Amasonto Ayahileleka
“YISIKHATHI sokuba abantu abesaba uNkulunkulu babe namandla kuhulumeni.” Lawa amazwi omfundisi waseCalifornia. Ingabe uvumelana naye, ukuthi abantu benkolo kumelwe bahileleke kwezombangazwe? Abaningi bayavuma, njengoba bebheka ngokumangala ukuwa kwezinga lokuziphatha okuhle, ukwanda kobulelesi, ukuncipha komnotho, ukukhungatheka kwezwe lonke, ubumpofu nendlala nokungakholwa okwandayo emhlabeni wonke.
Kuyiqiniso, eziningi zalezinkinga ziwumthwalo wohulumeni. Kodwa ngokuvamile ohulumeni abanalo usizo. Okubi kakhulu, abaningi boniwé abantu ababi. Imibiko yokonakala nokukhohlisa iye yanciphisa ukwethembela kwabantu kohulumeni babo ngezinga lokuba abaningi bavumelane nomama oseqinile owathi: “Ngiqala ukucabanga ukuthi sonke isimiso sezombangazwe siye sonakala futhi saba esibi.”
Ngakho-ke, kuye kwaba umuzwa wabantu abaningi abaqotho ukuthi inkolo kumelwe izame ukusiza. Banomuzwa wokuthi inkolo imelele uNkulunkulu, futhi bakholelwa—ngokuqondile—ukuthi okukhulu kunolwazi lomuntu lokwenza izinto kuyadingeka ukuze kuxazululwe izinkinga zomuntu. Bathandazela usizo, kodwa abaqiniseki ngendlela uNkulunkulu ayobasiza ngayo. Banomuzwa wokuthi mhlawumbe kukubona ukuba benze okuthile. Ngakho-ke, bafuna ukubona “abantu abesaba uNkulunkulu” behileleka kwezombangazwe ukuze balethe okuthile ko“bunkulunkulu” kuhulumeni. Abefundisi, abapristi nabantu abazinikezele benkolo bahileleka ngokuqhubekayo kwezombangazwe.
Ingabe lena indlela engcono yokuba inkolo isize namuhla? Ake sicabange ngalokho abanye benkolo abakwenzayo, futhi sibone abathemba ukukufeza.
Inkolo Kwezombangazwe
EUnited States ezinye izinkolo zinelungelo lokuveza imibono enhlokodolobha yesizwe, zizama ukuthonya izishayamthetho. Yini ezithemba ukuyifeza? Umpristi wamaKatolika wachaza: “Sinomuzwa wokuthi sinethonya elikhulu kakhulu ezimweni eziqotho lokulungisela isizwe isimo sezombangazwe.” Umfundisi ongumProtestani wanezela: “Kufanele sikwazi ukuthi kuhulumeni: ‘wenze into engalungile; ukhethe ukuthatha indlela engalungile.’”
Ukuveza imibono okunjalo kuye kwaqhubeka ngendlela enokuhlakanipha isikhathi eside. Isehlakalo samuva nje—futhi sobudedengu—kuye kwaba ukufufusa kwamaqembu anesithakazelo esikhethekile ahlelwe amalungu amaProtestani. Lamaqembu, njengeMoral Majority eUnited States, aye akhuluma ngokunamandla ezimpikiswaneni ezinjengokusekela elakwaIsrayeli, amalungelo ongqingili, isivumelwano sokuthula sasePanama Canal, ukulondeka kwaseTaiwan nokukhishwa kwezisu. Abezombangazwe baye bafunda ukungalideleli ithonya labo. Izigele ezasekela izinhlelo ezingazithandi ziye zakhishwa ezikhundleni.
UMkhandlu Wezwe Wamasonto ozinze eYurophu, wahileleka kwezombangazwe ngenye indlela. Kusukela ngo-1970, UMkhandlu uye wanikela ama-R2 880 000 abikiwe ezinhlanganweni ezihlukahlukene zezombangazwe ezivukela imibuso.
Futhi, abanye abefundisi abagcotshiwe bafuna izikhundla zekhethelo kuhulumeni. Nokho, isihloko samuva sephephandaba senza isibonelo salokhu okungaba mhlawumbe isiphetho ekuhilelekeni kwezombangazwe: “Abapristi basePhilippine bashiye izifunda zabo, bangenela ubumbuka.” Isihloko sakhuluma ngabapristi abane bamaKatolika abajoyina inhlangano yamaKhomanisi yezempi. Ukuhileleka okunamandla kanjalo ezinhlanganweni ezibelesela uhulumeni ukuba enze ngcono inhlalo yabantu kwande kakhulu, kodwa kuye kwasho ukulahlekelwa okukhulu. ELatini America kuye kwaholela ekubulaweni, ekuthunjweni noma ekudingisweni kwabapristi ababalelwa ema-850, nezindelakazi nabantu abaphansi phakathi neminyaka eyishumi eyedlule.
Uwubheka kanjani umsebenzi wezombangazwe walabaholi benkolo? Ingabe uyawuhalalisela? Noma uyangabaza? Kungase kube ukuthi awukwali ukukhuluma okuqondile kwenkolo ezimpikiswaneni zezombangazwe kodwa ukhathazekile ngokujoyina kwabapristi amaqembu avukela imibuso.
Kodwa, uma sivumelana nanoma ikuphi ukuhileleka kwenkolo kwezombangazwe, kunzima ukusho ukuthi kukuphi lapho imelwe igcine khona. Uma kuvumelekile kwabanye abefundisi abamisiwe ukuba baveze imibono ngokuqondile enhlokodolobha ngezimiso abanomuzwa wokuthi zilungile, kungani kukubi ngamalungu amaProtestani ukuba ahlele amaqembu acindezelayo ahlanganisa zonke izingxenye zombuso ukuze aphumelelise izimiso ezibalulekile kuwo? Futhi, uma iMoral Majority ingakhulumela ukuvikela elakwaIsrayeli, kungani uMkhandlu Wezwe Wamasonto ungenakunikela imali ezimbangeleni zempi ozisekelayo? Futhi uma lokho kungekubi, kungani kungamukeleki ukuba, esikhundleni sokuba bakhokhele abanye abantu ukuba bazifake engozini, kube yibona abapristi bamaKatolika ngokwabo abalwela futhi bafele imigomo abayisekelayo eNingizimu Melika naseAsia?
Kodwa nokho . . . ingabe uyakubona okuthile okungalungile kuloluhide lokucabanga? Ingabe lokhu ngempela kuyindlela engcono yokuba inkolo isize isintu kulezinsuku ezinzima?
Akukusha ukuba inkolo izame ukuthonya ezombangazwe. Kulelishadi elisekhasini le-4 kubhalwe izehlakalo ezithile eziqhamile lapho inkolo nezombangazwe kwakuhlangene.
[Ibhokisi ekhasini 4]
◻ Ngo-1095 UPapa Urban II wakhipha isicelo sokuba amabutho aseNtshonalanga “ayolekelela abafowabo abaseChristian East” ngokumelene nabaseTurkey. Umphumela waba iMpi yokuqala yeNkolo nenhlangano yeZimpi Zenkolo, kanjalo emakhulwini amabili kuye kwaphumela ekuchithweni kwegazi okukhulu.
◻ Ekhulwini le-12 uPapa Adrian IV wanika ngokomthetho inkosi yamaNgisi, uHenry II, izwe laseIreland, kanjalo eqinisa (phambi kwamakholwa) ukuthatha kwamaNgisi lelozwe.
◻ Ngo-1524 izimpofana eJalimane—ngokwengxenye yethonya lezimfundiso zikaMartin Luther—zabhikisha. Nakuba ekuqaleni wayevumelana nalenhlangano, ngo-1525 uLuther waluleka amakhosi aseJalimane ukuba achithe “Uquqaba Lwezimpofana, Ezihahayo, Ezihlose Ukubulala.” Amakhosi alandela iseluleko sakhe ngonya olukhulu.
◻ Ngo-1618 imizamo yenkosi ekhethiwe yaseBohemia yokuphoqelela ubuKatolika kubantu abaningi bobuProtestani yanezela ekususeni iMpi Yeminyaka Engamashumi Amathathu.
◻ Ngo-1918 amasonto eLobukholwa asebenzisa ithonya lawo ukuba asekele iNhlangano Yezizwe. Kodwa lokho akuyenzanga ukuba iphumelele. Emva kweminyaka engamashumi amabili kuphela izwe lase lingene shí empini esabeka kakhulu emlandweni wonke womuntu. Manje amasonto eLobukholwa aye anika amandla iZizwe EziHlangane, kodwa izizwe zihlome kakhulu futhi azizwani kakhulu kunangaphambili.