Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 1/15 kk. 3-4
  • Lapho Kwenzeka Okubuhlungu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kwenzeka Okubuhlungu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Lapho Wehlelwa Inhlekelele
    I-Phaphama!—2014
  • UJesu Uvusa Indodana Yomfelokazi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 1/15 kk. 3-4

Lapho Kwenzeka Okubuhlungu

NGOKUSOBALA lomkhaya wawungenakho okuningi okuyizinto ezibonakalayo. Nokho wawunokuningi owawungabonga ngakho. Indawo yawo yayikhiqiza, isimo sezulu sifudumele kahle engxenyeni enkulu yonyaka, futhi wawusendaweni enhle kakhulu.

Idolobha labo laseNayini lalimi kahle emathafeni avundile ase-Esdraelon ohlangothini olungasenyakatho-ntshonalanga yegquma laseMore. Usemzini wawo lomkhaya wawungase ubheke ngaphesheya kwesigodi esiluhlaza ubone amagquma anamahlathi aseGalile akude ngamakhilomitha ambalwa nje. Futhi, lena kude kubonakala isiqongo esimbozwe iqhwa sentaba iHermoni nezintaba zaseLebanoni ziyabonakala. Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani ekupheleni kosuku ukuhlala phezu kwendlu ubuke lombukwane—bobathathu nje bendawonye—indoda, umkayo nendodana yabo encane!

Khona-ke ngolunye usuku kwenzeka okubuhlungu—indoda yafa. Yeka ubuhlungu! Manje sasingasenakuba khona lesosikhathi sokuhlala ndawonye ngokuthula ntambama. Nokho owesifazane waduduzwa iqiniso lokuthi wayesenayo indodana yakhe. Amathemba akhe, izifiso nokulangazela kwaxhomeka ekusaseni layo. Ngalendlela kwaphinda futhi ukuphila kwaba nenjongo.

Kodwa kwaphinda futhi kwenzeka okubuhlungu. Kwafa indodana. Manje wayengasekho ayengathola induduzo kuye. Usizi lwalomfelokazi lwalulukhulu lapho kulungiselelwa ukungcwatshwa kwendodana.

Mhlawumbe ujwayelene nomuzwa wobuze ofika ngokulahlekelwa othandekayo. Yeka indlela ozizwa ucindezeleke ngayo futhi ungenalusizo ngayo! Ngempela ukufa kuyisitha esibi. Ngezikhathi ezinjalo, umuntu ukhathalela kakhulu ikusasa labafileyo. Ingabe likhona ngempela ithemba ngabo?

Ake ucabange nje uma othile engafika abambe isandla sothandekayo wakho ambuyisele kuwe ephila futhi. Yeka injabulo obungaba nayo! Yeka ukuthi bekungaba kuhle kanjani!

‘Kodwa lokho akunakwenzeka,’ ungase usho. Ngempela, akukaze kwenzeke esikhathini sethu. Kodwa kuye kwenzeka ngaphambili. Abesifazane baye bamukela abafileyo babo ngovuko.

Kwenzeka nini lokhu? Kungani singakukholelwa? Kusho ukuthini ngathi namuhla?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela