Usizo Ekubhekaneni Nezinkinga
Ingabe uyalufuna usizo olunjalo? Omunye wesifazane uthi umkhaya wakhe uye waluthola luvela ekufundeni incwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Uyaloba:
“Lapho sengiqalise ukuyifunda angikwazanga ukuyeka. . . . Ngathola ukuthi lencwadi ibaluleke kakhulu ngoba namuhla, kunanini ngaphambili, sithola ukucindezela kwalesimiso futhi sifuna ukukukhipha emikhayeni yethu. Kodwa manje, ngokubheka izahluko ezahlukene, singabhekana nezinkinga futhi sithole okungcono kakhulu esikhathini esisichitha ndawonye njengomkhaya.”
Ukufunda ndawonye izahluko esinjengesithi “Ukubaluleka Kokuyala Ngothando” nesithi “Ukwenza Ukuxoxa Kube Lula Njalo” kuye kwasiza imikhaya eminingi ukuba ixazulule izinkinga. Zitholele lencwadi ngokugcwalisa nokuthumela lelipheshana elingezansi.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi ayi-192 ethi “Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise.” Ngithumela 70c.