IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Imikhosi Yokukhululwa
YEKA ukukhululwa okumangalisayo okwaba yikho! Isizwe sakwaIsrayeli sasisebugqilini eGibithe, futhi uFaro wenqaba ukubadedela bakhululeke. Ngakho uJehova wayaleza ukuba amaIsrayeli abulale imvana afafaze igazi ezinsikeni zeminyango nasemakhothameni ezindlu zawo, njengoba ungabona. Ngabo lobobusuku ingelosi kaJehova yadlula ezindlini ezinegazi ezinsikeni zeminyango kodwa yabulala amazibulo esilisa ezindlini zabo bonke abaseGibithe. Kulokho uFaro wadedela amaIsrayeli akhululeka.
Ingabe ukukhululwa kwamaIsrayeli kwakuphelele ngempela? Nokho, amazibulo abo aphila; babekhululiwe ebugqilini baseGibithe futhi ekugcineni bangeniswa ‘ezweni elivama ubisi nezinyosi.’ (Eks. 13:5) Kodwa abantu babesagula; beguga futhi befa. Babengakhululiwe esonweni nasemphumeleni waso, ukufa.
Kamuva, uJesu Kristu waba-khona emhlabeni. Ngolunye usuku uJohane, owabhapathiza uJesu, wabhekisela kuye wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.” (Joh. 1:29) Njengoba igazi lemvana yePhasika lalisho ukukhululeka kwamazibulo amaIsrayeli, ngakho igazi likaKristu elithululiwe lingakhulula. Lingaletha ukukhululeka okuphakeme, okuphelele. Labo abanokholo emhlatshelweni kaKristu izono zabo ziyosuswa. (Joh. 3:16, 36) Bayokwazi ukuphila phakade bengagugi, bengaguli bengafi.—IsAm. 21:4.
UJesu wamisa isidlo esikhethekile sokugubha lokhu kukhululwa okuhle, futhi ikakhulukazi njengoba kuphathelene nalabo abavuselwe ukuba babe izindlalifa kanye naye embusweni wezulu. Kusihlwa ngaphambi kokubethelwa kwakhe, uJesu wanika abaphostoli bakhe abathembekile isinkwa wathi: “Thabathani nidle. Lokhu kungumzimba wami.” Khona-ke wabanikeza isitsha sewayini wathi: “Phuzani nonke kuso ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.” Futhi, uJesu wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”—Math. 26:26-28; Luka 22:19, 20.
Ngakho kwakuzoba umkhosi wayo yonke iminyaka ukukhumbula ukufa kukaJesu. Kulomkhosi okhethekile lokho okushiwo ukufa kukaKristu, hhayi kuphela ezindlalifeni zoMbuso kodwa futhi kuso sonke isintu esikholwayo, kuyabukezwa futhi kuthinta ngokujulile ingqondo nenhliziyo. NgoApril 8, usuku lokukhumbula ukufa kukaKristu kulonyaka, oFakazi BakaJehova bayakwemukela ukuba uhlanganyele nabo kulomkhosi wesikhumbuzo. Yiba khona eHholo LoMbuso eliseduze nawe. Thola isikhathi esiqondile koFakazi BakaJehova abasendaweni yakini.