Ondla Ingqondo Yakho Ondla Umoya Wakho—Kanjani?
Ingabe ungakhokha ama-R7,30 ukuze ufunde ukuthi ungabhekana kanjani nokukhuphuka kwamanani? Ungahlala kanjani umusha njengoba ukhula? Ungalwisana kanjani nokukhungatheka? Ihlanganiswa kanjani i“gene”? Izinyoni zindiza kanjani amakhilomitha ayizi-3 680 ngaphandle kokuma? UNkuIunkulu ukhuluma kanjani nomuntu, futhi ingabe umuntu angakhuluma nabafileyo?
Lezi kumane kungezimbalwa nje zezihloko ezicabangisayo ezahlanganiswa komagazini “INqabayokulinda” ne“Phaphama!” banyakenye. Ungalahlekelwa ngezilandelayo. Kungukudla okungokomoya okucebile nokuqinisayo . . . kakade, umuntu akaphili ngesinkwa sodwa.
Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka somagazini INqabayokulinda nePhaphama! Ngithumela R7,30 wezingama-36.