IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
UMbuso Usho Okungakanani Kuwe?
AKE sithi bewazi ukuthi umcebo ongenakuthengwa ngamali ugqitshwe ensimini ethile. Uma uthengisa konke onakho, ubungaba nje nemali eyanele yokuba uthenge leyonsimu lapho lomncebo ufihlwe khona. Ubungenzenjani?
UJesu Kristu wasebenzisa isimo esinjalo ukuba achaze ukubaluleka koMbuso kaNkulunkulu. Wathi: “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyonsimu.”—Mathewu 13:44.
Ingabe wena ufana ‘nomuntu’ okulomfanekiso? UJesu wayenjalo. Lapho ezwa ngenjongo kaNkulunkulu yokuba nohulumeni wasezulwini—lapha obizwa ngokuthi “umbuso wezulu”—ngokomphumela, wathengisa konke anakho ukuba athenge leyongcebo efihliwe, kuye eyayiyilungelo lokuba uMbusi walowohulumeni. UJesu washiya isikhundla sakhe njengomuntu womoya onamandla ezulwini futhi waba yilungu lomkhaya ompofu emhlabeni emzini omncane waseNazaretha. Kamuva, wathola ukushushiswa okubuhlungu, futhi ekugcineni, ukufa esigxotsheni sokuhlushwa. Kanjalo wabonisa ukuthi uyafaneleka ukuba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu.
Ingabe nawe, ungenza ukuzidela ukuze uzuze ingcebo efanayo? Ukuze agcizelele isidingo sokwenza kanjalo, uJesu wathi futhi: “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya [ngokushesha] wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.”—Mathewu 13:45, 46.
Yebo, umthengi “ngokushesha” wathengisa konke anakho ukuze athole imali yokuthenga iparele. Yeka ukuthi lokhu kumelwe ukuba kwahilela ukuxineka nokuzidela kanjani! Kepha nokukodwa kwalokho okwaba nendaba. Kwakumelwe athathe isinyathelo ngaphambi kokuba alahlekelwe ilelothuba! Iparele eliyigugu laliyofanela noma ikuphi ukuzidela nokuxineka. Kunjalo nangoMbuso. Ukuwubeka kuqala ekuphileni kwethu kungase kube nzima. Kodwa yini enye engaqhathaniswa nomvuzo wokuba umbusi kanye noJesu Kristu ezulwini noma ukuba esinye sezikhonzi zoMbuso wakhe ezijabulela ukuphila okuphakade emhlabeni? Ingabe yilendlela obheka ngayo lendaba?
UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba babe nalowombonc ebashiyela ngisho nesibonelo sokusilandela. (1 Petru 2:21) Isimo sakhe ngasekuphileni siboniswa amazwi akhe: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Umgomo omkhulu kaJesu kwakuwukwenza intando kaNkulunkulu. Akazange azame nokuzama ukuba nezinto abanye abantu ababezicabangela njengezidingekile ekuphileni “okuvamile.” Wayekhathalela into eyodwa—ukuthola insimu enengcebo efihliwe, ukuthenga iparele eliyigugu. Ingabe nawe, ngempela ufuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala? Ingabe inkambo yakho yokuphila iyakubonisa lokhu?—Mathewu 6:31-33.