“Phambi Kwamakhosi”
“Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi,” kwahlabelela umhubi ophefumlelwe. (IHubo 119:46) Njengoba “izindaba ezinhle zombuso” ziphathelene nohulumeni wasezulwini, namuhla, na“makhosi” futhi noma ababusi kumelwe bazizwe iziyalo zikaNkulunkulu. (Mathewu 24:14, “NW”) Ingabe ayazizwa? Yebo. Umbiko olandelayo ovela kowayeyisithunywa sevangeli eNgilandi ubonisa indlela esinye isikhulu sikahulumeni esezwa ngayo:
“Ngolunye usuku ngasekupheleni kwawo-1940, ngangishumayela endlini ngendlu eKent. Ngangixoxa nomuntu endlwaneni esefamu ngenkathi kufika isivakashi. KwakunguMhlonishwa uWinston Churchill. Ingxoxo yami yaphazanyiswa, kodwa uMhlonishwa uWinston wayibona Inqabayokulinda futhi wangincoma ngomsebenzi wami.
“Ezinsukwini ezimbalwa kamuva ngangisemsebenzini wokushumayela futhi ngenkathi ngingqongqoza emnyango wendlu enkulu. Inceku yavula umnyango futhi ngenkathi ngicela ukuxoxa nomninikhaya, yangibuza ukuthi ngiyazi ukuthi ungubani. Ngangingazi. ‘Lena iChartwell,’ yasho, ‘ikhaya likaMhlonishwa uWinston Churchill.’ Ngaso lesosikhathi, uMhlonishwa, uWinston waqhamuka. Wayesayikhumbula ingxoxo yethu yangaphambili futhi wathi ngingene. Sathi ukuxoxa xoxa, wathatha izincwadi ezintathu futhi wangimema ukuba ngibuye.
“Emasontweni amabili kamuva, ntambama kufudumele, ngaphindela futhi ngangeniswa endlini. UMhlonishwa uWinston wangipha unamanedi, futhi ngemva kokubingelela okufushane wathi: ‘Ngizokunikeza imizuzu engamashumi amathathu ungixoxele ngokuthi ucabanga ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyini, kodwa kumelwe ungivumele nami ngikutshele engikholelwa ukuthi uyikho.’ Yilokho esakwenza. Wayecabanga ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyomiswa izikhulu zemibuso ezesaba uNkulunkulu, nokuthi wawungeke ube khona ngaphambi kokuba abantu bafunde ukuhlala ngokuthula. Ngakwazi ukumchazela umbono weBhayibheli ngoMbuso kaNkulunkulu nezibusiso oyoziletha. UMhlonishwa uWinston wayenenhliziyo enhle futhi waphawula ukuthi uyawuhlonipha umsebenzi wethu.
“Ngeshwa, angikwazanga ukuphinde ngithintane naye. Kodwa njengensizwa eneminyaka eyi-17 kwakuyisibusiso ukusetshenziselwa ukufakaza kuyena ngisho nangalesosikhathi.”