Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 10/15 k. 19
  • Iqiniso LeBhayibheli Lishintsha Ukuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso LeBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindaba Ezinhle Ezivela ENorway
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukulondoloza Ukholo Emkhayeni Ohlukene
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izimvu ZikaJesu Zilalela Izwi Lakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukukhulekela UNkulunkulu Ngeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 10/15 k. 19

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Iqiniso LeBhayibheli Lishintsha Ukuphila

USAWULU WASETARSU wayeqotho ngempela enkolweni yakhe lapho eshushisa amaKristu eqiniso “kwaze kwaba-sekufeni.” (IzEnzo 22:4; 26:10, 11) Kodwa lokhu wakwenza ngokungazi. (1 Thimothewu 1:13) Abaningi abantu abaqotho kodwa abayizimpumputhe ngokwenkolo namuhla bafana ncamashí noSawulu, baphikisa ubuKristu beqiniso. Kodwa njengoba ngisho noSawulu aba ngumKristu ngemva kokufunda iqiniso, abaningi namuhla bayabuya enkolweni yamanga bamukela ukholo lweqiniso.

◻ Ngokwesibonelo, idikoni leSonto lamaProthestani laseTahiti eNew Caledonia nomkalo, owayeyidikonikazi, bayilahla indodakazi yabo nomyeni wayo ababa ngoFakazi BakaJehova. Lapho nabantwana abancane beba nesithakazelo eBhayibhelini njengoba lifundiswa ngoFakazi BakaJehova, abazali benza lesiphakamiso: “Ukushiya ikhaya noma ukuyeka oFakazi.” Abantwana balishiya ikhaya.

Abazali babe sebezibuza ukuthi isimo sabo sasifanele yini. Ngakho ubaba wanquma ukuhlola izinkolelo zoFakazi BakaJehova. Ingxoxo phakathi kwakhe nomkhwenyana wakwakhe onguFakazi yaqhubeka amahora amaningi. Umphumela? Ubaba walibona iqiniso loqobo leBhayibheli wathi wayeselilindele iminyaka engama-60. Yena nomkakhe basula esontweni, baqala ukuba khona emihlanganweni yoFakazi njalo kanye nawo wonke umkhaya wabo, futhi ndawonye manje basakaza izimfundiso zeBhayibheli endlini ngendlu.

Ukuba lendoda yayingazange izithobe yazinikeza isikhathi sokuhlolisisa, yayingeke ilithole iqiniso. Manje wonke umkhaya ukhonza uJehova ngokujabula. Iqiniso leBhayibheli lakushintsha ukuphila kwawo.

◻ Okunye okuhlangenwe nakho okuvela eNew Caledonia nakho kugcizelela iqiniso lokuthi iqiniso leBhayibheli lishintsha ukuphila. Isizwe sendawo esaziwa ngokuthi abantu baseWallis singamaKatolika anamandla. Ngokuvamile siyakugwema ukuxoxa noFakazi BakaJehova. Kodwa enye insizwa yakhuluma noFakazi, yaba nesithakazelo kulokho eyayikufunda eBhayibhelini. Udadewabo wayefunda nezindelakazi zamaKatolika, kodwa ngelinye ilanga wahlala walalela lapho umfowabo exoxa ngeBhayibheli noFakazi BakaJehova. Waba yini umphumela? “Wathola izimpendulo emibuzweni ayeyibuza abapristi nezindelakazi iminyaka eminingi. Kwamthatha unyaka wonke ukufunda ngemfundiso kaZiqu-zintathu, kodwa umphumela awanelisanga. Kodwa manje, enoFakazi, wathola impendulo ekhanyayo ngamahora ambalwa nje,” kusho umbiko. Ngokushesha waliyeka iSonto lamaKatolika, yena nomfowabo bafakaza emkhayeni wakubo. Unina wasula kuyi“Légion de Marie” washisa izithombe zakhe nezimendlela, ethi: “Benilokhu ningikhohlisa iminyaka eminingi!” Lensizwa nodadewabo manje bangoFakazi ababhapathiziwe, futhi ingqikithi yabantu abayishumi emkhayeni manje baba khona emihlanganweni. Umama, amadodana amathathu nendodakazi bangabamemezeli boMbuso abaphuma njalo.

Yeka injabulo yokubona abantu abaqotho abathembekile bebalekela ubumnyama benkolo yamanga beza ekukhanyeni kweqiniso uJehova uNkulunkulu akunikeza ngemiBhalo! Iqiniso leBhayibheli ngempela linamandla futhi lishintsha ukuphila.—Heberu 4:12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela