Umbiza Ngaliphi Igama UNkulunkulu?
Ingabe uyazi ukuthi iliphi igama iBhayibheli elilisebenzisa kaningi ngaphezu kwawo wonke amagama? Ubungathi uDavide? uAbrahama? noma uJesu?
Uma noma iliphi lalawomagama lifika engqonweni, uyothola loluchungechunge lwezihloko luthakazelisa kakhulu, ngokuba igama elibaluleke kakhulu eBhayibhelini lisetshenziswa kaningi ngaphezu kwawo wonke lawomagama ehlangene.
INCWADI ethile yenkolo ibonisa ukuthi uma uthi uthanda othile lowomuntu umbiza ngegama. Awunakusho ukuthi: “Ndoda, ngiyakuthanda.” Noma: “Nkosikazi, ngiyakuthanda.” Kunalokho, ungathi: “John, ngiyakuthanda.” Noma: “Margaret, ngiyakuthanda.” Khona-ke iyabuza: “Iliphi igama ongalinika uNkulunkulu ukuze umenze umuntu oseduze ngempela nothandekayo?”
Ichaza lombuzo ekhasini eligcwele, kodwa ayilokothi nakanye ithinte igama uNkulunkulu azibiza ngalo. Iyaphetha: “Igama olikhethayo eliphathelene noNkulunkulu ngokuqondile lixhomeke kuwe.” Kodwa, bekungeke yini kube ngcono ukusebenzisa igama uNkulunkulu azikhethela lona ngokwakhe, elisetshenziswe izikhathi eziyizinkulungwane eBhayibhelini?
Ingabe UNkulunkulu Unalo Ngempela Igama?
Yebo, unalo. EsiHeberwini nesiGreki iBhayibheli elalilotshwe ngaso ekuqaleni, igama elithi “nkulunkulu” lalingabhekiseli kuNkulunkulu weqiniso ngazo zonke izikhathi. Njengoba kunjalo ngesiZulu, lalingase lisetshenziselwe onkulunkulu bamanga nezithombe. Khona-ke uNkulunkulu weqiniso noMdali ubengahlukaniswa kanjani konkulunkulu abenziwe umuntu? Ngokusebenzisa igama lakhe siqu. Kodwa abantu abaningi abalazi igama likaNkulunkulu, futhi bambalwa kakhulu abalisebenzisayo namuhla.
Eqinisweni futhi kungenzeka awukaze ulibone igama likaNkulunkulu eBhayibhelini lakho. Kungani? Ngoba abantu abahumusha iBhayibheli lakho beliyisa esiNgisini kungenzeka balishintsha. Kungenzeka abavumelani nabalobi beBhayibheli labo uJehova abaphefumlela ukuba basebenzise leligama izikhathi eziyizinkulungwane emiBhalweni yesiHeberu.
lAuthorized Version, enesikhathi eside isetshenziswa abafundi abakhuluma isiNgisi, iqukuthe igama likaNkulunkulu, hhayi izikhathi ezingaba izi-7 000 elivela ngazo esiHeberwini, kodwa ngokwalo izikhathi ezine kuphela—kuEksodusi 6:3; iHubo 83:18; noIsaya 12:2; 26:4. Kunezinye izinguqulo ezingalisebenzisi nhlobo igama likaNkulunkulu. Ziye zalikhipha igama likaNkulunkulu encwadini yakhe!
Ngokusobala leliGAMA lalibaluleke kakhulu kunamagama abahumushi abawasebenzisa esikhundleni salo, ngakho-ke ezinye izinguqulo zibhala lawomagama eziwasebenzisayo ngamagama amakhulu, ukuze bazise abafundi lapho igama likaNkulunkulu livela khona embhalweni wakuqala. I“encyclopedia” edumile iyachaza: “Kufanele kukhunjulwe ukuthi igama lesiHeberu elithi uJehova ngokuvamile lihunyushwa, enguqulweni yesiNgisi, ngegama elithi NKOSI (ngesinye isikhathi NKULUNKULU), futhi libhalwe ngonobumbakazi abancane.” Ngakho-ke uma ubona igama elithi “Nkosi” libhalwe ngalendlela, umhumushi ukutshela ukuthi leli igama likaNkulunkulu, uJEHOVA, lisetshenzisiwe olimini lwakuqala.—ICyclopedia kaMcClintock noStrong, 1981, Umqulu IV, ikhasi 811.
Noma ingabe walibona leligama eBhayibhelini lakho noma cha, lalikhona embhalweni wokuqala wesiHeberu. Izazi zamaJalimane uKeil noDelitzch babonisa ukuthi amazwi athi “Jehova Elohim” (uJehova uNkulunkulu) livela izikhathi ezingama-20 emavesini ambalwa kunangama-50 kaGenesise izahluko 2 no-3. Bathi “lisetshenziswa ngokugcizelela okungavamile ukuze kuqhanyiswe iqiniso lokuthi uJehova nguElohim ngempela,” noma uNkulunkulu.—Commentary on the Old Testament, nguKeil noDelitzch, 1973, uMqulu I, amakhasi 72, 73.
Empeleni, igama likaJesu ngokwalo lisho ukuthi “Insindiso kaJah [kaJehova].” Uma uthi “Haleluya” usho igama likaJehova ngesimo esifushanisiwe esisankondlo. Ungabheka elithi “Hallelujah” kusichazamazwi uzibonele ngokwakho ukuthi lisho ukuthi ‘Dumisani uJah’ noma ‘Dumisani uJehova.’
Khumbula, uJehova igama loqobo likaNkulunkulu. Igama azikhethela lona YENA ukuze ahlukaniswe. Ungathanda ukwazi ukuthi ukusebenzisa leligama kungakwandisa kanjani ukwazisa kwakho ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe? Leyo indaba esesihlokweni esilandelayo.