Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 6/15 kk. 3-4
  • Imidlalo Ye-TV—Indlela Engakuthinta Ngayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imidlalo Ye-TV—Indlela Engakuthinta Ngayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izihloko Ezazikhuluma Ngemidlalo YeTV—Abafundi Bayasabela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Yonakalisa Inhliziyo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • I-TV​—‘Uthisha Ofundisa Buthule’
    I-Phaphama!—2006
  • Ukukhululwa Ezicuphweni Zomcuphi Wezinyoni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 6/15 kk. 3-4

Imidlalo Ye-TV—Indlela Engakuthinta Ngayo

“LAPHO ngiqala ukubuka imidlalo yeTV noma izinhlelo, ngokushesha ngahileleka ngokuphelele ekuphileni kwabadlali,” kwabika omunye owesifazane ongumKristu. “Ngaba njengengxenye yomkhaya wabo. Ngokuhamba kwesikhathi inhliziyo yami yayihileleke kakhulu kulaba badlali ngendlela efana neyayithinteke ngayo ngamalungu ebandla lobuKristu.”

Ukuhileleka okunjalo kwesibukeli kuyisici semidlalo eminingi yethelevishini. Ngenxa yalokhu umagazini iTime uyibiza ngokuthi “iwukuzijabulisa okunamandla kakhulu okukuthelevishini noma okutholakala kuyo,” futhi wenezela, “akukho mdlalo noma ibhayisikobho efuna ukunikezwa isikhathi eside kangako; akukho mdlalo weTV ngokuvamile oheha inani elingako.” Imidlalo emine yeTV eUnited States iye yadlalwa ngaphezu kweminyaka engama-25!

Lemidlalo ibhalelwe ukuba ifinyelele inhliziyo yakho. “Ngibheka izinto ezithinta ukuphila kwabantu,” kuchaza umbhali wemidlalo uWilliam Bell. “Ngiyadumala uma imidlalo yami ingazikhiphi izinyembezi zezilaleli izikhathi ezintathu ngesonto.” Izigidi zabesifazane namadoda zabo bonke ubudala, izinhlanga nezizinda kungethukela zilahlekelwa imidlalo. Laba bahlanganisa izisebenzi ezivamile kanye nezingcweti ezicebile, nejaji leNkantolo Enkulu yaseUnited States nokade engumbusi. EBrazil izincwadi zemidlalo yethelevishini zinethonya elikhulu phakathi nesikhathi esibalulekile samahora akusihlwa. EUnited States kusukela kubantu abayizigidi ezingama-30 kuye ezigidini ezingama-70 bangase babheke lemidlalo.

Ziyini izici okumelwe uzicabangele ngokuqondene nalezi zinhlelo uma inhliziyo yakho uyinikele kuJehova uNkulunkulu? Ingabe imidlalo enjalo imane iwukuzijabulisa okungenangozi, indlela yokuziphumuza nokususa ingqondo yakho ezinkathazweni zosuku? Khumbula, iBhayibheli liyanxusa: “Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.” (IzAga 4:23) Ngoba inhliziyo iyakhohlisa futhi ingathonyeka kalula, umKristu kumelwe alinganise njalonjalo lokho ayondla ngakho. (Jeremiya 17:9; IzAga 28:26) Kodwa yini lena eyenza lemidlalo ibe ehlaba umxhwele kanjalo?

“Wakha ubuhlobo nomdlali osemdlalweni ngoba umbona cishe zonke izinsuku,” kwavuma esinye isibukeli esineminyaka engama-32 ubudala. “Uma ngizwa okuningi ngaye ngifuna ukwazi ngokwengeziwe. Kwakungokuthile okungokwemvelo kakhulu.” Imidlalo igxila kulesisifiso esingokwemvelo. Uma labadlali beke “bagxila ezinhliziyweni zezilaleli,” kwabhala umbhali wangaphambili wemidlalo, uElaine Carrington, izibukeli “kuyodingeka ukuba zihambisane nesimo . . . ngenxa yalokho ezibazwela ngakho.”

Abadlali baba abangokoqobo futhi uyabakhathalela. Ezinye izibukeli zize “zikhulume nethelevishini” ngomzamo wokucebisa ezibathandayo! Njengoba omunye udokotela athi, abadlali empeleni baba “iqembu labangane.” Ingabe lesisici esiyengayo siyingozi efihlakele? Ingabe lemidlalo kancane kancane ingayonakalisa inhliziyo yomKristu? Yini eye yaboniswa ukuhlola nokuhlangenwe nakho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela