Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 9/1 kk. 10-11
  • Isizathu Sokuba UMarta Akholelwe Ovukweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isizathu Sokuba UMarta Akholelwe Ovukweni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngiyazi Ukuthi Uyovuka”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Uvuko—Lobani, Futhi Kuphi?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • “Ngiyakholelwa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • “Ngiyakholelwa”
    Lingisa Ukholo Lwabo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 9/1 kk. 10-11

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Isizathu Sokuba UMarta Akholelwe Ovukweni

LAPHO ezwa ukuthi uJesu uyeza, uMarta waya komhlangabeza. Wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.” Ebona ukudabuka kwakhe, uJesu wamduduza ngalamazwi: “Umnewenu uzakuvuka.” UMarta waphendula, njengoba uzibonela: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”—Johane 11:17-24.

Kungani uMarta ayenokholo oluqinile lokuthi umnewabo uLazaru wayezovuswa? Phela wayazi, ngokwesibonelo, ukuthi eminyakeni eminingi edlule abaprofethi bakaNkulunkulu uEliya noElisha, ngamandla kaNkulunkulu, ngamunye wayevuse umntwana. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37) Futhi wayazi ukuthi umuntu ofileyo wayevusiwe lapho ephonswa emgodini futhi ethinta amathambo kaElisha ofile. (2 AmaKhosi 13:20, 21) Kodwa okwaqinisa ukholo lwakhe kakhulu ovukweni kwakuyilokho uJesu ngokwakhe ayekufundisile futhi wakwenza.

Eminyakeni engaphezu kwemibili ngaphambili uJesu wayethé: “Ningamangali ngalokhu, ngoba siyeza isikhathi lapho bonke abasemathuneni okukhunjulwa beyolizwa izwi layo futhi baphume.” (Johane 5:28, 29, NW) Kuze kube yilesosikhathi akukhomlando weBhayibheli wokuthi uJesu wayevuse noma ngubani. Kodwa ngokushesha kamuva wavusa indodana yomfelokazi okwakuwukuphela kwayo emzini waseNayini. Izindaba zalokhu zasakazekela eningizimu eJudiya, ngakho-ke uMarta ngokuqinisekile wayekuzwile lokhu. (Luka 7:11-17) Kamuva uMarta futhi ngokuqinisekile wayezwe imibiko ngokuvusa kukaJesu indodakazi kaJayiru eyayineminyaka eyi-12.—Luka 8:40-56.

Nokho uMarta wayengamlindele uJesu ukuba avuse umnewabo ngalesisikhathi. Yingakho athi: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.” Nokho, ukuze agxilise kuMarta ingxenye ayenayo ekuvuseni abafileyo, uJesu wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila.” Khona-ke wavusa uLazaru, ngisho nakuba uLazaru ayesefe izinsuku ezine!—Johane 11:24-27, 38-44.

Thina namuhla sinesizathu esiqine ngokungaphezulu sokukholelwa ovukweni. Ngani? Ikakhulukazi ngenxa yokuvuswa kukaJesu Kristu ngokwakhe. “UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke,” kwasho uPetru. (IzEnzo 2:32) Akukho kuthandabuza ngokuthi uJesu wavuswa kwabafileyo, ngoba ngemva kwalokho wazibonakalisa ephila kubafundi bakhe abaningi, ngesinye isikhathi kwabangama-500 babo. (1 Korinte 15:3-8) Ngakho-ke abafundi bakhe bakholelwa kakhulu ovukweni kangangokuba babezimisele ukubhekana nokushushiswa ngisho nokufa ukuze bakhonze uNkulunkulu. Ingabe unalo lolohlobo lokholo ngovuko?

[Izithombe ekhasini 10, 11]

UVUKO

Olwenziwa uEliya

Olwenziwa uElisha

“Nkosi, . . . ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni”

Olwenziwa uJesu

ULazaru ‘uyaphuma’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela