Londoloza Ukholo Oluqinile
“Ko ze kube nini na ni nga keti.”—1 AMAKHOSI 18:21, IBhayibheli LesiZulu Esidala.
1. Abanye basabela kanjani eqinisweni?
UKUTHAMBEKELA ekungabazeni, okwande kakhulu namuhla kungathonya ngisho nesimo sakho ngakuNkulunkulu neBhayibheli. Abanye abantu bayalizwa iqiniso, balithande futhi batadishe iBhayibheli okwesikhashana. Baya emihlanganweni emibalwa yobuKristu kodwa abaliqondi ngempela iqiniso lokuthi ukukhonza uNkulunkulu kumelwe kube injongo yabo ekuphileni.—Mathewu 13:3-9.
2. (a) Abanye futhi basabela kanjani? (b) Yisiphi iseluleko esihle esitholakala kumaHeberu 10:36-39?
2 Kunabanye abaye balamukela iqiniso, banikezela ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu futhi babonakalisa lokho kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi. Kodwa bayehluleka ukuthuthuka. Bayaqabukela besebenza ihora noma amabili enkonzweni yasensimini. Kodwa abaphili ngempela ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo, ngoba ukuzinikezela kuNkulunkulu ngokungagodli kusho ukuzinikezela kuye ngokuphelele nangokusuka enhliziyweni.—Mathewu 16:24; Heberu 10:36-39.
3. Wathini uEliya ngesimo esicishe sifane?
3 Abantu abanqikazayo bangase balithande iqiniso, kodwa futhi bathande nezwe. Bangase balangazelele ezinye zezindlela ezindala. Ubuqotho babo buyantengantenga. Kudala kakhulu, uEliya wabuza amaIsrayeli: “Koze kube-nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi zombili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Enye inguqulo ikuhumusha ngalendlela: “Ko ze kube nini na ni nga keti?”—1 AmaKhosi 18:21, IBhayibheli LesiZulu Esidala.
4. Iyini inzuzo yenkonzo yentshiseko?
4 Abantu bakaJehova bathola injabulo nokuqabuleka enkonzweni yentshiseko. (Thithu 2:13, 14) Ibasiza ukuba bahlale bephilile ngokomoya. Abaningi, ikakhulu labo abanokuhlangenwe nakho kwesikhathi eside enkonzweni kaNkulunkulu, babonakalisa intshiseko ephawulekayo. Kodwa imibiko evela ezindaweni eziningi isikisela ukuthi abanye abasebancane noma abasebasha basayengwa yizwe, kunokuba bazinikele enkonzweni kaJehova ngenhliziyo yonke. Cabanga ngezinjabulo nezibusiso abebeyoba nazo ukuba bebebambelele ngokuqinile eqinisweni futhi ngentshiseko baqhubekela phambili enkonzweni engcwele, mhlawumbe njengamaphayona esikhathi esigcwele, ngentshiseko betshela abanye ngokuphuthuma kwezikhathi zethu.
5. Yimiphi imibuzo okungaba kuhle ukuzibuza yona?
5 Kungase kube kuhle ukuzibuza: Ingabe ngiqine ngempela okholweni, noma ingabe ngigxamalazile? Ingabe ngivumela izinto ezijabulisayo kodwa ezingabalulekile kakhulu zidle isikhathi sami? Ingabe ngichitha isikhathi esiningi ngibukela ithelevishini, ezinkundleni zemidlalo noma ngenza ezinye izinto ezijabulisayo kodwa ezidla isikhathi esingaphezu kwengisinikela enkonzweni kaNkulunkulu? Noma ingabe ukulalela nokukhonza uNkulunkulu ngokuthobeka kuyinjongo yami yangempela ekuphileni? Uma ukwenza intando yaphezulu kuyinjongo yakho ekuphileni, uNkulunkulu uyokusekela futhi uyojabulela izibusiso zakhe phakade.
6. Yisiphi iseluleko esisencwadini kaJakobe esingasisiza ukuba silondoloze ukholo oluqinile?
6 Kubalulekile ukuthatha izinyathelo eziqondile ukuze ugcine ukholo lwakho luqinile, unombono wokuphila okuphakade oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu. UEliya weluleka abanye ukuba bathathe ukuma okuqinile ngalokho okwakulungile. UJakobe wabhala: “Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela; sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla zenu nina-zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.” UJakobe wayebhalela labo ababedinga ukuphenduka ngoba izinhliziyo zabo ezimanqikanqika zazibaholela ekuhilelekeni emisebenzini engamjabulisi uNkulunkulu. Iseluleko sakhe singakusiza uma uye wayengwa izindlela zezwe. UJakobe wabhala: “Yibani-lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube-ngukujabha. Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.”—Jakobe 4:7-10.
Ulwazi Lwakha Ukholo
7. (a) Ulwazi luhlobene kanjani nokholo? (b) Kungani kufanele usebenzise iBhayibheli ekwakheni ukholo?
7 Ukholo luyisenzo sokwethemba. Lusekelwe olwazini oluqondile nokuhlangenwe nakho. Lapho wazi okwengeziwe ngoNkulunkulu futhi uba nokuhlangenwe nakho okwengeziwe ngeZwi lakhe nezindlela zakhe, kuba yilapho ukholo lwakho luqina ngokwengeziwe. IBhayibheli lithi: “Ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo.” (Heberu 11:1) Ukholo lwakho belungaqinisekiswa kanjani uma nje ubunolwazi lokushwampuza ngalokho uJehova aye wakwenza? UNkulunkulu wakunikeza ingqondo, ukuhlakanipha kanye nekhono lokuqonda. Lezi yizipho, futhi ukulindele ukuba uzisebenzise ekufundeni ngaye. Uma ubhalela othile incwadi, umlindele ukuba ayifunde, hhayi nje ukuba ayibeke eshalofini noma ayibeke etafuleni njengomhlobiso. Ingabe uye wazifunda futhi wazitadisha izincwadi zikaNkulunkulu asibhalele zona—iZwi lakhe elilotshiwe? Ngokulitadisha nangokuliqonda uyofunda izinto obungenakuzazi ngenye indlela. Kubalulekile ukukhumbula ukubaluleka kokwaziswa okunikezwa iBhayibheli. Omunye umKristu ongumdala wathi: “Abantu abangabazayo ngokuvamile abatadishi kakhulu. Abazi lutho kangako ngeBhayibheli—abakaze ngempela benze iqiniso libe ngelabo.”
8. Yini etuswayo uma othile ephakamisa umbuzo ongenakukwazi ukuwuphendula?
8 Lapho othile ephakamisa umbuzo ongenakuwuphendula, ingabe lokhu kumelwe kukhathaze ukholo lwakho? Cha akumelwe. Akekho owazi yonke into. Ngakho, cwaninga. Hlolisisa umbhalo. Funda amavesi azungezile futhi uqiniseke ngendaba. IComprehensive Concordance of the New World Translation of the Holy Scriptures, incwadi iAid to Bible Understanding namaWatch Tower Publications Indexes zingakusiza ukuba uthole imibhalo ehlobene, ulwazi oluyisisekelo kanye nokuchazwa kwendaba. AmaKristu anokuhlangenwe nakho okwengeziwe nawo angasiza. UFakazi oneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho wathi: “Angikaze ngihluleke ukuthola impendulo eyanelisayo.”
9. Yini esingayifunda esibonelweni sabaseBereya?
9 Sifanele sifane nabaseBereya abakhulunyelwa kahle eBhayibhelini ngoba “bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla” ukuze baqiniseke ukuthi izinto ezazifundiswa umphostoli uPawulu zaziyiqiniso yini. Abazange badunyazwe abakuthola. Ngakho, “abaningi kubo bakholwa.” Omunye wabo uSophatru, waba nelungelo lokuhamba noPawulu bedabula iMakedoniya kulolohambo lwesithathu lobuvangeli lomphostoli.—IzEnzo 17:10-12; 20:4.
Ukuzithoba Kudingekile
10. (a) Ulwazi lungasetshenziswa kanjani kabi? (b) Yiliphi ithonya, ocabanga ukuthi izAga 16:5 kufanele zibe nalo esimweni sethu?
10 Ulwazi alwanele lulodwa. Kunalokho, luyithuluzi okufanele lisisize ukuba sazise uJehova uNkulunkulu neZwi lakhe. Ulwazi oluqondile, luhlangene nothando, kufanele lukhuthaze ukuzithoba, hhayi umbono oweqile wokubaluleka kwethu siqu. Abanye abantu abatadisheli ukuba bafunde indlela yokukhulekela uNkulunkulu kangcono, kodwa ukuze baziphakamise bona nemibono yabo. Bangase bakhukhumale futhi bagxeke abanye—abazalwane abadala futhi ngisho nebandla lobuKristu namaqiniso eBhayibheli eliwafundisayo.—IzAga 16:5; 1 Korinte 8:1.
11. Ulwazi nokuhlakanipha kwethu kwavelaphi, futhi lokhu kufanele kusifundiseni ngokuthobeka?
11 Nokho, asinalutho esingazange siluthole emthonjeni othile. Ukuhlakanipha kwethu sakuzuza ngefa kubazali bethu, kodwa okokuqala isintu sakunikezwa uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. Ulwazi lwethu lweza ngalabo abasisiza, lwavela ezintweni esazifunda nakuNkulunkulu ongumthombo weqiniso. Eqinisweni, konke esinakho ekuqaleni kwavela kuNkulunkulu. Umphostoli wabhala: “Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?”—1 Korinte 4:7.
12. Yiliphi iphuzu elinamandla elivezwayo kumaHubo 25:9 nakuJakobe 4:6?
12 UJehova akasahluleli ngokuhlakanipha esakuzuza ngefa kodwa ngokuthobeka kwethu nesifiso sethu sokufunda indlela yakhe nokuyilandela. Ukuthobeka nokholo kuyahambisana. IBhayibheli lithi “abathobekileyo” uNkulunkulu ayobafundisa indlela yakhe. Lithi futhi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”—IHubo 25:9; Jakobe 4:6.
13. Yiziphi ezinye izibonelo zokufundiseka?
13 Ukuthobeka kuhlanganisa ukuzimisela ukulungiswa. Umphostoli uPetru noTomase babeyizibonelo ezivelele zalokhu. UPetru wayephambili ekukhulumeni, kodwa lokhu kwakufanelana nokulungiswa kwakhe njalo, asolwe noma ngisho athethiswe. Nokho uPetru wayeyisisebenzi esishisekayo nesikhuthele, futhi ukholo lwakhe, ukusukumela phezulu kanye nokukhuthazela kuyizibonelo ezivelele kithi sonke. UTomase wayengakholelwa ukuthi uJesu wayevusiwe, kodwa lapho eboniswa ubufakazi, wabamukela ngokushesha. Ingabe sibonakalisa ukuzithoba okufanayo lapho amaphutha ethu noma ukungaqondi kulungiswa ngemiBhalo?—Johane 20:24-29.
Hlola Ukholo Lwakho
14. Yini omunye umdala ongumKristu ayenzayo emsiza ukuba alondoloze ukholo oluqinile?
14 Omunye umdala ongumKristu, obeseqinisweni isikhathi eside, uvame ukuzibuza ukuthi kungani ukholo lwakhe lusaqinile kuyilapho abanye abantu ayebazi beye bahlehla. Uthi njalo uye wagcina amazwi kaPawulu engqondweni: “Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina.” (2 Korinte 13:5) Njalo uma lomdala eya emsebenzini uyazihlola, ebukeza amaqiniso eBhayibheli engqondweni yakhe. Uba nombono wengxoxo yalamaqiniso, engqondweni azenze awachaze futhi awalwele kulo lonke uhlobo lwabantu. Lomzalwane uveza ukuthi izinkulumo zeningi eHholo LoMbuso ngokuvamile zivuselela ezingqondweni zethu iqiniso lokuthi iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu. Kodwa uyabuza: “Sasiyozazi kanjani lezizinto ukuba sasingekho emihlanganweni lapho zazichazwa khona?” Njalo, uzibuza ngokulunga kukaNkulunkulu nenhlangano yaKhe. LoMbonisi ongumKristu uhlanganisa ukwazisa kwakhe ngalezizinto emithandazweni yakhe futhi uthi: “Ngiyambonga uJehova ngokungivumela ukuba ngihlale nabantu bakhe.” Ungazuza yini ngokusebenzisa ukuzivivinya okufanayo ukuze ubone ukuthi ngempela “usekukholweni yini”?
Umthandazo Ubalulekile
15, 16. Kungani ukuthandaza kubaluleke kangaka ekulondolozeni kwethu ukholo oluqinile?
15 Lesibonelo siveza amaphuzu amabili abalulekile ekulondolozeni ukholo oluqinile: umthandazo nemihlangano yamaKristu. Ngokuvamile, abantu abanokholo olubuthakathaka baqabukela bethandaza. Omunye ubaba ongumKristu ukhumbula iqiniso lokuthi uDaniyeli wathandaza izikhathi eziningi ngosuku, ngisho nangemva kokukhishwa komthetho othi kungathandazwa. (Daniyeli 6:6-10) Izikhathi eziningi ngosuku lobaba ubheka kuJehova ngokuhlakanipha nokuqondiswa.
16 Ingabe uyanqikaza ukuthandaza? Ihubo lithi: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso.” UJesu wathi: “Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.” (IHubo 145:18; Mathewu 7:11) UJehova ngempela, uyonikeza “izipho ezinhle” kulabo abacela ngokuzithoba ngokholo.
Indima Yemihlangano
17. Yiziphi izibonelo ezingokweBhayibheli ezibonisa ukubaluleka kokuhlangana nesikholwa nabo?
17 Ngaphandle kokuthandaza, ukuhlangana njalo nokholwa nabo kudingekile okholweni. Kathathu ngonyaka owesilisa wakwaIsrayeli kwakumelwe ‘abonakale phambi kweNkosi uJehova’ eJerusalema. Beqaphela inzuzo ephakeme engokomoya yemibuthano enjalo, abesilisa abaningi bathatha yonke imikhaya yabo. (Eksodusi 23:14-17; Luka 2:41-45) Ngokungaphezulu, uPawulu wabheka phambili esikhuthazweni esakha ukholo esivela ebandleni laseRoma. Walangazelela ukuba nakholwa nabo lapho ukuze ‘baduduzane kanye naye phakathi kwabo’ futhi bakhane ngokomoya omunye nomunye.—Roma 1:11, 12.
18. Labo abaqinile ekukholweni bayibheka kanjani imihlangano yobuKristu?
18 Abantu abanokholo oluqinile bazuza kuyo yonke imihlangano yobuKristu. Abahambi ngemva kwehora lokuqala, noma bezele nje elesibili. Bayayazisa lemihlangano, beqaphela ukuthi inikeza ithuba lokufunda, lokukhuthazwa, lokubusiswa, nokuthi emihlanganweni enjalo singamukela usizo kubazalwane abanothando futhi singashukumisa omunye nomunye “kuvuswe uthando nemisebenzi emihle.” (Heberu 10:24, 25) Singasithola kanjani isikhuthazo esinjalo ngaphandle kokuhlangana nalabo abangasinikeza?
Ukufakaza Nokholo Lwethu
19. Ukufakaza kobuKristu kuluqinisa kanjani ukholo?
19 Ukufakaza kobuKristu kungolunye usizo ekwakheni ukholo. UJakobe wabhala: “Ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami. Ngokuba njengalokho umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.” (Jakobe 2:18, 26) Umsebenzi omkhulu wamaKristu ukufundisa abanye, futhi noma ubani woFakazi BakaJehova angakutshela: ‘Ukufakaza ngempela kwakha ukholo!’ Akuzuzisi nje kuphela lowo ofundiswayo, kodwa futhi nofundisayo. Kuwumsebenzi owakhayo, oqinisa ukholo. Ukufakaza kwenza ulwele ukholo lwakho. Kukhaliphisa ukucabanga kwakho. Yebo, ukufakaza ngoMbuso futhi kuletha izibusiso ezivela kuNkulunkulu, kuhlanganise nesiqondiso somoya wakhe.—Marku 13:11; Roma 10:14, 15.
Ukuthembela ‘Encekwini’
20, 21. (a) Yini okubalulekile ukuyikhumbula ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo’? (b) Omunye umKristu wakuveza kanjani lokhu?
20 Kubalulekile futhi ukukhumbula lapho safunda khona iqiniso okokuqala. Ubani owasisiza ukuba sakhe ukholo lwethu eBhayibhelini nasezithembisweni zalo? Sakwazi kanjani ukuqonda lokho iBhayibheli elikushoyo ngathi namuhla? UJesu wathi ekubuyeni kwakhe wayeyothola ‘inceku ethembekileyo neqondayo’ ilungiselela ukudla okungokomoya nokuthi ‘inceku’ etholwe yenza kanjalo iyomiswa phezu kwayo yonke impahla yenkosi.—Mathewu 24:45-47.
21 Enye indoda engumKristu yathi: “Inhlangano kaJehova ebonakalayo iwumthombo onokwethenjelwa okukhulu. Ayikaze nakanye ingidukise nangayiphi indlela. Konke eye yakusho kuye kwasekelwa eZwini likaNkulunkulu futhi kuye kwaba okungcono kakhulu kimi, umkhaya wami nanoma imuphi omunye engimaziyo. Lokhu kwakha ukholo olukhulu kakhulu ngokucabanga kwami.”
22. Yimiphi imibuzo engakusiza ukuba uhlaziye indlela onakekela ngayo ukholo lwakho siqu?
22 Uye walitadisha yini iZwi likaJehova, walamukela futhi walikholelwa? Uye wakunikezela ukuphila kwakho kuNkulunkulu futhi wakubonakalisa lokho kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi? Ingabe manje uphila ngokuvumelana nalokho kuzinikezela? Ingabe uyasicela isiqondiso, ulwazi nokholo kuNkulunkulu? Ingabe uba nesifundo somuntu siqu, njalo nangenkuthalo? Ingabe njalo uba semihlanganweni yobuKristu? Ingabe ukhuthele futhi uyashiseka enkonzweni kaNkulunkulu engcwele? Ingabe uyasithuthukisa isimo somsebenzi wakho wokwenza abafundi, noma uye wawenza umkhuba nje ongasho lutho?—Mathewu 28:19, 20.
23. Ufanele ubhekane kanjani nezinkinga, izilingo kanye nezithiyo?
23 Yebo, sonke sinezinkinga, futhi sinokushiyeka kwethu siqu. Kodwa lapho sibhekene nezilingo nezithiyo asifanele sinqikaze, singabaze noma sigxamalaze. Kunalokho, sifuna ukuba nengqondo eyodwa futhi siqiniseke ngeqiniso. UJakobe wabhala: “Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.” UPawulu waluleka: “Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe-namandla.” (Jakobe 1:2, 3; 1 Korinte 16:13) Ukuze sibambelele ekukholweni kweqiniso njengofakazi bakaJehova, kumelwe sibe nemfanelo yokholo, oluyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu.—Galathiya 5:22, 23.
24. Kungani kubaluleke kangaka ukuba nokholo oluqinile?
24 Kungani kumelwe wenze lokhu? Ngoba ukholo luyisihlangu sokumelana noSathane, ‘ohamba njengebhubesi elibhodlayo elifuna elingamgwinya.’ “Kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba-namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi.” (1 Petru 5:8-10; Efesu 6:16) Uma ulondoloza ukholo oluqinile, uyofuna ukwenza izinto ngendlela kaNkulunkulu. Inhliziyo yakho iyoba sesimweni esihle. Imisebenzi yakho iyovumelana nemiyalo yakhe, futhi uyoqhubekela phambili, uthuthuka njalo endleleni encane eyisa ekuphileni.—Mathewu 7:14.
Ukubukeza:
□ Kungani abanye abantu bengabaza, futhi yini abangayenza ngakho?
□ Yini oyifundile ngolwazi nokuzithoba?
□ Ungaluqinisa kanjani ukholo lwakho?
□ Kungani kubaluleke kangaka ukulondoloza ukholo oluqinile?
[Isithombe ekhasini 28]
Izincwadi zeWatch Tower ziwusizo olukhulu ekucwaningeni izindaba zeBhayibheli kanye nemibuzo