Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 2/1 kk. 12-13
  • Ukuxazulula Izinkinga Ngothando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuxazulula Izinkinga Ngothando
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UBarnaba—“INdodana Yenduduzo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • “INdodana Yenduduzo”
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • ‘Ukuqinisa Amabandla’
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • UMarku Akazange Adikibale
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 2/1 kk. 12-13

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Ukuxazulula Izinkinga Ngothando

UJOHN MARK uyahamba uya ekhaya eJerusalema, lapho kuhlala khona unina uMariya. Lokhu kuphakathi nohambo lokuqala lobuthunywa lukaPawulu noBarnaba.—IzEnzo 13:13; 12:12, 25.

Manje sekungunyaka olandelayo. UPawulu noBarnaba balungiselela uhambo lwesibili lwezithunywa zevangeli. UBarnaba ufuna ukuba umzala wakhe uMarku ahambe nabo futhi. Nokho, uPawulu akafuni ukuhamba naye. Uthi: ‘UMarku wasishiya esikhathini esidlule lapho sihamba naye.’ Nokho uBarnaba uphikelela ngokuthi akanikezwe elinye ithuba.

Ngenxa yalokho kungafani kwemibono, “kwase kuqhuma intukuthelo enkulu, baze bahlukana.” (NW) UBarnaba wathatha uMarku wahamba naye. Bakhwela umkhumbi futhi baya esiqhingini saseKhupro ukuba bashumayele lapho. UPawulu, ngakolunye uhlangothi, wakhetha omunye umKristu, uSila, futhi baqala uhambo lokushumayela olwabayisa okokuqala eSiriya.—IzEnzo 15:36-41.

Kuthiwani ngalenkinga phakathi kukaPawulu noBarnaba? Ukuba wawulapho futhi uye wabona lokhu “kuqhuma kwentukuthelo enkulu,” ingabe wawuyophetha ngokuthi uPawulu noBarnaba babengeyona ingxenye yabantu bakaNkulunkulu ngenxa yendlela ababeziphathe ngayo?

Ngempela, lokho kwakungenakuba ukuhlakanipha. Kumelwe siqaphele ukuthi sonke sinokungapheleli esikuzuze njengefa kubazali bethu bokuqala oAdamu noEva. (Roma 5:12) Ngakho-ke “sonke siyakhubeka ngokuningi,” kusho iBhayibheli. (Jakobe 3:2; Roma 3:23) Nokho amaKristu eqiniso awaqhubeki ethukuthelelene noma ebambe amagqubu. Alalela umyalo weBhayibheli: “Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye. . . . Yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.”—Kolose 3:13, 14.

Nokho, ingabe lamaKristu amabili aqhamile, uPawulu noBarnaba, azinqoba izinkinga zawo ngothando? Ake uwabheke lapha. Axoxa ndawonye futhi! (1 Korinte 9:5, 6) Futhi kamuva uPawulu walobela uThimothewu: “Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.”—2 Thimothewu 4:11.

Yebo, nakuba ngezinye izikhathi amaKristu akuqala aba nezinkinga phakathi kwawo, azixazulula ngothando. Ngokuqinisekile singasilandela isibonelo sawo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela