I-TV—‘Uthisha Ofundisa Buthule’
ITHELEVISHINI ingaba ithuluzi elinamandla lokufundisa. Ngayo, sifunda ngabantu nangamazwe mhlawumbe esingasoze sawavakashela. “Siyahamba” siye emahlathini asezindaweni ezishisayo nasezindaweni ezibandayo ezimbozwe yiqhwa, siye eziqongweni zezintaba nasekujuleni kolwandle. Sikwazi ukuhlola umkhakha othakazelisayo wama-athomu nezinkanyezi. Sizibona bukhoma izenzakalo kwezinye izingxenye zomhlaba. Siba nolwazi ngezombangazwe, umlando, izindaba ezisematheni namasiko. Ithelevishini iveza ukuphila kwabantu lapho bebhekana nezinhlekelele nalapho bephumelela. Iyathokozisa, ifundise ize ishukumisele nasesenzweni.
Nokho, okuningi kwalokho okuvela kuyithelevishini akukuhle futhi akufundisi. Mhlawumbe ukugxeka okukhulu kuvela kubantu abangahambisani nhlobo nokuvezwa kobudlova nezenzo zocansi ingcaca kuyi-TV. Ngokwesibonelo, okunye ukuhlola e-United States, kwathola ukuthi cishe izinhlelo ezimbili kwezintathu kuyi-TV zinezigcawu ezinobudlova, ngokwesilinganiso eziyisithupha ngehora. Osemusha uyothi eqambe eba mdala, uyobe esebuke izinkulungwane zezenzo zobudlova nokubulala kumafilimu. Izinhlelo ezinezenzo zocansi nazo ziyinqwaba. Izingxenye ezimbili kwezintathu zezinhlelo ze-TV zihlanganisa ukukhuluma ngocansi, kanti ezingamaphesenti angu-35 zihlanganisa izenzo zocansi, ezivame ukuvezwa njengezingenangozi futhi ezizenzekelayo ezihilela abantu abangashadile.a
Izinhlelo ezibonisa izenzo zocansi nobudlova zihamba phambili emhlabeni wonke. Amabhayisikobho enziwe eMelika anobudlova nezenzo zocansi, ngokuvamile agcina esevezwa kuyi-TV, athengiswa kalula kwamanye amazwe. Ngokuvamile awadingi abantu abazidlala kahle izindima zabo noma indaba ebhalwe kahle, futhi aqondakala kalula. Athembela kakhulu empini, ukubulala, izigcawu ezinezelwe ngemishini, nezenzo zocansi ukuze ababukeli bawanake kakhulu. Nokho, ukuze ababukeli bahlale bebuka kufanele kube khona ushintsho. Ababukeli bayashesha ukukhathala ukubuka into efanayo; obekujabulisa kugcina sekuyinto evamile nje. Ukuze kugcinwe ababukeli benesithakazelo, abadidiyeli bamabhayisikobho bayeqisa ukuze bawenze athuse futhi ajabulise, ngokwandisa izenzo zobudlova nangokwenza izigcawu zibonise izenzo zocansi nesihluku ingcaca.
Impikiswano Ngethonya Le-TV
Kubathinta kanjani ababukeli ukuqhubeka bebuka ubudlova nezenzo zocansi kuyi-TV? Abagxeki bathi ubudlova obukuyi-TV benza abantu babe nodlame futhi bangabi nozwela ngabantu abayizisulu zobudlova bangempela. Bathi futhi ukuboniswa kwezenzo zocansi kukhuthaza ukuziphatha okuxekethile futhi kudicilela phansi izimiso zokuziphatha.
Ingabe ukubuka i-TV kunomthelela ngempela kukho konke lokhu? Sekuphele amashumi amaningi eminyaka kuphikiswana ngalo mbuzo; ucwaningo oluningi kanye nezinkulungwane zezincwadi nezihloko kuye kwakhuluma ngale ndaba. Into okuphikiswana ngayo kakhulu ukuthi kunzima ukuveza ubufakazi bokuthi into ethile ibangela enye—ngokwesibonelo, ukuthi ukubuka ubudlova kuyi-TV kusukela ebuntwaneni kubangela ukuba umntwana abe yisidlova lapho esekhulile. Ngezinye izikhathi kuyinselele ukuveza ubufakazi bokuthi ukubuka ubudlova kwenza ukuba umuntu abe yisidlova. Ngokwesibonelo: Ake sithi uphuza umuthi okokuqala ngqa, futhi ngemva kwamahora ambalwa uqale ukuqubuka. Esimweni esinjalo, kulula ukuphetha ngokuthi umuthi owuphuzile yiwona okubangele ukuba uqubuke. Nokho, ngezinye izikhathi, kuye kuthathe isikhathi ukuba kubonakale ukuthi umzimba awuzwani nento ethile. Uma kunjalo, kungase kube nzima ukusho ukuthi umzimba uqubuke ngenxa yomuthi othile, njengoba ziziningi izinto ezenza ukuba umzimba ungezwani nezinto ezithile.
Ngokufanayo, kuye kwaba nzima ukuveza ubufakazi bokuthi ubudlova obuvezwa kuyithelevishini bubangela ubugebengu nokuziphatha kwabantu ngokungafanele. Ukucwaninga okuningi kusikisela ukuthi kukhona ukuhlobana. Ngaphezu kwalokho, ezinye izigebengu ziye zasho ukuthi isimo sazo sengqondo nokuziphatha kwazo kobudlova kwathonywa yilokho ezazikubona kuyi-TV. Ngakolunye uhlangothi, abantu bachayeke emathonyeni amaningi ekuphileni. Imidlalo yama-video enobudlova, izindinganiso zokuziphatha zabangane namalungu omkhaya, nezimo zokuphila ezivamile—konke lokhu nakho kungaba nomthelela ekuziphatheni okunobudlova.
Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi kunemibono ephikisanayo. Isazi sokusebenza kwengqondo saseCanada sabhala: “Ubufakazi obungokwesayensi abubonisi ukuthi ukubuka ubudlova kubangela ubudlova kubantu noma kubathuntubeze.” Nokho, i-American Psychological Association Committee on Media and Society yathi: “Akungabazeki nakancane ukuthi ukubuka kakhulu ubudlova kuyithelevishini kuyahlobana nokwanda kwesimo sengqondo sobudlova nokuziphatha ngobudlova.”
Ukucabanga Nge-TV
Khumbula, izazi zisaphikisana ngobufakazi—ukuthi bukhona yini obubonisa ukuthi ukubuka ubudlova kubangela ubudlova. Nokho, bambalwa abantu abangathi ithelevishini ayinalo ithonya endleleni yethu yokucabanga neyokwenza. Ake ucabange ngakho. Isithombe esisodwa singasenza ukuba sicasuke, sikhale noma sijabule. Umculo nawo uyayithinta imizwelo yethu. Amagama, ngisho noma ebhalwe phansi, asenza sicabange, sizwele futhi sithathe isinyathelo. Yeka ukuthi lingakanani ithonya uma izithombe ezinyakazayo, umculo namazwi akhulunywayo kuhlanganiswe ngobuciko! Yingakho iheha kangaka ithelevishini! Futhi itholakala kalula. Umlobi othile uthi: “Kusukela umuntu afunda ukudlulisela imibono yakhe ngokuyibhala phansi . . . ayikho enye indlela entsha yokudlulisela imibono eye yaba nethonya kangaka emphakathini.”
Ezentengiselwano zichitha amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane zikhangisa unyaka ngamunye ngenxa yokuthi ziyazi ukuthi ababukeli bathonywa yilokho abakubukayo nabakuzwayo. Aziyichithi leyo mali ngoba zihlawumbisela ukuthi ukukhangisa kungase kusebenze, ziyazi ukuthi kuyasebenza. Kudayisa imikhiqizo yazo. Ngo-2004, inkampani yakwa-Coca-Cola yachitha amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-13,4 ikhangisa imikhiqizo yayo emhlabeni wonke ngezinto ezinyathelisiwe, emisakazweni nakuyithelevishini. Ingabe kwayizuzisa? Le nkampani yenza inzuzo ecishe ibe amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-134 ngalowo nyaka. Abakhangisi bayazi ukuthi isikhangiso esisodwa singase singashukumiseli esenzweni. Kunalokho, bathembela ezikhangisweni zabo esezineminyaka eminingi zikhona.
Uma izikhangiso ezithatha imizuzwana engu-30 zithonya isimo sethu sengqondo nokuziphatha, singaqiniseka ukuthi namahora amaningi okubuka i-TV ayasithonya. Umlobi wencwadi ethi Television—An International History, uthi: “Nakuba wethula ukuzijabulisa nje okuvamile noma okungasho lutho, lo mthombo usebenza njengothisha ofundisa buthule.” Incwadi ethi A Pictorial History of Television ithi: “Ithelevishini iguqula indlela esicabanga ngayo.” Nanku umbuzo okufanele sizibuze wona, ‘Ingabe lokho engikubukayo kuthonya ukucabanga kwami ngendlela engiyifunayo?’
Kulabo abakhonza uNkulunkulu, lowo mbuzo ubaluleke kakhulu. Okuningi kwalokho okuvezwa kuyithelevishini kungqubuzana nezimiso nezindinganiso zokuziphatha ezifundiswa yiBhayibheli. Izindlela zokuphila nemikhuba elahlwa yimiBhalo kuvezwa njengezinto ezamukelekile, ezivamile futhi ezithandwayo. Ngesikhathi esifanayo, izindinganiso zokuziphatha zamaKristu kanye nalabo abaphila ngazo abanakwa, bahlekwa usulu noma baklolodelwe kuyithelevishini. Omunye umlobi wakhala: “Akwanele ukwenza abanhlanhlathayo babonakale benganhlanhlathi. Abantu abavamile kufanele babhekwe njengabanhlanhlathayo.” Ngokuvamile lo ‘thisha ofundisa buthule’ uthi: “Okuhle kubi nokubi kuhle.”—Isaya 5:20.
Kufanele sikuqaphele esikubukayo, ngoba kuyothonya indlela esicabanga ngayo. IBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Isazi seBhayibheli u-Adam Clarke sithi: “Ukuhamba nomuntu kusho ukumthanda nokusondelana naye; futhi akunakwenzeka ukuba singabalingisi labo esibathandayo. Ngakho sithi, ‘Ngibonise abangane bakhe, ngizokutshela ukuthi ungumuntu onjani.’ Ngazise abantu umuntu ajwayelene nabo, ngingaqagela kalula ukuthi uziphatha kanjani.” Njengoba sesibonile, abantu abaningi bachitha isikhathi esiningi nabalingiswa bakuyithelevishini abangahlakaniphile neze, abalingiswa umKristu oqotho abengeke nakancane acabange ukubamemela kwakhe.
Uma udokotela ekunike umuthi onamandla, ubungazicabangela ngokucophelela izinzuzo kanye nezingozi ezihilelekile. Ukuphuza umuthi okungewona—noma ukuphuza kakhulu ngisho nomuthi ofanele—kungalimaza impilo yakho. Kungashiwo okufanayo ngokubuka i-TV. Ngakho-ke, kuwukuhlanipha ukucabangisisa ngalokho esikubukayo.
Umphostoli uPawulu ophefumulelwe wakhuthaza amaKristu ukuba acabange ngezinto eziyiqiniso, ezibaluleke ngempela, ezilungile, ezihlanzekile, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, ezinhle nezikufanelekele ukudunyiswa. (Filipi 4:6-8) Ingabe uyosilalela leso seluleko? Uyojabula uma usilalela.
[Umbhalo waphansi]
a Izibalo zase-United States ziyafana nezakwamanye amazwe, njengoba izinhlelo zethelevishini namabhayisikobho aseMelika kuvezwa emhlabeni wonke.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Ithelevishini iyithuluzi elikuvumela ukuba ujatshuliswe abantu egumbini lakho lokuphumula obungeke ubameme emzini wakho.”—UDavid Frost, umsakazi waseBrithani
[Ibhokisi ekhasini 5]
KUTHIWANI NGOBUDLOVA OBUSEBHAYIBHELINI?
Uyini umehluko phakathi kobudlova nobulili obuvezwa kuyi-TV nobudlova nobulili obuchazwa eBhayibhelini? Ubudlova nobulili okulotshwe ngabo eBhayibhelini kulotshelwe ukuba kufundise, hhayi ukuba kujabulise. (Roma 15:4) IZwi likaNkulunkulu lilandisa amaqiniso angokomlando. Lisisiza ukuba siqonde umbono kaNkulunkulu ngezinto nokuba sifunde emaphutheni abanye.
Emazweni amaningi anezikhangiso, ukuboniswa kobulili nobudloba kuyi-TV akwenzelwa ukufundisa—kwenzelwa ukuthola imali. Abakhangisi bafuna ukuheha abantu abaningi ngangokunokwenzeka, futhi ubulili nobudlova kwenza ababukeli baqhubeke bebuka ithelevishini. Umphumela ukuthi: Bazosibuka isikhangiso bese beyokuthenga lokho okukhangiswayo. Imithombo yezindaba iyasisebenzisa lesi simiso: “Uma kuchitheka igazi, kuhamba phambili.” Ngamafuphi nje, izindaba ezihlasimulisayo—ezikhuluma ngobugebengu, inhlekelele nempi—ziza kuqala kunezindaba ezingahehi kakhulu.
Nakuba iBhayibheli likhuluma ngezenzo zobudlova, likhuthaza abantu ukuba baphile ngokuthula—hhayi ukuba bafune impindiselo kodwa balungise izinkinga ngokuthula. Likhuthaza uziphatha okuhle kobulili ngokungaguquguquki. Lona akuwona umyalezo otholakala kokuningi kwalokho okuvezwa kuyithelevishini.—Isaya 2:2-4; 1 Korinte 13:4-8; Efesu 4:32.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
ITHELEVISHINI NABANTWANA
“Ngokobufakazi obandayo bocwaningo oluye lwenziwa emashumini amaningi eminyaka, ososayensi nabezenhlalakahle abangabazi nakancane ukuthi ukubuka ubudlova kuyingozi kubantwana.”—I-Henry J. Kaiser Family Foundation.
“[Sivumelana] ne-American Academy of Pediatrics ukuthi akufanele ‘abantwana abaneminyaka emibili nangaphansi [babuke ithelevishini].’ Laba bantwana, abasadlula ezingeni elimangalisayo lokukhula kwengqondo, badinga ukudlala nobudlelwane nabantu bangempela ukuze bathuthukise ukukhula ngokomzimba namakhono okuxhumana nabanye abantu.”—I-National Institute on Media and the Family.
[Isithombe ekhasini 6, 7]
Ingabe lokho engikubukayo kuthonya ukucabanga kwami ngendlela engiyifunayo?