Imibuzo Evela Kubafundi
● Emfanekisweni wa“matalenta,” obani abamelelwe izinceku ezintathu?—Mathewu 25:14-30.
Njengoba izinceku zontathu zisendlini ‘yomninimuzi,’ kufanele zimelele zonke izindlalifa ezilindelekile zombuso wasezulwini, ezinamakhono namathuba ahlukene okuthuthukisa izithakazelo zoMbuso. Kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke kuze kube sosukwini lwanamuhla, ezinye izinceku ezigcotshiwe zaba namakhono, amandla namathuba amaningi okwandisa lokho inkosi “enakho” eyabanika ukuba bakunakekele. Abaphostoli nabanye abanamalungelo amakhulu baba sesigabeni sabathola “amatalenta” amahlanu. Izimo zabanye zaziyobavimbela, uma kuqhathaniswa, kulokho ababeyokwazi ukukwenza. Nokho, bonke kwakumelwe babe ngomphefumulo wonke ekuzinikezeleni nasekusebenzeni, futhi bonke bathole umvuzo ofanayo.
Ngisho nenceku eyayinikezwe “italenta” elilodwa yayinganqunyelwanga kusengaphambili ukuba ihluleke. Ukuba yayikwazile ukuzalanisa “italenta” elilodwa okungenani abe mabili, kungenzeka ukuthi yayiyothola umvuzo ofanayo woku‘ngena ekuthokozeni kwenkosi.’ Ngenxa yokuthi yazibonakalisa iyinceku “embi nevilaphayo,” yamelela lezozindlalifa zoMbuso ezilindelekile ezaziyoshintsha zingathembeki. Azilahlekelwanga kuphela amalungelo azo kodwa futhi nanoma imuphi umvuzo.
Amalungu eLobukholwa athi ayizinceku zeqiniso zikaJesu Kristu, iNkosi kodwa amazwi nezenzo zawo aveza ukungafaneleki kwawo nanoma ikuphi ukusho angase akwenze kokuthi angabendlu beNkosi. Kanjalo ababonakali benengxenye njengezindlalifa ezilindelekile zombuso wasezulwini.