Ubani Owukuphela Kothembekileyo?
Ukwazisa okukulesihloko nezimbili ezilandelayo ezifundwayo kwanikezwa ngosuku lokuvula umhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova “Wokwethembeka Embusweni.” Lemihlangano yobuKristu eyaqhutshwa enyakatho naseningízimu phakathi nezinyanga eziyisishiyagalombili ezidlule, yahanjelwa abantu abayizi-3 028 796, nabangabayizi-33 627 ababhapathizwa. Kuyisikhathi manje sokubukeza lapha lokhukudla okuhle okungokomoya, njengoba amalungiselelo enzelwa elinye idili ellcebile ehlobo elizayo eMihlanganweni Yesigodi Ye“Qiniso LoMbuso.”
OKUNGUKUYENA ovelele emhlabeni nasezulwini ngemfanelo yokwethembeka uMdali uqobo lwakhe! Zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile ziyithola kuye lemfanelo. Abantu abakwazisa ngempela ukuthembeka bangazikhalela kuye ukuba asebenzise ukwethembeka uma kudingekile. Kanjalo ngaphandle kokugabadela, inceku yenzalamizi uAbrahama, ukhokho wamakhosi, yacela kuJehova njengoNkulunkulu wenkosi yayo ukuba abonise uthando lwakhe oluqotho. (Genesise 24:14) Umzukulu ka-Abrahama, uDavide, lapho esohlwini lobukhosi phezu kukaIsrayeli wakhuluma ngokuvela kokuhlangenwe nakho kwakhe siqu wathi ehutsheni ayelibhekisele kuJehova: “Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile.” (2 Samuweli 22:26; AmaHubo 18:25) Futhi, umprofethi uMose, owayemelele inkosi yasezulwini, uJehova, esizweni sakwaIsrayeli, wayiphakamisa imfanelo yokuthembeka kuJehova uNkulunkulu, lapho ebusisa isizwe sabapristi samaLevi ethi:
“Amathumimi namaUrimi akho akuye, [uLeyi] othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba, owathi ngoyise nangonina: Angibabonanga, angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele [amaLevi] izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.”—Duteronomi 33:4, 5, 8, 9.
Ngaphandle kokungabaza umprofethi uMose wayengahlanganyela ekuculeni iculo elaliqanjwe eminyakeni engaphezu kwe-1 600, elibizwa ngokuthi “igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu [uJesu Kristu],” amazwi alo athi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile ziqinisile izindlela zakho wena—Nkosi yezizwe; ngokuba ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuwa zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.”—IsAmbulo 15:1-4.
Umhubi uDavide wenza isilinganiso esifanayo salezozimfanelo zaphezulu, ngoba wabhala: “UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.” (AmaHubo 145:17) UJehova njengomahluleli omkhulu uyosingatha udaba lwalabo abamkhulekelayo nabamkhonzayo, njengoba ingelosi ibikwa njengethi kuye: “Ulungile wena okhona nowawukhona, ongcwele, ngokuba wakunquma lokho.”—IsAmbulo 16:4, 5.
Ngolimi lomprofethi uMose nomhubi uDavide, igama lesiHeberu lo“kwethembeka” esixoxa ngalo liqukethe umqondo womusa, wokuba nomusa wothando. Abanye abahumushi beBhayibheli bakhetha ukuhumusha igama lesiHeberu (hhesʹed) ngokuthi “umusa-wothando.” Kuyindlela yomusa yokubheka izinto uma sibheka ukuthembeka njengento ewumusa, njengento ecabangela izinto ezithile okungamelwe zinganakwa, ukuze ukuthembeka kungabi yinto ebandayo, into emane nje yasekelwa emthethweni noma ekulungeni. Kuyimfanelo yomuntu siqu eshukunyiswa uthando nokwazisa.
Sikhumbula indlela umbusi othile ezweni laseKhanani abona ngayo ukuthi uNkulunkulu weqiniso wayenoAbrahama owayegogobele lapho, ngakho weza kuAbrahama wathi: “Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, awuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.” (Genesise 21:22, 23) Sizokhumbula futhi ukuthi kwaba kanjani, lapho uAbrahama kamuva ethumela inceku yakhe uEliyezeri ukuyotholela indodana yakhe ethandekayo ulsaka umfazi, lenceku yakhuleka kuJehova uNkulunkulu yathi: “Ibe yileyo-ke [esichazwe ngenhla] oyimisele inceku yakho ulsaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.”—Genesise 24:14.
Ukuthembeka Kuphi?
Inzalamizi uAbrahama yakufeza eyayifunge ukukwenza kulowombusi wezwe laseKhanani, futhi uJehova uNkulunkulu wenza lokho inceku ka-Abrahama, uEliyezeri eyakucela kuye emthandazweni, futhi walungiselela ulsaka umfazi ofanelekile. Nokho, ngaphezu kwazo zonke ezinye izinto, uthembeke kukuphi uJehova uNkulunkulu oPhezukonke? Kusembusweni wakhe, ebukhosini bakhe, ngoba ngokufanelekile ungumbusi phezu kwakho konke akudalileyo. Akanakuzishintsha kulokho ayikho ngempela. Ekugcwalisekeni kwesivumelwano esingenakuguquka asenza noAbrahama waba yinkosi ohlwini olukhethekile lozalo luka-Abra hama, isizwe sakwaIsrayeli, ikakhulukazi lapho uNkulunkulu esikhulula ebugqilini ezweni laseGibithe esiletha eZweni LeSithembiso ngo-1467 B.C.E. Khona-ke eminyakeni engama-350 uJehova wabanikeza abameleli bakhe ababonakalayo ngohlobo lwabahluleli kwehle kuze kube sezinsukwini zikamaHluleli uSamuweli. Ngesikhathi unina, uHana, emnikela enkonzweni engcwele kaNkulunkulu etabemakele elingcwele laseShilo, washo isiprofetho esakhomba phambili enkosini ebonakalayo esikhathini esizayo eyayizobusa isizwe sakwaIsrayeli, ethi: “UJehova uyokwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”—1 Samuweli 2:10.
Kuzo zonke lezozinsuku zikamahluleli uSamuweli amaIsrayeli acela ushintsho lombuso owawuphethe. Athi kumahluleli uSamuweli: “Sibekele inkosi ukuba isahlulele.” Lokhu akubanga kubi kuSamuweli kuphela kodwa nakuJehova uNkulunkulu. Wathi kuSamuweli: “Ngokuba akusuwe abakulahlileyo [njengomahluleli], kepha balahlé mina, ukuze ngingabiyinkosi phezu kwabo.” (1 Samuweli 8:1-7) UNkulunkulu wabavumela ukuba babe nenkosi engumuntu ebonakalayo, uSawule indodana kaKishi. Nokho, akazange ayeke ukuba inkosi phezu kwabo. Ngokuqondene nenjongo yesivumelwano sakhe, uJehova wabonakalisa ukuthembeka ebukhosini bakhe basezulwini obungabonakali phezu kwabantu bakhe abakhethiweyo. Inkosi yabo yesibili engumuntu kwakunguDavide owake waba umalusi, indodana kaJese wasedolobheni laseJudiya iBethlehema.
Ukwethembeka kwavela kanjani ngesikhathi sobukhosi bukaDavide? Futhi lokhu kwakufanekiselani? Futhi impikiswano yokwethembeka isithinta kanjani namuhla? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula lemibuzo.