
Ngenye intambama lapho evakashele indodakazi yami, wathatha ‘leyoncwadi ebomvu.’ UD—— uye washintsha kusukela lapho. Usatadishe isahluko sokuqala kuphela futhi uye waba khona kuzozonke izifundo uyise amvumela ukuba kuzo, wahlanza ikamelo lakhe, wayeka inhlamba, abangane bakhe nomculo. Uye wayeka ukukhulumela futhi, wathobeka futhi kuyinjabulo yoqobo ukuba naye. Uye washintsha kakhulu kangangokuthi unina manje ufuna ukutadisha leyoncwadi efanayo ukuze naye ajabule njengentombazane yakhe encane.
Angazi ukuthi lokhu kuyophetha ngani, kodwa ngethemba yebo, ngomkhuleko, kuyophetha ngababili abengeziwe abathanda uJehova naNdodana yakhe futhi abahlanganyela ‘leyoncwadi ebomvu’ nabanye.
Ngothando Olujule Kakhulu,
D. L. F.