Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 1/1 kk. 14-15
  • Asikho Isiphonso Esingakulimaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Asikho Isiphonso Esingakulimaza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imbongolo Iyakhuluma
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Imbongolo KaBhalami Iyakhuluma
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Okufanele Ukwazi Ngobuthakathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Imimoya Yabafile
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 1/1 kk. 14-15

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Asikho Isiphonso Esingakulimaza

INGABE ufana nalendoda? Yesaba ukuthi othile angayilimaza ngokuyithakatha, ngokuyibheka ngeso elibi, ngombhulelo noma ngokuyiphosa. Ingabe kumelwe usabe ubuthakathi obunjalo noma umlingo?

Cha, akumelwe wesabe. Nakuba abanye baye balinyazwa izinto ezinjalo, uJehova uNkulunkulu uqinisekisa ukulondeka ngalabo abamlalelayo. “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla,” kusho iBhayibheli. “Olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.”—IzAga 18:10.

UNkulunkulu uzonda yonke imikhuba yemimoya. IBhayibheli lithi: “Makungafunyanwa kuwe . . . Umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.”—Duteronomi 18:10, 11.

IBhayibheli likhuluma ngomuntu owayesebenzisa uhlobo oluthile lwemimoya oluthiwa ukubhula. Lona umkhuba wokuzama ukwazi ngesikhathi esizayo, noma ngokuthile okungaziwa, ngosizo lwemimoya engabonakali. Lowo muntu kwakunguBileyamu, obonakala lapha eshaya imbongolo yakhe. Wayesendleleni eyoqalekisa abantu bakaNkulunkulu lapho ingelosi ima emgwaqweni, yenza ukuba imbongolo ilale phansi.—Numeri 22:7, 20-35.

UJehova wenza ukuba ukubhula kukaBileyamu kungasebenzi. Washintsha isiqalekiso saba isibusiso. UBileyamu kwadingeka ukuba avume. “Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana noIsrayeli.”—Numeri 23:23

UJehova uyaqhubeka enqoba labo ababhulayo, ukuze bahluleke ukulimaza labo abahlala bethembekile kuye. Ingabe uyawubona lomlingo walesisangoma uhluleka ukusebenza koFakazi BakaJehova? Sasithakatha ukuze silimaze abantu, kodwa ngaleso sikhathi sahluleka. OFakazi BakaJehova bathi: “Uzobona ukuthi uJehova, uNkulunkulu wethu, unamandla!” Bema beqinile, isangoma sawela phansi.

Yebo, “ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.” (IHubo 34:7) Uma sethemba uNkulunkulu ngokuphelele futhi sigcine isivikelo esingokomoya asinikezayo, uJehova uzonqoba noma ubani ozama ukusithakatha ukuze asilimaze.—Efesu 6:10-18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela