Ifa Lethu Lokugula
UMBHANGQWANA omusha wawujabule kakhulu! Kwakuyinjabulo ukubona ukulangazela kwawo okukhanyayo njengoba ulindele ukuzalwa komntwana wawo wokuqala. Khona-ke umntwana wazalwa, intombazane encane. Kodwa wayekhubazeke ngokwedlulele. Wayengeke akwazi ukuphila impilo evamile. Ngumuntu ongumzali kuphela ongaqondisisa ukushaqeka kwabo nosizi.
Ungumfundi esikoleni esiphakeme, uhlonishwa othisha bakhe futhi uyathandeka kubangane bakhe. Wonke umuntu wayebikezele ikusasa elikhanyayo neliphumelelayo ngaye? Phakathi nalokho, ngonyaka wakhe wokugcina esikoleni, waba nezinhlungu emilenzeni. Ukuxilonga kwembula ukuthi wayenokuqina kwezinyama. “Kungani kuba kimina?” uyabuza. “Kungani manje?”
Ingabe uphathwa ikhanda, njengalo owesifazane? Noma ingabe uphakathi kwezigidi ezibhekana nokungasebenzi kahle kwesisu, ubuhlungu ezicutshini, ubuhlungu obubi beqolo, ukudluthuleka komzimba okwesabekayo, isifo semizwa. ukuqaqamba kwamalungu noma okuthile okufana nakho? Izinkinga ezinjengalezi azivamile ukubulala, kodwa ziyasephuca injabulo ekuphileni. Zenza ezinye izinsuku zibe nzima kakhulu.
Ingabe likhona ithemba lokuthi izimo ezinjalo ngolunye usuku ziyosuswa? Ingabe siyofika isikhathi lapho umuntu engasenakuphinde ezwe ubuhlungu obubangelwa izitha zakhe ezindala, ukugula nokufa? Noma ingabe ziyingxenye ehlala njalo yesimo sabantu?