Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 11/15 k. 31
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Indlebe” Yebululu
  • Ophempethwane ESri Lanka Bezwa Umsindo
    I-Phaphama!—1993
  • Ingabe Ungathanda Ukubona Imfezi?
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Izinkolelo-ze Ezivamile Ngezinyoka
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 11/15 k. 31

Ukuqondisisa Izindaba

“Indlebe” Yebululu

Umshwana weBhayibheli okhuluma ngokusankondlo nge“ndlebe” yebululu uye wabekelwa inselele izikhathi eziningi. (IHubo 58:4, 5) Kodwa umagazini waseJalimane ophathelene nempilo yezilwane iGrzimeks Tier, Sielmanns Tierwelt (Izilwane ZaseGrzimek, Izwe Lezilwane LaseSielmann) uye wakhipha isihloko ovumayo ukuthi “siphikisana ngokuqondile” nombono wokuthi “amabululu ayizithulu,” futhi uyaqhubeka ubuze: “Ubani oqinisile—umbono wesayensi noma umlobi wethu?”

Umlobi ulandisa ngebululu elalihlala endaweni yakhe eSri Lanka esidulini somuhlwa. Wacela umthonyi wezinyoka ukuba abambe lenyoka yasendle futhi ayidansise. Umlobi uyabika: “Ngemva kokuba sengisiqinisekisile isivakashi sami ukuthi ngempela kwakunebululu elalihlala lapho, sahlala phambi kwesiduli somuhlwa futhi saqala ukudlala umtshingo waso. Ngemva kwesikhathi eside—ngangingasakholelwa ukuthi kwakusekhona okwakungenzeka—ibululu lakhipha ikhanda lalo ngaphandle komgodi amasentimitha ambalwa. Ngaphambi kokuba inyoka ivule umlomo wayo umthonyi wagijima wayibamba ikhanda ngeminwe yakhe emibili nesithupha.” Kanjalo iNdiya layidansisa ngempela inyoka. Kulendaba nokho, ibululu ngempela ‘lalilalela izwi lomthonyi.’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela