IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Lingisa UHana, Lingisa Indodana Yakhe
UMA ungumama osemusha, abantwana bakho ngokunokwenzeka bahlala nawe ekhaya. Kodwa bheka uHana nalomfana wakhe uSamuweli. UHana umletha etabernakele likaJehova eShilo. Lapha kulapho kuhlala khona abapristi futhi bakhonze uNkulunkulu. Kungani eletha indodana yakhe ukuba ihlale lapha? Ingabe akamthandi umfana wakhe omncane?
Yebo, uHana uyamthanda uSamuweli. Kodwa lapho engenamntwana wathandaza kuJehova ukuba abe nendodana, futhi emthandazweni wakhe wathembisa: “Besengimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.” (1 Samuweli 1:10, 11) Ngakho yilokho uHana akwenzayo. Unikela uSamuweli ukuba akhonze etabernakele likaJehova kukho konke ukuphila kwakhe.
UHana uyomkhumbula kakhulu uSamuweli. Kodwa uzimisele ukumhambisa ngoba uyamthanda uJehova uNkulunkulu futhi uyazi ukuthi indodana yakhe ingasetshenziswa lapha enkonzweni kaJehova. Uma ungumzali, ingabe uyathanda ukuba abantabakho basetshenziswe enkonzweni kaJehova?
Njengoba uSamuweli ekhula udinga izingubo ezinkudlwana zokugqoka. Ungambona uHana emlethela ijazi elisha elingenamikhono amenzele lona. Futhi uma emvakashela unyaka ngamunye ungaqiniseka ukuthi uyamkhuthaza uSamuweli ukuba ahlale ethembekile enkonzweni yakhe etabernakele likaJehova. (1 Samuweli 2:18, 19) Ingabe isibonelo sikaHana sokukhuthaza nokusiza indodana yakhe ukuba ihlale enkonzweni yesikhathi esigcwele asisihle ngabazali namuhla ukuba basilingise?
Kodwa isibonelo sikaSamuweli sihle ngathi sonke ukuba sisilingise. Wayezimisele ukusetshenziswa enkonzweni kaNkulunkulu. Ngisho nakuba kungenzeka wayekhumbula kakhulu ekhaya futhi ngezinye izikhathi futhi ayefisa ukuthi ngabe usekhaya nonina noyise, waqhubeka njalo enkonzweni yakhe yasetabernakele. USamuweli wabhekana futhi nokunye ukuvivinywa kokholo lwakhe, okunzima.
Bheka! Amadodana ompristi omkhulu uEli athatha abesifazane abasha abakhonza emnyango wetabernakele futhi ayolala nabo ahlobonge! Njengoba uSamuweli ekhula kwakwenziwa izinto ezinjalo ezimbi, kodwa uSamuweli wenza okulungileyo. (1 Samuweli 2:22-26) Ngokuqinisekile sihlakaniphile uma silingisa isibonelo sakhe futhi singahambisani nenkambo embi yalabo abangase babe nathi.