Ungaba Nalo Ikusasa Elijabulisayo
ISEHLAKALO esivelele phakathi nekhulu lokuqala leminyaka lesiKhathi sethu Esivamile sabonisa indlela okuthile okungaphezu kokuhlakanipha okwamukelekayo okudingeka ngayo ukuze silungiselele ikusasa eliphumelelayo. Ngalezozinsuku ingxenye enkulu yomhlaba yayingaphansi kokubusa okunamandla kwaseRoma. Izwe lakubo kaJesu Kristu, iPalestina, laliyingxenye encane nje yoMbuso wamaRoma omkhulu. Kodwa amaJuda lapho ayenezinjongo ezinkulu. Ayenenkani ngaphansi kokubusa kwamaRoma futhi ehlubuka njalo. Phakathi kwawo, ukuhlakanipha okwamukelekayo kwakuwatshela ukuthi uNkulunkulu wayengakuwo.
Eshumini lesikhombisa leminyaka yekhulu lokuqala, amaJuda enza umzamo ongathi sína wokugqashuka ejokeni lamaRoma. Ibutho lamaRoma lamelana nawo futhi lacishe lawuthatha umuzi waseJerusalema, kepha nokho labuyela emuva. Izihlubuki zacabanga ukuthi zaziye zanqoba ngosizo lukaNkulunkulu. Nokho, uJesu wayeseprofethile kakade ukuthi umuzi wawuzobhujiswa. Ngakho, amaKristu athembekile asebenzisa ukuhlehla kwamaRoma njengethuba lokubaleka emzini. (Mathewu 23:33-39; Luka 21:20-24) Esikhathini esingeside ngemva kokusuka kwawo, amaRoma abuya. Ngo-70 C.E. umuzi waseJerusalema wabhujiswa futhi izakhamuzi zawo zabulawa noma zathengiselwa ebugqilini. Yilabo kuphela abaqaphela ngokuhlakanipha isixwayiso sikaJesu abasinda kulokho okuhlangenwe nakho okwesabekayo.
Lokho kwakuwukubonakaliswa okumangalisayo kobuqiniso balesisisho seBhayibheli: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo ngokufanayo njengoba nemali iyisivikelo; kepha inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha ngokwakho kulondoloza ukuphila kwabanakho.” (UmShumayeli 7:12, NW) NgoKristu, uNkulunkulu wayenikeze abalandeli bakaJesu ulwazi lwalokho okwakuzokwenzeka. Ngokuhlakanipha benza ngokuvumelana nalololwazi, futhi lokho ‘kuhlakanipha kukaNkulunkulu’ kwabasindisa esimweni lapho imali, imfundo yezwe nokunye kwakungenakuba nanzuzo nakancane.—1 Korinte 1:21.
Kulelizwe lanamuhla elingaqiniseki, abaningi besaba ukuthi bangase bagcine njengalawo maJuda eJerusalema. Onke amalungiselelo abo ngekusasa angase akhungathekiswe inhlekelele engaphezu kokuqondisa kwabo siqu. Ngakho, esikudingayo uhlobo olufanayo lolwazi amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka ayenalo—ukuqondwa kwalokho ikusasa elikuphethe ngempela nalokho okuyinkambo yesenzo sokuhlakanipha engcono kakhulu.
Singalutholaphi Ulwazi Olunjalo?
Unyaka ngamunye kushicilelwa izinkulungwane zezincwadi, zihlanganisa zonke izihloko ezingacatshangwa. Nokho, naphezu kwakho konke lokhu kwaziswa, ikusasa libonakala lethusa. Nokho, namuhla sinayo incwadi ehluke kuzo zonke ezinye izincwadi. Ukulotshwa kwayo kwase kuqalile kakade ngaphambi kosuku lukaSolomoni, futhi kuyona kulotshwe amaningi “amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo”—ashukumisela umuntu osabelayo ukuba enze ngokuhlakanipha. (UmShumayeli 12:11) Ngesikhathi uJesu efika emhlabeni, ingxenye enkulu yalencwadi yayisilotshiwe, futhi wasebenzisa iseluleko sayo ngokukhululekile ekusizeni abalandeli bakhe ukuba benze ngokuhlakanipha. UJesu wabhekisela kulezizisho ezihlakaniphile ngenkathi ethi: “Kulotshiwe ukuthi: Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”—Mathewu 4:4.
Yebo, leyoncwadi iBhayibheli. Kodwa iBhayibheli lihluke kanjani odwendweni olungenasiphelo lwezincwadi ezishicilelwayo namuhla? Ngesizathu esisodwa, linikeza uhlobo oluhlukile lolwazi. Kukuphi kwenye indawo lapho ungafunda khona iqiniso ngokuthi umuntu wadalwa kanjani nokuthi kungani efa? Iyiphi enye incwadi ephendula imibuzo enjengalena: Kungani uNkulunkulu evumele ububi? Lelizwe liyaphi? Ingabe kunenjongo ekuphileni? IBhayibheli linikeza izimpendulo eziyiqiniso kulena nakweminingi eminye imibuzo enjalo.
IBhayibheli futhi lisinikeza iseluleko esihlakaniphile nesiwusizo ekuphileni kwansuku zonke. Lixwayisa ngemiphumela emibi yobudakwa, ukuziphatha okubi kobulili nokungcola ngokomzimba. Ligcizelela imiphumela eyinzuzo yothando, ukuzithiba nokungabi nabugovu. Libeka indinganiso yomshado ophumelela ngempela futhi linikeze usizo oluyinzuzo ekufinyeleleni ukuphila komkhaya okujabulisayo. Ukulandela iseluleko seBhayibheli kuyosenza sikwazi ukulungiselela ikusasa elinomvuzo.—1 Korinte 6:9-11; 13:4-8; Galathiya 5:22-24; Efesu 5:21–6:4.
Ukwaziswa Okungenakusilela
Nokho, iBhayibheli liyinzuzo enkulu ngokukhethekile ngokuthi lisitshela ngoJehova uNkulunkulu, uMdali. Ukwazi ngoJehova kubalulekile ngoba unguMthombo walo lonke ulwazi. Phela, ngisho nezinto abantu abazifundayo ngendalo nangendawo yonke zingabafundisa okuthile ngendalo kaNkulunkulu! IBhayibheli lithi: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” Ngempela, ‘okungabonwayo [kukaNkulunkulu] kuqondakala ngezenzo zakhe.’ (IHubo 19:1; Roma 1:20) Abacwaningi nososayensi abashiya uNkulunkulu ngaphandle kokubala kwabo kulula kakhulu ukuba benze iziphetho eziyiphutha noma ezingaphelele.
Ukufunda ngoJehova kubalulekile futhi ngoba kusibonisa ukuthi uNkulunkulu unezinjongo zakhe ngomhlaba nesintu. “Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.” (IzAga 19:21) Kungakhathaliseki lokho abantu abazama ukukufeza, uma amalungiselelo abo engavumelani nezinjongo zikaNkulunkulu, ekugcineni ayoba yize.—IHubo 127:1.
“Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha,” kusho inkosi uSolomoni. (IzAga 1:7) Ukuhlakanipha okusekelwe olwazini olunjalo kunenzuzo yangempela ekulungiseleleni komuntu ikusasa. Kodwa iBhayibheli futhi lichaza uJesu Kristu ‘njengoMluleki omangalisayo.’ (Isaya 9:6) Ngakho singalilungiselela kanjani ikusasa ngokuphumelelayo uma singamnaki? Kumelwe sigcine ‘amazwi akhe okuphila okuphakade’ alondolozwe eBhayibhelini. (Johane 6:68) Ngaphezu kwalokho, kumelwe simqaphele njengeNkosi enkulu emiswe uNkulunkulu, eyokwahlulela sonke isintu. (Johane 5:22) Futhi kumelwe sisabele othandweni lwakhe olukhulu alubonisa ekunikeleni ukuphila kwakhe njengomhlatshelo ngenxa yezono zesintu.—Johane 3:16; 1 Johane 2:1, 2.
Yebo, uJesu ungumuntu obalulekile emlandweni wesintu, futhi noma imaphi amalungiselelo angamfaki nakanjani ayontenga. Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile uma sicabangela lokho umprofethi uDaniyeli akusho ngaye. Ekhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaJesu Kristu, wathi: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44; IHubo 2:1, 9) Ngakho-ke, ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaJesu Kristu uzothatha isikhundla sayo yonke imibuso yomhlaba. Ngenxa yalokhu, izinto ezikhathaza isintu manje—inkinga yokungcola, ukusongela kwempi yenyukliya, ukuxega kwezomnotho nezombangazwe—masinya kuyoba izinto zesikhathi esidlule. (IsAmbulo 11:18) Yebo, ikusasa lakho lingaba elijabulisa ngempela ePharadesi lasemhlabeni elizayo ngaphansi kokubusa koMbuso.—Luka 23:43.
Lolulwazi lusinikeza umuzwa wokulinganisela uma sicabangela ukwehluleka kwababusi bezwe ukuxazulula izingqinamba. Kepha kunenkinga yokunqotshwa.
Ungakwesabi Ukuhlakanipha
Ekhulwini lokuqala leminyaka, uJesu wafundisa ngendlela okwakungakaze kufundise muntu ngayo. Igunya lakhe labonakaliswa ngenkathi ephulukisa abagulayo, izimpumputhe nezixhwala, futhi wavusa ngisho nabafileyo. (Mathewu 11:5, 6) Lezizimangaliso ezikhexisayo zazihambisana nendlela yokuphila kukaJesu engenasici. (Heberu 7:26) Ngempela, izinto ezinjalo zabonakalisa ukuthi uJesu wayenguMesiya owayethenjiswe isikhathi eside. Nokho wayengashumayeli ngokuvumelana nokuhlakanipha okwamukelekayo, futhi amaJuda amaningi amenqaba.
Eminyakeni ethile kamuva umphostoli ongumKristu uPawulu washumayela eNkosini uAgripha. Esabela emazwini kaPawulu aqotho, uAgripha wathi: “Kusilele kancane ungivumise ngibe-ngumKristu.” (IzEnzo 26:28) Ngokukhanyayo, wayewezwa amandla esigijimi. Kodwa abonakala engamukeleki futhi ayeyodinga enze izinguquko ezinkulu endleleni yakhe yokuphila. Ngakho uAgripha akabonaze abe umKristu.
NjengeNkosi uAgripha noma amaJuda ahluleka ukusabela emazwini kaJesu, abaningi namuhla bakuthola kulula kakhulu ukulandela ukuhlakanipha okwamukelekayo kunokwamukela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kepha khumbula ukuthi yilawomaJuda kuphela asabela esigijimini sikaJesu asinda ekubhujisweni kweJerusalema.
Ngokufanayo namuhla, thina bantu siyokwazi ukwenza ngokuhlakanipha ekulungiseleleni ikusasa lethu kuphela ngokusabela ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu. Kuyiqiniso, uma nje lesisimiso sisekhona kuyofuneka futhi ukuba sisebenzise ingqondo njengoba silungiselela ukuphila kwethu. Kodwa uma onke amalungiselelo ethu ekusasa esekelwe kulesimiso sezinto, ekugcineni ayobayize, ngoba ukuphela kwaso kuseduze. Kuyinkambo yokuhlakanipha kweqiniso ukufunda iBhayibheli ngokucophelela ukuze wazi ngezinjongo zikaNkulunkulu. Kumelwe silitadishe ngokomkhuleko ukuze sithole okuyintando yakhe ngathi manje. Futhi siyobe senza ngokuhlakanipha uma sifeza leyontando ngokunakekela.
‘Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu’ kuveza izithelo ezinhle. Umfowabo kaJesu ngamzali munye uJakobe wathi: “Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. . . . Ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.” (Jakobe 3:13-17) Ukuhlakanipha okunjalo ngempela ‘kuyolondoloza ukuphila kwabanakho’! (UmShumayeli 7:12) Kuyokwenza ukwazi ukuphumelela ekulungiseleleni ikusasa elijabulisayo.
[Isithombe ekhasini 6]
Ukutadisha iBhayibheli ngokunakekela kwembula ukuthi iNkosi uJesu Kristu ‘iyokwephula izizwe ngentonga yensimbi’